Isahluko Seshumi Nesithupha
“Yibani Nothando Olukhulu Ngomunye Nomunye”
1. Yini ngokuvamile ebahlaba umxhwele abaqala ukuza emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?
LAPHO abantu beqala ukuza emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, bavame ukuhlatshwa umxhwele uthando abalubona lapho. Balubona ngendlela abamukelwa ngayo nasebudlelwaneni obufudumele. Abantu abeza emihlanganweni emikhulu nabo bayalubona lolu thando. Ibhala ngomhlangano othile, intatheli yathi: ‘Wayengekho odakwe yizidakamizwa noma utshwala. Engekho omemezayo noklabalasayo. Kwakungekho kuchilizana. Kungekho nakusunduzana. Wayengekho othuka inhlamba. Engekho nowenza amahlaya angcolile noma osebenzisa ulimi olungcolile. Umoya walapho wawungenantuthu kagwayi. Wayengekho owayentshontsha. Engekho nowayentshinga amathini otshanini. Kwakuyisimanga ngempela.’ Konke lokhu kuwubufakazi bothando, uthando ‘olungaziphathi ngokuhlazisayo, olungazifuneli izinzuzo zalo siqu.’—1 Korinte 13:4-8.
2. (a) Yini okufanele ibe sobala ngokuhamba kwesikhathi endleleni esibonisa ngayo uthando? (b) Hlobo luni lothando okudingeka siluhlakulele silingisa uKristu?
2 Uthando lobuzalwane luwuphawu oluhlukanisa amaKristu eqiniso. (Johane 13:35) Njengoba sikhula ngokomoya, sifunda ukubonisa uthando ngokugcwele nakakhulu. Umphostoli uPawulu wathandazela ukuba uthando lwamaKristu ayekanye nawo “luvame nakakhulu.” (Filipi 1:9) Umphostoli uJohane wabonisa ukuthi uthando lwethu kufanele lube olokuzidela. Wabhala: ‘Ngalokhu sesiyalwazi uthando, ngoba [iNdodana kaNkulunkulu] yanikela umphefumulo wayo ngenxa yethu; futhi singaphansi kwesibopho sokunikela imiphefumulo yethu ngenxa yabafowethu.’ (1 Johane 3:16; Johane 15:12, 13) Ingabe singakudela ngempela yini ukuphila kwethu ngenxa yabafowethu? Nakuba lokho kungadingekile ezimweni eziningi, sizikhandla kangakanani ukuze sibasize manje, ngisho nalapho izimo zethu zingavumi?
3. (a) Singalubonisa kanjani uthando lwethu ngokugcwele? (b) Kungani kubalulekile ukuba nothando olukhulu ngomunye nomunye manje?
3 Kudingeka sibe nomuzwa wothando oqotho ngabafowethu, ohambisana nezenzo ezibonisa umoya wokuzidela. IZwi likaNkulunkulu liyasinxusa: “Othandweni lobuzalwane yibani nokusondelana okunesisa komunye nomunye.” (Roma 12:10) Sonke sizizwa ngaleyo ndlela ngabantu abathile. Kodwa ingabe singafunda ukuba nothando olunjalo nangabanye? Njengoba isiphelo salesi simiso esidala sisondela, kubalulekile ukuba sisondelane nakakhulu namanye amaKristu. IBhayibheli lithi: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. . . . Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.”—1 Petru 4:7, 8.
Lapho Kuphakama Izinkinga
4. (a) Kungani kungase kuphakame izinkinga phakathi kwalabo abasebandleni? (b) Nakuba ngokuvamile singathambekele ekusebenziseni iseluleko seBhayibheli, kungaba namuphi umphumela omuhle uma sisisebenzisa?
4 Yiqiniso, uma nje sisengabantu abangaphelele, ziyoba khona izikhathi lapho siyokwenza khona izinto ezibacasulayo abanye. Abafowethu nabo bangase basone ngezindlela ezihlukahlukene. (1 Johane 1:8) Uma uzithola kuleso simo, yini okufanele uyenze? ImiBhalo inikeza isiqondiso esidingekayo. Kodwa lokho ekushoyo kungase kungahambisani nalokho thina njengabantu abangaphelele esithambekele ekukwenzeni. (Roma 7:21-23) Noma kunjalo, ukusisebenzisa ngobuqotho iseluleko seBhayibheli kuyonikeza ubufakazi besifiso sethu esiqotho sokuthokozisa uJehova. Ukwenza kanjalo kuyokhulisa izinga esibathanda ngalo abanye.
5. Uma othile esizwisa ubuhlungu, kungani kungafanele siphindisele?
5 Uma abantu bezwiswe ubuhlungu, ngezinye izikhathi bafuna izindlela zokuziphindiselela kwababonile. Kodwa lokho kumane kwenze isimo sibe sibi nakakhulu. Uma kudingeka kube nempindiselo, kufanele siyishiyele kuNkulunkulu. (IzAga 24:29; Roma 12:17-21) Abanye bangase bazame ukugwema umuntu obonile. Kodwa akufanele sikwenze lokho kubakhulekeli esikanye nabo, ngoba ukwamukeleka kokukhulekela kwethu ngokwengxenye kuxhomeke ekuthandeni abafowethu. (1 Johane 4:20) Ngakho, uPawulu wabhala: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Ungakwenza yini lokho?
6. (a) Kufanele simthethelele kangaki umfowethu? (b) Yini okufanele siyiqonde eyosisiza ukuba sisingathe udaba lokoniwa?
6 Kuthiwani uma othile esona ngokuphindaphindiwe kodwa engenzi izono ezimbi ezingenza ukuba axoshwe ebandleni? Ekhuluma ngezono ezinjalo ezincane, umphostoli uPetru wasikisela ukuthethelela “kuze kube izikhathi eziyisikhombisa.” Kodwa uJesu wathi: ‘Hhayi, Kuze kube izikhathi eziyisikhombisa, kodwa, Kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.’ Wabonisa ubukhulu besikweletu esinaso kuNkulunkulu uma siqhathaniswa nalokho abanye abantu abangase basikwelete kona. (Mathewu 18:21-35) Nsuku zonke siyamona uNkulunkulu ngezindlela eziningi—ngezinye izikhathi ngezenzo zobugovu, ngalokho esikushoyo noma esikucabangayo, noma ngalokho esingakwenzi—singaqapheli nakuqaphela ukuthi siyona. (Roma 3:23) Noma kunjalo, uNkulunkulu uyaqhubeka enesihe kithi. (IHubo 103:10-14; 130:3, 4) Ufuna ukuba sibaphathe ngendlela efanayo nabanye. (Mathewu 6:14, 15; Efesu 4:1-3) Uma senza kanjalo, siyobe sibonisa uhlobo lothando ‘olungagcini mbhalo wokulinyazwa.’—1 Korinte 13:4, 5; 1 Petru 3:8, 9.
7. Yini okufanele siyenze uma umfowethu enenkinga nathi?
7 Kungase kube nezikhathi lapho siqaphela khona ukuthi nakuba singenankinga nomfowethu, kodwa yena unenkinga nathi. Singakhetha ‘ukukumboza ngothando,’ njengoba kusikisela eyoku-1 Petru 4:8. Noma singathatha izinyathelo kuqala zokukhuluma naye sizame ukubuyisana.—Mathewu 5:23, 24.
8. Uma umuntu esikholwa naye enza okuthile okusicasulayo, yini engenziwa ngako?
8 Kungenzeka ukuthi esikholwa naye wenza okuthile okungacasuli wena wedwa kodwa okubacasulayo nabanye. Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukukhuluma naye? Mhlawumbe. Uma umchazela mathupha ngale nkinga ngendlela yomusa, lokhu kungaba nemiphumela emihle. Kodwa kufanele uqale ngokuzibuza: ‘Ingabe ngempela akwenzayo kuphambene nemiBhalo? Noma, ingabe le nkinga idalwa ikakhulukazi ukuthi isizinda sami nendlela engikhuliswe ngayo ihlukile kweyakhe?’ Kuxwaye ukubeka izindinganiso bese wahlulela abanye ngazo. (Jakobe 4:11, 12) UJehova ubamukela ngokungakhethi abantu bazo zonke izizinda futhi uyababekezelela njengoba bekhula ngokomoya.
9. (a) Ubani osingatha izindaba zobubi obungathi sína ebandleni? (b) Kunini lapho kungumthwalo wowoniweyo ukuba athathe isinyathelo kuqala, futhi enamuphi umgomo?
9 Uma othile ebandleni ehileleka ebubini obungathi sína, njengokuziphatha okubi, kufanele kusingathwe ngokushesha. Kusingathwe obani? Abadala. (Jakobe 5:14, 15) Nokho, uma umuntu ona omunye, mhlawumbe ezindabeni zebhizinisi noma ngokusebenzisa kabi ulimi, khona-ke owoniweyo kufanele azame kuqala ukukhuluma nomuntu omonile ngasese. (Mathewu 18:15) Uma lokho kungayixazululi inkinga, kufanele kuthathwe ezinye izinyathelo njengoba zichazwe kuMathewu 18:16, 17. Uma simthanda umzalwane wethu ophambukayo futhi sinesifiso ‘sokumzuza’ lokhu kuyosisiza ukuba senze kanjalo ngendlela elwela ukufinyelela inhliziyo yakhe.—IzAga 16:23.
10. Lapho kuphakama inkinga, yini eyosisiza ukuba sibheke indaba ngendlela efanele?
10 Lapho kuphakama inkinga, kungakhathaliseki ukuthi incane noma inkulu, kuyosisiza ukuzama ukuyiqonda ngendlela uJehova ayibheka ngayo. Akasamukeli nhlobo isono, futhi ngesikhathi sakhe esifanele, abenzi bezono ezingathi sína abangaphenduki bayasuswa enhlanganweni yakhe. Nokho, masingakhohlwa ukuthi sonke siyona ngandlela-thile futhi sidinga ukubhekakade kwakhe nesihe sakhe. Ngakho uJehova ubeka isibonelo okufanele sisilandele lapho sibhekene nezono zabanye. Lapho siba nesihe, sibonisa uthando lwakhe.—Efesu 5:1, 2.
Funa Izindlela ‘Zokwanuleka’
11. Kungani uPawulu akhuthaza abaseKorinte ukuba ‘banuleke’?
11 UPawulu wasebenza izinyanga eziningi akha ibandla laseKorinte, eGrisi. Wazikhandla esiza abazalwane lapho, futhi wayebathanda. Kodwa abanye babo babengamkhathaleli. Babegxeka kakhulu. Wabakhuthaza ukuba ‘banuleke’ ekuboniseni uthando. (2 Korinte 6:11-13; 12:15) Senza kahle sonke uma singacabangela izinga esibabonisa ngalo uthando abanye futhi sifune izindlela zokwanuleka.—1 Johane 3:14.
12. Singalukhulisa kanjani uthando lwethu ngabo bonke ebandleni?
12 Ingabe bakhona abathile ebandleni esikuthola kunzima ukusondelana nabo? Uma sizikhandla ukuze sisibekele noma yikuphi ukungafani kobuntu bethu—njengoba singathanda ukuba nabo benze okufanayo—lokhu kungathuthukisa ubuhlobo phakathi kwethu. Nendlela esizizwa ngayo ngabo ingathuthuka uma sibheka izimfanelo ezinhle kubo futhi sigxile kuzo. Ngokuqinisekile lokhu kuyokhulisa indlela esibathanda ngayo.—Luka 6:32, 33, 36.
13. Singanuleka kanjani ekubaboniseni uthando labo abasebandleni lakithi?
13 Kuyiqiniso ukuthi kulinganiselwe lokho esingakwenzela abanye. Singase singakwazi ukubabingelela bonke emhlanganweni ngamunye. Kungase kungenzeki ukumemela wonke umuntu esidlweni. Kodwa singanuleka yini ngokusebenzisa imizuzu embalwa nje ukuze sijwayelane nothile ebandleni lakithi? Singammema yini othile esingamjwayele ngezikhathi ezithile ukuba asebenze nathi enkonzweni yasensimini?
14. Lapho siphakathi kwamaKristu esingakaze siwabone, singalubonisa kanjani uthando olujulile ngomunye nomunye?
14 Imihlangano emikhulu yobuKristu isinika amathuba amahle okwanuleka othandweni lwethu. Ingase ithanyelwe yizinkulungwane. Asinakukwazi ukubabingelela bonke, kodwa singaziphatha ngendlela ebonisa ukuthi sibeka inhlalakahle yabo kuqala kunokunethezeka kwethu. Ngesikhathi sekhefu, singabonisa isithakazelo somuntu siqu ngokuzethula kuqala kulabo abaseduze. Ngolunye usuku bonke abaphila emhlabeni bayoba abafowabo nodadewabo bomunye nomunye, abanobunye ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso noYise wabo bonke. Ave kuyoba yinjabulo ukwazana! Uthando olujulile luyosishukumisela ukuba sifune ukwenza kanjalo. Kungani ungaqali manje?
Ingxoxo Yokubukeza
• Lapho kuphakama izinkinga phakathi kwamaKristu, kufanele zixazululwe kanjani, futhi ngani?
• Njengoba sikhula ngokomoya, uthando lwethu nalo kufanele lukhule ngaziphi izindlela?
• Kungenzeka kanjani ukubonisa uthando olujulile nakwabanye abantu ngaphandle kwabangane esisondelene nabo?
[Isithombe ekhasini 148]
Uthando lobuKristu luboniswa ngezindlela eziningi, njengasemihlanganweni yebandla