Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ol ingxenye 5 kk. 15-18
  • Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha
  • Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amanga Nokukhohlisa
  • Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Imilingo Nokuthakatha Kubi
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Yini Eyisisusa Sobuthakathi?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Ikhona Ingozi Ekwenzeni Umlingo?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
ol ingxenye 5 kk. 15-18

INgxenye 5

Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha

1. Kwande kangakanani ukukholelwa emilingweni nasebuthakathini?

“E-AFRIKA kuwukudlala ngesikhathi ukubuza ukuthi bakhona yini abathakathi noma cha,” kusho incwadi ethi African Traditional Religion, bese inezela ukuthi “abantu abaNsundu bazo zonke izigaba bayazi ukuthi ubuthakathi bukhona.” Abangafundile nabayizifundiswa bayakholelwa emilingweni nasebuthakathini. Abaholi benkolo yamaSulumane nabeLobukholwa nabo bayakholelwa kulezi zinto.

2. Ngokwenkolelo ethandwayo, avelaphi amandla okwenza imilingo?

2 Ngokwenkolelo ethandwayo e-Afrika, kunamandla angokomoya angaqondakali. Alawulwa uNkulunkulu. Abanemimoya nabaphansi bangawasebenzisa. Nabantu abathile bayakwazi ukuwathola bawasebenzise, bawasebenzisele izinhlanhla noma amashwa.

3. Kuyini ukuloya, futhi yini abantu abakholelwa ukuthi kungayenza?

3 Yizitha ezithunyelelwa amashwa noma eziloywayo. Kuthiwa abantu abaloyayo banamandla okuthumela amalulwane, izinyoni, izimpukane nezinye izilwane ziyohlasela abantu. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuloywa kwenza abantu balwe, babe yizinyumba, bagule, bafe nokufa.

4. Yini abaningi abayikholelwayo ngabathakathi, futhi yiziphi izinto abaye bazivuma abanye ababengabathakathi?

4 Okunye okuthi akufane nakho ubuthakathi. Kuthiwa abathakathi bashiya imizimba yabo ebusuku bandize bayohlangana nabanye abathakathi noma bayobulala abantu. Njengoba imizimba yabathakathi isala ilele emibhedeni, lezi zindaba zixoxwa ikakhulu abantu abasuke sebeyekile ukuthakatha. Ngokwesibonelo, omunye umagazini wase-Afrika ucaphuna ababengabathakathi (ikakhulu amantombazane asakhula) bethi: “Ngabulala abantu abangu-150 ngokubabangela izingozi zezimoto.” “Ngabulala izingane ezinhlanu ngokumunca lonke igazi lazo.” “Ngabulala amasoka ami amathathu ngoba angala.”

5. Yini ukugqaba, futhi kwenziwa kanjani?

5 Kucatshangwa ukuthi ukugqaba kuvikela umuntu kokubi. Labo abagqabile bafaka izindandatho noma amasongo abhiliwe. Baphuza imithi ethile noma bagcobe izigqabo. Endlini noma egcekeni babethela izikhonkwane abakholewa ukuthi ziqinisa umuzi. Bathembela ezigqizweni zenhlanhla ezinamazwi athathwe kuyiKoran noma eBhayibhelini.

Amanga Nokukhohlisa

6. Yini uSathane namademoni akhe abayenzile esikhathini esidlule, futhi kufanele siwabheke kanjani amandla abo?

6 Kuyiqiniso ukuthi uSathane namademoni akhe bayizitha zabantu eziyingozi. Banamandla okuthonya izingqondo nokuphila kwabantu, futhi esikhathini esidlule bakwazile nokungena kubantu nasezilwaneni. (Mathewu 12:43-45) Nakuba kungafanele sicabange ukuthi mancane amandla abo, akufanele futhi siwakhulise ngokweqile.

7. Yini uSathane afuna siyikholelwe, futhi yisiphi isibonelo salokhu?

7 USathane ungumpetha wokukhohlisa. Ukhohlisa abantu bacabange ukuthi unamandla angaphezu kwalawo anawo ngempela. Nasi isibonelo: Muva nje lapho kulwiwa kwelinye izwe e-Afrika, amasosha asebenzisa imishini yokukhulisa umsindo ukuze ethuse izitha zawo. Ngaphambi kokuba ahlasele, amasosha ayedlala imisindo eqoshiwe yokuqhuma okukhulu kombayimbayi nezibhamu. Ayefuna isitha sicabange ukuthi sihlaselwa ibutho elinezikhali eziningi ezinamandla. Ngendlela efanayo, uSathane ufuna abantu bakholelwe ukuthi unamandla angenamkhawulo. Injongo yakhe ukwesabisa abantu bese benza intando yakhe hhayi intando kaJehova. Manje ake sicabangele amanga amathathu uSathane afuna abantu bawakholelwe.

8. Yimaphi amanga okuqala abhebhethekiswa uSathane?

8 Nawa amanga okuqala uSathane awabhebhethekisayo: Ayikho into embi ezenzakalelayo; yonke into embi engabangelwa muntu ngokuqondile ibangelwa amandla emimoya. Ngokwesibonelo, ake sithi ingane ibulawa umalaleveva. Kungenzeka unina uyazi ukuthi umalaleveva isifo esithwalwa omiyane. Kodwa angase akholelwe nawukuthi kunomuntu othakathe ingane yakhe ngokuthumela umiyane ukuba uyilume.

9. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uSathane akabangeli zonke izinkinga?

9 Yize uSathane enamandla okudala izinkinga ezithile, kuyiphutha ukukholelwa ukuthi unamandla okudala zonke izinkinga. IBhayibheli lithi: “Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, noma ukudla ngabahlakaniphileyo noma ingcebo ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Umgijimi emncintiswaneni angase abe nejubane kunabanye, kodwa angaphumeleli. Angase ehlulwe ngenxa ‘yesenzakalo esingalindelekile.’ Angase aqhuzuke awe, agule noma enyele. Lezi zinto zingehlela noma ubani. Azibangelwa ngempela uSathane noma ubuthakathi; zimane zenzeke nje.

10. Kuthiwa abathakathi benzani, futhi sazi kanjani ukuthi kungamanga lokhu?

10 Nawa amanga esibili uSathane awabhebhethekisayo: Abathakathi bashiya imizimba yabo bahambe ebusuku bayohlangana nabanye abathakathi noma bayobulala abantu. Ake uzibuze-ke: ‘Uma abathakathi bekwazi ukwenza lokho, yini ngempela le ephumayo ishiye umzimba?’ Njengoba sesibonile, umphefumulo unguye umuntu, awuyona into ethile ekwazi ukuphuma kumuntu. Kanti okunye ukuthi umoya ungamandla okuphila anikeza umzimba amandla, kodwa ayikho into okwazi ukuyenza ngaphandle komzimba.

11. Sazi kanjani ukuthi abathakathi abakwazi ukushiya imizimba yabo, futhi ingabe wena uyakukholelwa lokhu?

11 Umphefumulo noma umoya ngeke ukwazi ukushiya umzimba uyokwenza noma yini, enhle noma embi. Ngakho abathakathi ngeke bakwazi ukushiya imizimba yabo. Abazenzi ngempela izinto abathi bayazenza noma abacabanga ukuthi bazenzile.

12. USathane ubenza kanjani abantu bakholelwe ukuthi benze izinto abangazenzanga?

12 Basuke bezithathaphi pho izindaba abazixoxayo labo ababethakatha? USathane angenza abantu bakholelwe ukuthi kwenzeke kubo izinto ezingazange zenzeke. Esebenzisa imibono, uSathane angenza abantu bacabange ukuthi kunezinto abazibonile, bazizwa, futhi bazenza kube kungenjalo. Ngokwenza kanjalo, uSathane usuke enethemba lokwenza abantu bashiye uJehova futhi bacabange ukuthi iBhayibheli linephutha.

13. (a) Ingabe umlingo wezinhlanhla ulungile? (b) Ithini imiBhalo ngemilingo?

13 Nawa amanga esithathu: Umlingo wezinhlanhla—umlingo owenzelwa ukuvimba amashwa—ulungile. IBhayibheli alenzi mehluko phakathi komlingo wamashwa nowezinhlanhla. Liyayilahla yonke imilingo. Cabanga ngemithetho uJehova ayinika isizwe sakwa-Israyeli ephathelene nemilingo nababeyenza:

● “Ningayenzi imilingo.”—Levitikusi 19:26.

● “Ngokuqondene nendoda noma owesifazane oba nomoya osebenza ngabantu noma umoya wokubikezela, kufanele babulawe nakanjani.”—Levitikusi 20:27.

● “Akufanele kutholakale kuwe . . . owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya.”—Duteronomi 18:10-14.

14. Kungani uJehova abeka imithetho emelene nemilingo?

14 Le mithetho yakwenza kwacaca ukuthi uNkulunkulu wayengafuni ukuba abantu bakhe benze imilingo. UJehova wanika abantu bakhe le mithetho ngoba wayebathanda futhi engafuni bagqilazwe ukwesaba nokukholelwa ezeni. Wayengafuni bacindezelwe amademoni.

15. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJehova unamandla kakhulu kunoSathane?

15 Nakuba iBhayibheli linganingilizi ngalokho amademoni akwazi ukukwenza nangakwazi, liyabonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu unamandla kakhulu kunoSathane namademoni akhe. UJehova wenza ukuba uSathane axoshwe ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Phawula nokuthi uSathane wacela imvume yokuvivinya uJobe futhi wasilalela isixwayiso sikaNkulunkulu sokuba angambulali uJobe.—Jobe 2:4-6.

16. Kufanele sithembele kubani ukuze sithole isivikelo?

16 IzAga 18:10 zithi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.” Ngakho kufanele sithembele kuJehova ukuze sithole isivikelo. Izinceku zikaNkulunkulu azithembeli ezintelezini nasemakhubalweni ukuze zivikeleke ezenzweni ezimbi zikaSathane namademoni, futhi azizesabi iziphonso zabathakathi. Izinceku zikaNkulunkulu zikholelwa yilokho iBhayibheli elikushoyo: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise izikhwepha zakhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.

17. UJakobe 4:7 usiqinisekisa ngani, kodwa yini okumelwe siyenze?

17 Nawe ungaqiniseka ngalokhu uma ukhonza uJehova. UJakobe 4:7 uthi: “Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” Uma ukhonza uNkulunkulu weqiniso, uzithoba kuye, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokuvikela.

Ingabe Abathakathi Bangawusebenzisa Umphezulu?

Ekuqaleni kuka-1977, abantu abangu-14 ababenukwa ngokuthi bangabathakathi bashiswa baze bafa eduze kwasePietersburg, eNingizimu Afrika. Uphawula ngalokhu, umagazini i-Drum wathi: “Amadoda nabesifazane bendawo bagajwe ukwesaba. Besaba ukuthakathwa nokushaywa umphezulu . . .

“Kumelwe kube nokwenziwayo . . . Ngakho i-DRUM iphonsela zonke izinyanga le nselele: Kuno-R5 000 onilindile emahhovisi ethu uma phakathi nalo March 1977 noma ubani kini engashaya uStanley Motjuwadi ngomphezulu afe. Uma nehluleka, bonke abantu mabazi ukuthi ukuzishaya kwenu abakwaziyo ukusebenzisa umphezulu kuwumbhedo, imbudane uqobo lwayo.

“Nina bathakathi ndini, qalani ukubilisa ogalaza benu. Soke sibone phela.”

Abathakathi bakwazi yini ukuphendula le nselele ngokuthumela umphezulu? Cha abakwazanga. UMnu. Motjuwadi, umlobeli we-Drum, akehlelwanga yilutho futhi izinto zamhambela kahle, wagcina esingumhleli walowo magazini.

[Umbuzo yesifundo]

Ibhokisi: Umlobi waseNingizimu Afrika wabaphonsela kanjani inselele abathakathi, futhi waba yini umphumela?

[Isithombe ekhasini 16]

Abathakathi abakwazi ukushiya imizimba yabo

[Isithombe ekhasini 17]

Ngezinye izikhathi izinto ezimbi zimane zenzeke nje

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela