Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • cl isahl. 15 kk. 148-157
  • UJesu ‘Uletha Ubulungisa Emhlabeni’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu ‘Uletha Ubulungisa Emhlabeni’
  • Sondela KuJehova
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukhamba Lufuze Imbiza
  • UJesu Ucacisa Ukuthi “Ubulungisa Buyini”
  • Isibonelo Esiphilayo Sobulungisa
  • INkosi EnguMesiya ‘Iletha Ubulungisa Emhlabeni’
  • UJehova—Umthombo Wobulungisa Nokulunga Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • “Konke Akwenzayo Kunobulungisa”
    Sondela KuJehova
  • Ukulunga Ngokushesha Kuzo Zonke Izizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Lingisa UJehova—Bonisa Ubulungisa Nokulunga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
Sondela KuJehova
cl isahl. 15 kk. 148-157
UJesu uketula itafula labashintshi bemali futhi ubayala ukuba baphume ethempelini.

ISAHLUKO 15

UJesu ‘Uletha Ubulungisa Emhlabeni’

1, 2. Yisiphi isikhathi uJesu athukuthela ngaso, futhi kungani?

UJESU wayebonakala ukuthi uthukuthele​—futhi kufanele. Kungase kube nzima ukumcabanga ekuleso simo ngoba wayengumuntu omnene. (Mathewu 21:5) Wayelokhu ezibambile ngoba eyakhe intukuthelo kwakungeyokulunga.a Kodwa wayecasulwe yini kangaka lo muntu othanda ukuthula? Ukungabi nabulungisa okubi kakhulu.

2 UJesu wayelithanda ithempeli laseJerusalema. Emhlabeni jikelele kwakuwukuphela kwendawo engcwele eyayinikezelelwe ukuba kukhulekelwe kuyo uYise wasezulwini. AmaJuda ayevela ezindaweni eziningi ayehamba amabanga amade eyokhulekela khona. Kwakufika ngisho nabeZizwe abesaba uNkulunkulu, bangene egcekeni lethempeli elaligcinelwe bona. Kodwa ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wangena ethempelini wabona into eyamshaqisa. Phela kwakusengathi kusemakethe kule ndawo, hhayi endlini yokukhulekela! Kwakugcwele abathengisi nabashintshi bemali. Pho, yini eyayingebona ubulungisa lapho? Kula madoda, ithempeli likaNkulunkulu lalimane nje liyindawo yokuxhaphaza abantu​—yokubaphanga ngisho nokubaphanga. Kanjani?​—Johane 2:14.

3, 4. Yikuphi ukuxhaphaza kobugovu okwakwenziwa endlini kaJehova, futhi yisiphi isinyathelo uJesu asithatha ukuze alungise izinto?

3 Abaholi benkolo babenqume ukuthi uhlobo olulodwa kuphela lohlamvu lwemali okwakungakhokhwa ngalo intela yethempeli. Izivakashi kwakudingeka zishintshe imali yazo ukuze zithole lezo zinhlamvu. Ababeshintsha imali babebeka amatafula abo phakathi ethempelini, bekhokhisa imali ngokushintsha kwabo imali. Ibhizinisi lokudayisa izilwane nalo lalihamba kahle kakhulu. Izivakashi ezazifuna ukwenza imihlatshelo zazingathenga kunoma imuphi umthengisi edolobheni, kodwa izikhulu zethempeli zazingase ziyenqabe iminikelo yazo zithi ayifaneleki. Kodwa iminikelo eyayithengwe ethempelini yona yayamukelwa ngezandla ezimhlophe. Njengoba abantu babesemseni wabo, abathengisi babebiza imali emba eqolo ngezinye izikhathi.b Lokhu kwakukubi ngaphezu kwezentengiselwano ezikhohlakele. Kwakufana nokuphanga!

4 UJesu akakwazanga ukubekezelela ukungabi nabulungisa okunjalo. Kwakuyindlu kaYise le! Wenza isitswebhu ngezindophu waxosha imihlambi yezinkomo nezimvu ethempelini. Wabe eseqonda ngqo kwababeshintsha imali wagumbuqela amatafula abo. Cabanga nje zonke lezo zinhlamvu zigingqikela phansi endaweni eyenziwe ngemabula! Ngezwi eliqinile wayala amadoda ayethengisa amajuba: “Susani lezi zinto lapha!” (Johane 2:15, 16) Kubonakala sengathi akekho owaqunga isibindi sokuphikisana nale ndoda enesibindi.

“Susani lezi zinto lapha!”

Ukhamba Lufuze Imbiza

5-7. (a) Ukuba khona kukaJesu ngaphambi kokuba ngumuntu kwawuthonya kanjani umuzwa wakhe wobulungisa, futhi yini esingayifunda ngokutadisha isibonelo sakhe? (b) Yini uJesu ayenzile ngokungabi nabulungisa okwabangelwa uSathane, futhi yini azoyenza esikhathini esizayo?

5 Abathengisi babuye bazibuyela. Ngemva kweminyaka cishe emithathu, uJesu waphinde wakhuluma ngokungabi nabulungisa okufanayo, manje esecaphuna amazwi kaJehova uqobo alahla labo ababenza indlu yaKhe “umhume wabaphangi.” (Jeremiya 7:11; Mathewu 21:13) Yebo, lapho uJesu ebona abantu bexhashazwa ngenxa yobugovu nokungcoliswa kwethempeli likaNkulunkulu, wazizwa ngendlela uYise ayezizwa ngayo, kube kufanele. Iminyaka eyizigidigidi uJesu wayefundiswe uYise wasezulwini. Ngaleso sizathu, wathonywa umuzwa kaJehova wobulungisa. Wagcwalisa isaga esithi, Ukhamba lufuze imbiza. Ngakho uma sifuna ukuyiqonda kahle imfanelo kaJehova yobulungisa, indlela engcono kakhulu iwukufunda isibonelo sikaJesu Kristu.​—Johane 14:9, 10.

6 INdodana kaJehova ezelwe yodwa yayikhona ngesikhathi uSathane ebiza uJehova uNkulunkulu ngomqambimanga kungafanele futhi esola nokulunga kokubusa kwaKhe. Ukunyundela okunje pho! Le Ndodana yabuye yamuzwa uSathane kamuva ephonsa inselele yokuthi akekho owayeyokhonza uJehova ngenxa yothando, ngaphandle kobugovu. Kumele ukuba lokhu kumangalelwa kwamanga kwayizwisa ubuhlungu inhliziyo elungile yale Ndodana. Yeka indlela okumele ukuba yajabula ngayo lapho izwa ukuthi yayiyofeza indima eyinhloko ekulungiseni le mpikiswano! (2 Korinte 1:20) Yayiyokwenza kanjani lokho?

7 Njengoba sifundile eSahlukweni 14, uJesu Kristu wanikeza impendulo engumnqamula-juqu ekumangaleleni kukaSathane okuthi izidalwa zikaJehova azimkhonzi ngobuqotho. Ngokwenza kanjalo, uJesu wabeka isisekelo sokuhlanza igama likaNkulunkulu elingcwele, elithi Jehova, kukho konke ukuhlanjalazwa​—okuhlanganisa namanga athi indlela yakhe yokubusa engenaphutha ayilungile. NjengoMmeli Oyinhloko kaJehova, uJesu uyomisa ubulungisa bukaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni. (IzEnzo 5:31) Inkambo yokuphila kwakhe emhlabeni nayo yabonisa ubulungisa bukaNkulunkulu. UJehova wathi ngaye: “Ngizobeka umoya wami phezu kwakhe, uyocacisela izizwe ukuthi ubulungisa buyini.” (Mathewu 12:18) UJesu wawagcwalisa kanjani lawo mazwi?

UJesu Ucacisa Ukuthi “Ubulungisa Buyini”

8-10. (a) Amasiko adluliselwa abaholi benkolo yobuJuda ngomlomo akukhuthaza kanjani ukwedelelwa kwabangewona amaJuda nabesifazane? (b) Imithetho edluliselwa ngomlomo yawenza kanjani umthetho kaJehova weSabatha waba umthwalo osindayo?

8 UJesu wayewuthanda uMthetho kaJehova, ephila ngawo. Kodwa abaholi benkolo bosuku lwakhe bawusonta futhi bawusebenzisa kabi lowo Mthetho. UJesu wathi kubo: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! . . . Anizinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.” (Mathewu 23:23) Akubuzwa nakubuzwa ukuthi labo bafundisi boMthetho kaNkulunkulu babengacacisi ukuthi “ubulungisa buyini.” Kunalokho, babebenza bungaqondakali ubulungisa bukaNkulunkulu. Kanjani? Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

9 UJehova wayala abantu bakhe ukuba bazihlukanise nezizwe ezingamkhonzi ezazibazungezile. (1 AmaKhosi 11:1, 2) Kodwa abanye abaholi benkolo ababeshiseka ngokweqile bakhuthaza abantu ukuba benyanye bonke ababengewona amaJuda. IMishnah yayize ibe nalo mthetho: “Izinkomo akufanele zishiywe endlini yezihambi yabezizwe ngoba kusolakala ukuthi balala nezilwane.” Ukubandlulula bonke abangewona amaJuda ngendlela efanayo kanjalo kwakungebona ubulungisa futhi kungahambisani neze nesimiso soMthetho KaMose. (Levitikusi 19:34) Eminye imithetho yabantu yayibehlisa abesifazane. Umthetho owawudluliselwa ngomlomo wawuthi inkosikazi kufanele ihambe ngemva komyeni wayo, hhayi eceleni kwakhe. Indoda yayixwayiswa ukuba ingaxoxi nowesifazane emphakathini, ngisho nomkayo imbala. Njengezigqila, abesifazane babengavunyelwe ukunikeza ubufakazi enkantolo. Kwakukhona ngisho nomthandazo amadoda ayebonga kuwo uNkulunkulu ngokuthi awabona abantu besifazane.

10 Abaholi benkolo babegqibe uMthetho kaNkulunkulu ngaphansi kwenqwaba yemithetho nezimiso zabantu. Ngokwesibonelo, umthetho weSabatha wawenqabela ukusebenza ngeSabatha nje kuphela, uthi lolo suku malubekelwe ukukhulekela, ukuqabuleka ngokomoya, nokuphumula. Kodwa abaFarisi bawenza umthwalo onzima lowo mthetho. Yibona ababe sebezinqumela ukuthi kushiwoni ngempela ‘ngomsebenzi.’ Zingu-39 izinto abazichaza ngokuthi zingumsebenzi, njengokuvuna noma ukuzingela. Lokho kwaphakamisa imibuzo engapheli. Uma umuntu ebulala izenze ngeSabatha, ingabe wayezingela? Uma ekha ukudla okusanhlamvu okugcwele isandla ukuze azidlele njengoba ehamba, ingabe wayevuna? Uma elapha umuntu ogulayo, ingabe wayesebenza? Leyo mibuzo yaphendulwa ngemithetho engaguquki, nenemidanti.

11, 12. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyaphikisana namasiko abaFarisi angasekelwe ngokomBhalo?

11 Esimweni esinjalo, uJesu wayezobasiza kanjani abantu baqonde ukuthi ubulungisa buyini? Ngezimfundiso zakhe nangendlela aphila ngayo, wamelana ngesibindi nalabo baholi benkolo. Okokuqala, cabanga ngezinye zezimfundiso zakhe. Wayilahla ngokuqondile imithetho yabo eyenziwe abantu, ethi: “Nilishaya indiva izwi likaNkulunkulu ngamasiko eniwadlulisela kwabanye.”​—Marku 7:13.

12 UJesu wafundisa ngendlela enamandla ukuthi abaFarisi babenza iphutha ngomthetho weSabatha​—ukuthi empeleni babengayiqondi injongo yawo. Wachaza ukuthi uMesiya ‘uyiNkosi yeSabatha’ futhi ngaleso sizathu wayenelungelo lokwelapha abantu ngeSabatha. (Mathewu 12:8) Egcizelela leli phuzu, welapha ngokuyisimangaliso ngeSabatha abantu bebuka. (Luka 6:7-10) Lokho kwelapha kwakuyisandulela sokwelapha ayokwenza emhlabeni wonke phakathi neMinyaka Eyinkulungwane yokuBusa kwakhe. Leyo Minyaka Eyinkulungwane iyoba iSabatha lokugcina, lapho bonke abantu abathembekile ekugcineni beyophumula ekukhandlweni umthwalo wesono nokufa osekuthathe amakhulu eminyaka.

13. Yimuphi umthetho owaba khona ngenxa yenkonzo kaKristu emhlabeni, futhi wawuhluke kanjani kumanduleli wawo?

13 UJesu wabuye wacacisa ukuthi ubulungisa buyini ngokumisa umthetho omusha, “umthetho kaKristu,” ngemva kokuba esephothule inkonzo yakhe yasemhlabeni. (Galathiya 6:2) Ngokungafani nomanduleli wawo, uMthetho KaMose, lo mthetho omusha wawuncike kakhulu ezimisweni, hhayi ohideni lwemiyalo ebhalwe phansi. Wawunayo nokho imiyalo ethile eqondile. Omunye wayo uJesu wawubiza ngokuthi “umyalo omusha.” UJesu wafundisa bonke abalandeli bakhe ukuba bathandane njengoba nje naye ayebathandile. (Johane 13:34, 35) Yebo, uthando lokuzidela lwaluzoba uphawu lwabo bonke abaphila ‘ngomthetho kaKristu.’

Isibonelo Esiphilayo Sobulungisa

14, 15. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayeqaphela ukuthi igunya lakhe ligcinaphi, futhi kungani kusiqinisa idolo lokhu?

14 UJesu akagcinanga ngokufundisa ngothando. Waphila ‘ngomthetho kaKristu.’ Wawuyingxenye yokuphila kwakhe. Cabanga ngezindlela ezintathu isibonelo sikaJesu esacacisa ngazo ukuthi ubulungisa buyini.

15 Okokuqala, uJesu waqikelela kakhulu ukuthi uyakugwema ukwenza ukungabi nabulungisa. Hleze uye waphawula ukuthi ukungabi nabulungisa okuningi kwenzeka lapho abantu abanesono bezikhukhumeza bese beqela ngale kwemingcele efanele yegunya labo. UJesu akakwenzanga lokho. Ngesinye isikhathi umlisa othile waya kuJesu wathi: “Mfundisi, tshela umfowethu ahlukaniselane nami ifa.” Waphendula wathini uJesu? “Ndoda, ubani ongimise ngaba umahluleli noma umlamuli phakathi kwenu nobabili?” (Luka 12:13, 14) Akukuhle yini lokho? Ukukhalipha kukaJesu, ukwahlulela kwakhe, ngisho negunya lakhe ayelinikwe uNkulunkulu lalingalingani nelamuntu emhlabeni; noma kunjalo wenqaba ukuzifaka kule ndaba, ngoba wayenganikwanga igunya lokwenza lokho. UJesu ubelokhu ethobeke kanjena, ngisho naphakathi nezinkulungwane zeminyaka ekhona ngaphambi kokuba abe umuntu. (Jude 9) Kubonisa imfanelo enhle ngoJesu ukuthi ngokuthobeka uthembela kuJehova ukuba anqume ukuthi yikuphi okuwubulungisa.

16, 17. (a) UJesu wabubonisa kanjani ubulungisa ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi ubulungisa bakhe babunesihe?

16 Okwesibili, uJesu wabonisa ubulungisa ngendlela ashumayela ngayo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Akabonisanga kukhetha. Kunalokho, wazama ngokusemandleni akhe ukufinyelela zonke izinhlobo zabantu, kungakhathaliseki ukuthi bacebile noma bampofu. AbaFarisi bona babebabukela phansi abantu abavamile abampofu, bebabiza ngegama lokwedelela elithi ʽam-ha·ʼaʹrets, noma “abantu bezwe.” Ngesibindi uJesu wakulungisa lokho kungabi nabulungisa. Lapho efundisa abantu izindaba ezinhle​—noma, lapho edla nabo, ebapha ukudla, ebelapha, noma ebavusa—​wayesuke esekela ubulungisa bukaNkulunkulu ofuna ukufinyelela “zonke izinhlobo zabantu.”c​—1 Thimothewu 2:4.

17 Okwesithathu, ubulungisa bukaJesu babunesihe kakhulu. Wenza umzamo wokusiza izoni. (Mathewu 9:11-13) Wayesukumela phezulu asize abantu ababengenamandla okuzivikela. Ngokwesibonelo, uJesu akazange azihlanganise nabaholi benkolo ababekhuthaza ukuba bonke abeZizwe bangathenjwa. Ngesihe wabasiza futhi wabafundisa abanye babo, yize ayethunywe kumaJuda ngokuyinhloko. Wavuma ukwelapha ngokuyisimangaliso isikhulu sebutho lamaRoma, ethi: “Angilutholanga ukholo olukhulu kangaka nakoyedwa kwa-Israyeli.”​—Mathewu 8:5-13.

18, 19. (a) UJesu wakhuthaza kanjani ukuba abesifazane bahlonishwe? (b) Isibonelo sikaJesu sisiza kanjani sibone ukuhlobana phakathi kwesibindi nobulungisa?

18 UJesu akazange ayisekele nendlela evamile ababebhekwa ngayo abesifazane. Kunalokho, ngesibindi wenza okwakuwubulungisa. Kwakuthiwa abesifazane abangamaSamariya bangcole njengabeZizwe. Noma kunjalo, uJesu akanqikazanga ukushumayeza owesifazane ongumSamariya emthonjeni waseSikhari. Eqinisweni, kukulona wesifazane lapho uJesu azidalula khona ngokokuqala ngqa ukuthi unguMesiya owayethenjisiwe. (Johane 4:6, 25, 26) AbaFarisi babethi abesifazane akufanele bafundiswe uMthetho kaNkulunkulu, kodwa uJesu wasebenzisa isikhathi esiningi kakhulu namandla efundisa abesifazane. (Luka 10:38-42) Nakuba ngokwesiko abesifazane babengathenjwa ukuthi banganikeza ubufakazi obuthembekile, uJesu wanika abesifazane abayidlanzana ilungelo elikhethekile lokuba ngabokuqala abambona lapho esevusiwe. Waze wabathuma nokuthi bayotshela abafundi bakhe besilisa ngalesi senzakalo esibaluleke kangaka!​—Mathewu 28:1-10.

19 Yebo, uJesu wakwenza kwacaca ezizweni ukuthi ubulungisa buyini. Ezimweni eziningi lokho wakwenza ngokuzifaka engozini enkulu. Isibonelo sikaJesu sisisiza sibone ukuthi ukumelela ubulungisa beqiniso kudinga isibindi. Kuyafaneleka ukuthi wabizwa ngokuthi “iBhubesi lesizwe sakwaJuda.” (IsAmbulo 5:5) Khumbula ukuthi ibhubesi lifanekisela ubulungisa obunesibindi. Nokho, maduze nje uJesu uzoletha ubulungisa obukhulu nakakhulu kunalobo. Ngomqondo ophelele, uzoletha “ubulungisa emhlabeni.”​—Isaya 42:4.

INkosi EnguMesiya ‘Iletha Ubulungisa Emhlabeni’

20, 21. Osukwini lwethu, iNkosi enguMesiya ibukhuthaze kanjani ubulungisa emhlabeni nasebandleni lobuKristu?

20 Selokhu aba iNkosi enguMesiya ngo-1914, uJesu ubelokhu ekhuthaza ukuba kube nokuthula emhlabeni. Kanjani? Uye waqikelela ukuthi isiprofetho sakhe esikuMathewu 24:14 siyagcwaliseka. Abalandeli bakaJesu emhlabeni baye bafundisa abantu emazweni wonke iqiniso ngoMbuso kaJehova. NjengoJesu, baye bashumayela ngendlela engakhethi nenobulungisa, befuna ukunika bonke abantu​—abancane noma abadala, abacebile noma abampofu, abesilisa noma abesifazane—​ithuba lokwazi uJehova, uNkulunkulu wobulungisa.

21 UJesu ukhuthaza ubulungisa naphakathi kwebandla lobuKristu, lelo ayiNhloko yalo. Njengoba kwaprofethwa, ulungiselela ‘izipho ezingabantu,’ abadala abangamaKristu athembekile abaholayo ebandleni. (Efesu 4:8-12) Ngokwalusa umhlambi kaNkulunkulu oyigugu, lawo madoda alandela isibonelo sikaJesu Kristu ekukhuthazeni ubulungisa. Ahlale ekhumbula ukuthi uJesu ufuna izimvu zakhe ziphathwe ngobulungisa​—kungakhathaliseki isikhundla ezinaso, ukuvelela, noma izinto ezinazo.

22. UJehova uzizwa kanjani ngokungabi nabulungisa okudlangile ezweni namuhla, futhi umise iNdodana yakhe ukuba yenzeni ngako?

22 Kodwa maduze nje uJesu uzoletha ubulungisa emhlabeni ngendlela engakaze ibonwe. Ukungabi nabulungisa kudlangile kuleli zwe elonakele. Ingane ngayinye ebulawa indlala isuke iyisisulu sokungabi nabulungisa okungadingekile, ikakhulu uma sicabanga ngemali nesikhathi okusaphazwayo kwakhiwa izikhali zempi, kwaneliswa nezifiso zobugovu zabathandi benjabulo. Ukufa okungadingekile kwezigidi zabantu unyaka nonyaka kungolunye nje lwezinhlobo eziningi zokungabi nabulungisa, konke okuchukuluza intukuthelo kaJehova yokulunga. Umise iNdodana yakhe ukuba ilwe impi yokulunga naso sonke lesi simiso sezinto esibi ukuze iqede konke ukungabi nabulungisa kungaphinde kube khona.​—IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-15.

23. Ngemva kwe-Armagedoni, uKristu uyobukhuthaza kanjani ubulungisa kuze kube phakade?

23 Nokho, ubulungisa bukaJehova budinga ukuba kwenziwe okungaphezu kokubhujiswa kwababi. Umise iNdodana yakhe ukuba ibuse ‘nanjengeSikhulu Sokuthula.’ Ngemva kwempi ye-Armagedoni, ukubusa kukaJesu kuyoletha ukuthula emhlabeni wonke, abuse “ngobulungisa.” (Isaya 9:6, 7) Uyobe esejabulela ukuqeda konke ukungabi nabulungisa okuye kwadala usizi nokuhlupheka okungaka emhlabeni. Uyomelela ubulungisa bukaJehova obuphelele kuze kube phakade. Kubalulekile-ke ukuba sifune ukulingisa ubulungisa bukaJehova manje. Ake sibone ukuthi singakwenza kanjani lokho.

a Ngokubonisa intukuthelo elungile, uJesu wayefana noJehova, yena ‘okulungele ukuveza ulaka lwakhe’ ngenxa yobubi. (Nahume 1:2) Ngokwesibonelo, ngemva kokuba uJehova etshele abantu bakhe abaphambukayo ukuthi babenze indlu yakhe “umhume wabaphangi,” wathi: “Intukuthelo yami nolaka lwami kuzothululelwa kule ndawo.”​—Jeremiya 7:11, 20.

b NgokweMishnah, ngemva kweminyaka ethile kwaba nombhikisho ngenxa yokubiza kakhulu kwamajuba ayethengiswa ethempelini. Inani lehliswa ngaso leso sikhathi ngamaphesenti angaba ngu-99! Obani ababezuza kakhulu kuleli bhizinisi elalichuma kangaka? Ezinye izazi-mlando zisikisela ukuthi izimakethe zasethempelini kwakungezabendlu yomPristi Ophakeme u-Anase, zingenisa imali eningi emndenini walo mpristi.​—Johane 18:13.

c AbaFarisi babethi abantu abaphansi, ababengawufundile uMthetho, ‘babeqalekisiwe.’ (Johane 7:49) Babethi abantu abanjalo kwakungafuneki bafundiswe, noma kwenziwe ibhizinisi nabo, noma kudliwe nabo, noma kuthandazwe nabo. Ukuvuma ukuba indodakazi yakho ishade nomunye wabo kwakukubi ngaphezu kokuyinikela ezilwaneni zasendle. Babecabanga ukuthi abantu abaphansi kanjalo lalingabafanele ithemba lovuko.

Imibuzo Yokuzindla

  • IHubo 45:1-7 Kungani singaqiniseka ukuthi iNkosi enguMesiya iyokhuthaza ubulungisa obuphelele?

  • Mathewu 12:19-21 Ngokwesiprofetho, uMesiya wayeyobaphatha kanjani abaphansi?

  • Mathewu 18:21-35 UJesu wafundisa kanjani ukuthi ubulungisa beqiniso bunesihe?

  • Marku 5:25-34 UJesu wabonisa kanjani ukuthi ubulungisa bukaNkulunkulu buyazicabangela izimo zomuntu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela