Isahluko Sesibili
Dumisa UJehova Njengowukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
1. Ubani owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso?
IBHAYIBHELI lithi nakuba bebaningi ababhekwa njengonkulunkulu, “kithina kukhona uNkulunkulu oyedwa uBaba.” (1 Korinte 8:5, 6) Lowo “Nkulunkulu oyedwa” nguJehova, uMdali wazo zonke izinto. (Duteronomi 6:4; IsAmbulo 4:11) UJesu wambiza ngokuthi ‘uNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.’ (Johane 20:17) Wayevumelana noMose, ngaphambili owayethé: “UJehova unguNkulunkulu [“weqiniso,” NW], akakho omunye ngaphandle kwakhe.” (Duteronomi 4:35) UJehova uphakeme kakhulu kunanoma yiziphi izinto ezikhulekelwayo, ezinjengezithombe, abantu ababhekwa njengonkulunkulu, noma isitha sakhe uSathane uDeveli, “unkulunkulu walesisimiso sezinto.” (2 Korinte 4:3, 4) Ngokuphambene nakho konke lokhu, uJesu wathi uJehova ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’—Johane 17:3.
2. Njengoba siqhubeka sifunda ngoNkulunkulu, kufanele kuthinteke kanjani ukuphila kwethu?
2 Abantu abanokwazisa abafunda ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezinhle, kanye nalokho asekwenzile nasazosenzela kona, basondela kuye. Njengoba uthando lwabo ngoJehova lukhula, bazizwa beshukunyiselwa ukuba bamdumise. Kanjani? Enye indlela ingokutshela abanye ngaye. EyabaseRoma 10:10 ithi: “Ngomlomo umuntu uvuma obala kube insindiso.” Enye indlela futhi ingokumlingisa ngamazwi nangezenzo. Eyabase-Efesu 5:1 ithi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” Ukuze sikwenze ngokugcwele lokho, kufanele sazi uJehova njengoba enjalo ngempela.
3. Yiziphi izimfanelo zikaNkulunkulu eziyinhloko?
3 Kulo lonke iBhayibheli, kunezinkulumo eziningi eziveza izimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele. Izimfanelo zakhe ezine eziyinhloko ukuhlakanipha, ubulungisa, amandla nothando. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha.” (Jobe 12:13, omalukeke sizenzele.) “Zonke izindlela zakhe [“ziwubulungisa,” NW].” (Duteronomi 32:4) “Unamandla amakhulu.” (Isaya 40:26, NW) “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Kodwa-ke, kulezi zimfanelo ezine zikaNkulunkulu eziyinhloko, iyiphi evelele kunazo zonke, eveza uhlobo lukaNkulunkulu ayilo?
“UNkulunkulu Uluthando”
4. Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu evelele eyenza ukuba adale indawo yonke nazo zonke izinto eziphilayo?
4 Cabanga ngalokho okwashukumisa uJehova ukuba adale indawo yonke kanye nezidalwa ezihlakaniphile zomoya nabantu. Ingabe kwakuwukuhlakanipha noma amandla akhe? Cha, ngenxa yokuthi nakuba uNkulunkulu azisebenzisa lezo zimfanelo, akuzona ezamshukumisa. Futhi ubulungisa bakhe babungamphoqi ukuba ahlanganyele nabanye isipho sokuphila. Kunalokho, uthando olukhulu lukaNkulunkulu lwamshukumisela ukuba ahlanganyele nabanye injabulo yokuphila njengezidalwa ezihlakaniphile. Uthando lwamshukumisela ukuba ahlose ukuba isintu esilalelayo siphile phakade ePharadesi. (Genesise 1:28; 2:15) Uthando lwamshukumisela ukuba ahlele ukususwa kwesiqalekiso esalethwa ukona kuka-Adamu phezu kwesintu.
5. NgokweBhayibheli, uJehova uwukwenziwa samuntu kwayiphi imfanelo, futhi ngani?
5 Ngakho, kuzo zonke izimfanelo zikaNkulunkulu, evelele kakhulu uthando. Lunguye uqobo noma ubuntu bakhe. Nakuba ukuhlakanipha kwakhe, ubulungisa namandla akhe kubalulekile, iBhayibheli alisho ukuthi uJehova ungenye yalezo zimfanelo. Kodwa liyasho ukuthi uluthando. Yebo, uJehova uwukwenziwa samuntu kothando. Lolu uthando oluqondiswa yizimiso, hhayi imizwelo. Uthando lukaNkulunkulu luqondiswa yizimiso zeqiniso nokulunga. Luwuhlobo oluphakeme kakhulu lothando, olubonakala kuJehova uNkulunkulu ngokwakhe. Uthando olunjalo luwukungabi nabugovu ngokuphelele futhi njalo luhambisana nobufakazi obuphathekayo bezenzo.
6. Yini esenza sikwazi ukulingisa uNkulunkulu, yize ephakeme kakhulu kunathi?
6 Yile mfanelo enhle yothando esenza sikwazi ukulingisa uNkulunkulu onjalo. Njengabantu abaphansi, abangaphelele nabenza amaphutha, singase sicabange ukuthi asisoze sakwenza ngempumelelo lokho. Kodwa nasi esinye isibonelo sothando lukaJehova olukhulu: Uyakuqaphela ukushiyeka kwethu, futhi akalindele ukuba siphelele. Uyazi ukuthi okwamanje asiphelele neze. (IHubo 51:5) Yingakho iHubo 130:3, 4 lithi: “Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe.” Yebo, uJehova “nguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene.” (Eksodusi 34:6) “Wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo.” (IHubo 86:5) Yeka indlela okududuza ngayo lokho! Yeka indlela okuqabula ngayo ukukhonza lo Nkulunkulu omangalisayo nokuthola ukunakekela kwakhe kothando, okunesihe!
7. Uthando lukaJehova lubonakala kanjani emisebenzini yakhe yendalo?
7 Uthando lukaJehova lungabonakala ngisho nasemisebenzini yakhe yendalo. Cabanga ngezinto eziningi ezinhle uJehova asiniké zona ukuba sizijabulele, njengezintaba ezinhle, amahlathi, amachibi nolwandle. Usinikezé ukudla okunhlobonhlobo ukuze sikujabulele futhi sithole ukondleka. Futhi, uJehova usiphé izinhlobonhlobo zezimbali ezinhle ezinephunga elimnandi kanye nendalo eyizilwane ethakazelisayo. Wénza izinto ezazizojabulisa abantu, nakuba ayengabophekile ukuba enze kanjalo. Yiqiniso, njengoba siphila kuleli zwe elibi singaphelele, asiyijabuleli ngokugcwele indalo yakhe. (Roma 8:22) Kodwa cabanga ngalokho uJehova ayosenzela kona ePharadesi! Umhubi uyasiqinisekisa: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa [okufanele] kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 145:16.
8. Yisiphi isibonelo esivelele kunazo zonke sothando lukaJehova kithi?
8 Yisiphi isibonelo esivelele kunazo zonke sothando lukaJehova ngesintu? IBhayibheli liyachaza: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Ingabe uJehova wenza lokhu ngenxa yokulunga komuntu? EyabaseRoma 5:8 iyaphendula: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” Yebo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ephelele emhlabeni ukuzonikela ngokuphila kwayo njengomhlatshelo wesihlengo ukuze asikhulule esiqalekisweni sesono nokufa. (Mathewu 20:28) Lokhu kwavulela abantu abathanda uNkulunkulu ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade. Ngokujabulisayo, uthando lukaNkulunkulu lufinyelela kubo bonke abafuna ukwenza intando yakhe, ngoba iBhayibheli liyasitshela: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
9. Iqiniso lokuthi uJehova wanikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo sethu kufanele lisithinte kanjani?
9 Iqiniso lokuthi uJehova wanikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo sethu, esivulela indlela yokuphila okuphakade, kufanele liyithonye kanjani indlela esikusebenzisa ngayo manje ukuphila kwethu? Kufanele lijulise uthando lwethu ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ngesikhathi esifanayo, kufanele lisenze sifune ukulalela uJesu, omelela uNkulunkulu. “[UJesu] wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela futhi wavuswa.” (2 Korinte 5:15) Yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukulandela ezinyathelweni zikaJesu, ngoba wayeyisibonelo ekulingiseni uthando nozwela lukaJehova! Lokhu kubonakala kulokho uJesu akutshela abathobekileyo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Ukubonisa Uthando Kwabanye
10. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo uthando kumaKristu esikanye nawo?
10 Singabonisa kanjani ukuthi sithanda amanye amaKristu esikanye nawo ngendlela uJehova noJesu abasithanda ngayo? Qaphela izindlela eziningi esingakwenza ngazo lokhu: “Uthando lubhekakade futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, alukhukhumali, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alugcini umbhalo wokulinyazwa. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabula kanye neqiniso. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alupheli nanini.”—1 Korinte 13:4-8; 1 Johane 3:14-18; 4:7-12.
11. Obani abanye okufanele sibabonise uthando, futhi kanjani?
11 Obani abanye okufanele sibabonise uthando, futhi kanjani? UJesu wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Lokhu kuhlanganisa ukuhlanganyela izindaba ezinhle zezwe elisha likaNkulunkulu eliyipharadesi eliseduze kanye nalabo abangakabi amaKristu. UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi uthando lwethu akufanele lugcine kulabo esikholwa nabo, ngoba wathi: “Uma nithanda labo abanithandayo [kuphela], imuphi umvuzo eninawo? Nabathelisi abenzi yini into efanayo? Futhi uma nibingelela abafowenu kuphela, iyiphi into engaphezu kwevamile eniyenzayo? Nabantu bezizwe abenzi yini into efanayo?”—Mathewu 5:46, 47; 24:14; Galathiya 6:10.
‘Hamba Ngegama LikaJehova’
12. Kungani kunguNkulunkulu kuphela ofanelwe yigama lakhe?
12 Esinye isici esibalulekile sokudumisa uNkulunkulu weqiniso siwukwazi, ukusebenzisa nokufundisa abanye igama lakhe eliyingqayizivele, elithi Jehova. Umhubi wazwakalisa lesi sifiso esiqotho: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Igama elithi Jehova lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” UnguMsunguli Wezinjongo Omkhulu, uzifeza ngokuphumelelayo izinjongo zakhe ngaso sonke isikhathi. UNkulunkulu weqiniso kuphela ofanelwe yilelo gama, ngoba abantu abanaso isiqiniseko sokuthi imizamo yabo iyophumelela. (Jakobe 4:13, 14) NguJehova kuphela ongasho ukuthi izwi lakhe ‘liyophumelela’ kulokho alithumela kukho. (Isaya 55:11) Abaningi bajabula kakhulu lapho beqala ukubona igama likaNkulunkulu emaBhayibhelini abo futhi bezwa nencazelo yalo. (Eksodusi 6:3) Kodwa lolu lwazi luyobazuzisa kuphela uma ‘behamba ngegama likaJehova kuze kube phakade.’—Mika 4:5.
13. Kuhilelani ukwazi igama likaJehova nokuhamba ngegama lakhe?
13 Ngokuphathelene negama likaNkulunkulu, iHubo 9:10 lithi: ‘Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena.’ Lokhu kuhilela okungaphezu nje kokwazi igama elithi Jehova, okungenakusho ukuthi umuntu uthembela kuye. Ukwazi igama likaNkulunkulu kusho ukuqonda uhlobo lukaNkulunkulu uJehova ayilo, ukuhlonipha igunya lakhe, ukuthobela imiyalo yakhe, nokuthembela kuye kuzo zonke izinto. (IzAga 3:5, 6) Ngokufanayo, ukuhamba egameni likaJehova kusho ukuzinikezela kuye nokummelela njengomunye wabakhulekeli bakhe, sisebenzisa ukuphila kwethu ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu ngempela. (Luka 10:27) Ingabe uyakwenza lokho?
14. Ukuze sikhonze uJehova phakade, yini edingekayo ngaphandle nje komuzwa wesibopho?
14 Ukuze sikhonze uJehova phakade, akumelwe sishukunyiswe umuzwa wesibopho kuphela. Umphostoli uPawulu wanxusa uThimothewu, owayeseneminyaka eminingi ekhonza uJehova: “Ziqeqeshe unokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu njengomgomo wakho.” (1 Thimothewu 4:7) Ukuzinikela kusuka enhliziyweni enokwazisa ngomuntu esizinikela kuye. “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu” kunomqondo wokumhlonipha ngokujulile uJehova ngokomuntu siqu. Kubonisa ukunamathela kuye ngothando ngenxa yokumazisa kakhulu yena nezindlela zakhe. Kusenza sifune ukuba wonke umuntu aphakamise igama lakhe. Kumelwe sihlakulele ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ekuphileni kwethu ukuze sihambe ngegama likaJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kuze kube phakade.—IHubo 37:4; 2 Petru 3:11.
15. Singazinikela kanjani kuNkulunkulu yena yedwa?
15 Ukuze sikhonze uNkulunkulu ngokwamukelekayo, kumelwe sikhulekele yena yedwa, ngenxa yokuthi ‘unguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kuye kuphela.’ (Eksodusi 20:5, NW) Asinakuthanda uNkulunkulu kodwa ngesikhathi esifanayo sibe sithanda izwe elibi, uSathane angunkulunkulu walo. (Jakobe 4:4; 1 Johane 2:15-17) UJehova wazi kahle ukuthi ngamunye wethu uzama ukuba uhlobo olunjani lomuntu. (Jeremiya 17:10) Uma sikuthanda ngempela ukulunga, uyakubona lokho, futhi uyosisiza ukuba sikhuthazelele ukulingwa kwethu kwansuku zonke. Ngokusisekela ngomoya wakhe ongcwele onamandla, uyosisiza sinqobe ububi obudlangile kuleli zwe. (2 Korinte 4:7) Uyosisiza nokuba silondoloze ithemba lethu eliqinile lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Yeka ukuthi lelo ithemba elikhazimula kangakanani! Kufanele silazise ngokujulile futhi simkhonze ngokuzithandela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, obangela ukuba kwenzeke lokhu.
16. Yini okufanele ufune ukuyenza kanye nezigidi zabanye?
16 Izigidi zabantu emhlabeni wonke ziye zasamukela ngenjabulo isimemo somhubi owabhala: “Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.” (IHubo 34:3) UJehova ukumema ukuba ube phakathi kwesixuku esikhulayo sazo zonke izizwe ezenza lokhu.
Ingxoxo Yokubukeza
• UJehova ungumuntu onjani? Sizuza kanjani ngokuziqonda ngokucacile izimfanelo zakhe?
• Singabasiza kanjani abanye abantu bafunde iqiniso ngoNkulunkulu?
• Kuhilelani ukwazi igama likaJehova nokuhamba ngegama lakhe?
[Izithombe ekhasini 14]
Ngothando lwakhe olukhulu, uJehova ‘uyovula isandla sakhe asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo’