Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu?
“NGIFUNA ukuthola okungcono kakhulu ekuphileni.” Yasho njalo enye intombazane eyevé eshumini elinambili. Akungabazeki ukuthi yilokho nawe okufunayo. Kodwa ukuthola kanjani nje “okungcono” ekuphileni? Imithombo yezindaba nontanga, mhlawumbe ngisho nothisha bakho, bangase bathi kutholakala ngokuhola imali eningi, usebenze umsebenzi ophambili—ube ophumelelayo!
Nokho, iBhayibheli lixwayisa intsha ngokuthi ukuphishekela ukuphumelela ngokwezinto ezibonakalayo kumane nje “kuyize nokufuna umoya.” (UmShumayeli 4:4) Ngokwesibonelo, iyingcosana intsha egcina ithole ingcebo nodumo. Leyo ekutholayo ivama ukuzithola idumele kabuhlungu. Omunye omusha waseBrithani owaphishekela umsebenzi ophambili ngemfundo uthi: “Kufana nebhokisi elingenalutho, uma nje ulunguza ngaphakathi ufica kungekho lutho.” Yiqiniso, ngezinye izikhathi umsebenzi ungase ulethe ingcebo nokuqashelwa. Kodwa awukwazi ukwanelisa ‘isidingo sakho esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Ngaphandle kwalokho, eyoku-1 Johane 2:17 ixwayisa ngokuthi “izwe liyadlula.” Ngisho noma ubungaphumelela kuleli zwe, bekuyoba okwesikhashana.
Yingakho umShumayeli 12:1 enxusa intsha: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” Yebo, inkonzo kaJehova uNkulunkulu iyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwakho. Kodwa kumelwe ukufanelekele kuqala ukuba senkonzweni kaNkulunkulu. Ungafaneleka kanjani? Futhi, ihilelani impilo yokukhonza uNkulunkulu?
Ukufanelekela Ukuba UFakazi KaJehova
Okokuqala nje, kumelwe uhlakulele isifiso sokukhonza uNkulunkulu—futhi leso sifiso asizizeli ngokuzenzakalelayo, ngisho noma abazali bakho bengamaKristu. Kumelwe uzakhele obakho ubuhlobo noJehova. Intombazane ethile eyevé eshumini nambili yathi: “Ukuthandaza kukusiza ukuba uzakhele obakho ubuhlobo noJehova.”—IHubo 62:8; Jakobe 4:8.
EyabaseRoma 12:2 iqokomisa esinye isinyathelo okumelwe usithathe. Ithi: ‘Zitholeleni ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ Wake wazithola yini ungabaza ezinye zezinto ofundiswe zona? Khona-ke landela isikhuthazo seBhayibheli, ‘uzitholele ngokwakho’ ukuthi lezi zinto ziyiqiniso! Zicwaningele. Funda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Kodwa-ke ukufunda ngoNkulunkulu akukhona ukusebenzisa umqondo nje kuphela. Zinike isikhathi sokuzindla ngalokho okufundayo ukuze kwehlele enhliziyweni yakho engokomfanekiso. Lokhu kuyolukhulisa uthando lwakho ngoNkulunkulu.—IHubo 1:2, 3.
Okulandelayo, zama ukuzihlanganyela nabanye ngokwethukela izinto ozifundayo, mhlawumbe nalabo ofunda nabo esikoleni. Isinyathelo esilandelayo siwukushumayela endlini ngendlu. Ngezinye izikhathi uyohlangana nalabo ofunda nabo lapho ushumayela, futhi lokhu kungakwenza ushaywe uvalo ekuqaleni. Kodwa iBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘singabi namahloni ngezindaba ezinhle.’ (Roma 1:16) Uphethe isigijimi sokuphila nethemba! Ubelani-ke namahloni?
Uma abazali bakho bengamaKristu, kungenzeka usuhamba nabo kakade kulo msebenzi. Kodwa ingabe uyakwazi ukwenza okwengeziwe kunokumane uthule nje emizini yabantu noma uhambise omagazini namapheshana? Uyakwazi yini ukuzikhulumela ngokwakho emizini, usebenzisa iBhayibheli ekufundiseni umninikhaya? Uma kungenjalo, cela usizo kubazali bakho noma kwelinye ilungu lebandla elivuthiwe. Zibekele umgomo wokufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe wezindaba ezinhle!
Ngokuhamba kwesikhathi uyoshukumiseleka ukuba uzinikezele—uthembise uNkulunkulu ukuthi uyomkhonza kusukela ngaleso sikhathi. (Roma 12:1) Nokho, ukuzinikezela akuyona nje indaba yakho wedwa. UNkulunkulu ufuna ukuba bonke ‘bavume obala kube insindiso.’ (Roma 10:10) Ngesikhathi ubhapathizwa, uqala ngokuluvuma ngomlomo ukholo lwakho. Bese kulandela ukubhapathizwa emanzini. (Mathewu 28:19, 20) Kuyavunywa, ubhapathizo luyisinyathelo esingathi sína. Kodwa ungazindeli ngoba unomuzwa wokuthi kungenzeka ngandlela-thile uhluleke phambili. Uma uncike emandleni kaNkulunkulu, uyokunika “amandla angaphezu kwavamile” ayokusiza ukuba ume uqinile.—2 Korinte 4:7; 1 Petru 5:10.
Ngesikhathi ubhapathizwa, uba ngomunye woFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10) Lokhu kufanele kube nethonya elinamandla endleleni oyokusebenzisa ngayo ukuphila kwakho. Ukuzinikezela kuhilela ‘ukuzidela.’ (Mathewu 16:24) Kungenzeka udele eminye yemigomo nezifiso obunazo ‘ufune kuqala umbuso kaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:33) Ngakho, ukuzinikezela nobhapathizo kukuvulela amathuba amaningi okwenza kanjalo. Ake sicabangele amanye awo.
Amathuba Okukhonza UNkulunkulu Isikhathi Esigcwele
● Ukuphayona kungelinye lalawo mathuba. Ummemezeli oyiphayona ungumKristu obhapathiziwe oyisibonelo oye wahlela ukuba asebenzise okungenani amahora angu-70 inyanga ngayinye eshumayela izindaba ezinhle. Ukusebenzisa isikhathi esiningi ensimini kuyokusiza ukuba uthuthukise amakhono akho okushumayela nokufundisa. Amaphayona amaningi aye athola injabulo yokusiza abantu abafundela iBhayibheli ukuba babe ngoFakazi ababhapathiziwe. Ukhona yini umsebenzi wokuziphilisa ongathakazelisa futhi wanelise njengalo?
Ukuze ahlangabezane nezindleko zokuphila, amaphayona amaningi aziphilisa ngokubamba amatoho. Amaningi akuhlelela kusengaphambili lokhu ngokufunda umsebenzi othile esikoleni noma kubazali. Uma wena nabazali bakho ninomuzwa wokuthi kuyoba usizo ukuba uthole ukuqeqeshwa okuthile okuthasisela emfundweni yakho ephakeme, qiniseka ukuthi isisusa sakho akusona esokuthola imali eningi, kodwa ukufuna ukuzisekela enkonzweni futhi mhlawumbe ukhonze njengesikhonzi sesikhathi esigcwele.
Nokho, ukuphila kwephayona akugxili emsebenzini walo wokuziphilisa kodwa enkonzweni yalo—ukusiza abanye bazuze ukuphila! Kungani ungenzi ukuphayona kube umgomo wakho? Ukuphayona ngokuvamile kuholela kwamanye amalungelo. Ngokwesibonelo, amanye amaphayona athuthela ezindaweni lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Amanye afunda olunye ulimi ukuze akhonze ebandleni elisebenzisa olunye ulimi endaweni yakubo noma kwelinye izwe. Ngempela, ukuphayona kuyindlela yokuphila ezuzisayo!
● Inkonzo yezithunywa zevangeli ngelinye ithuba elikuvulekelayo. Kusukela ngo-1943 i-Watchtower Bible School of Gilead iye yanikeza amaphayona afanelekayo imfundo enhle kakhulu yokuwaqeqeshela inkonzo yezithunywa zevangeli. Abaphothulile bathola isabelo sokukhonza njengabashumayeli besikhathi esigcwele kwamanye amazwe. Kwamaningi ala mazwe, izimo zokuphila zinzima, ngakho inkonzo yezithunywa zevangeli idinga umuntu onempilo enhle namandla okukhuthazela. Yize kunjalo, izithunywa zevangeli ziphila ukuphila okujabulisayo nokugculisayo.
● ISikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo samiselwa ukuqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo abafanelekayo, abangashadile. Le mfundo ejiyile yamasonto ayisishiyagalombili ihlanganisa izifundo ezinjengemithwalo yabadala nezinceku ezikhonzayo, ukuhleleka, nokukhuluma eningini. Abanye babelwa ukuba bakhonze emazweni akubo. Abanye bacelwa ukuba bayokhonza kwamanye amazwe.
● Inkonzo yaseBethel iwukukhonza njengesisebenzi sokuzithandela kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Amanye amalungu omkhaya waseBethel akhonza ngokuqondile emsebenzini wokukhiqiza izincwadi zeBhayibheli. Amanye enza imisebenzi ewusekelayo, njengokugcinwa kwezakhiwo nemishini kusesimweni esifanele noma ukunakekela izidingo ezingokwenyama zomkhaya waseBethel. Zonke izabelo zingamalungelo angcwele enkonzo kaJehova. Ngaphezu kwalokhu, labo abaseBethel bathola injabulo ngokwazi ukuthi noma yini abayenzayo, izuzisa inqwaba yabafowabo emhlabeni wonke.
Ngezinye izikhathi kuye kumenywe abazalwane abanamakhono akhethekile ukuba bazokhonza eBethel. Nokho, iningi liqeqeshwa lapho selifikile. Labo abaseBethel abakhonzeli ukuzuza ngokwezinto ezibonakalayo kodwa baneliswa amalungiselelo okudla, indawo yokuhlala, nangokuhlangatshezwa ngokuncane kokubhekana nezindleko zomuntu siqu. Elinye ilungu eliselincane lomkhaya waseBethel lichaza inkonzo yalo ngale ndlela: “Ayinakuqhathaniswa! Isimiso sakhona siyinselele, kodwa ngithole izibusiso eziningi ngokukhonza lapha.”
● Inkonzo yezisebenzi zomhlaba wonke inika umuntu ithuba lokuhlanganyela ekwakheni izakhiwo zamagatsha namaHholo OMbuso. Izisebenzi zomhlaba wonke, njengoba zibizwa kanjalo, ziya kwamanye amazwe ukuze ziyosiza kulowo msebenzi wokwakha. Lokhu kungolunye uhlobo lwenkonzo engcwele, olufana nomsebenzi walabo abakha ithempeli likaSolomoni. (1 AmaKhosi 8:13-18) Izisebenzi zomhlaba wonke zinakekelwa ngendlela efanayo nomkhaya waseBethel. Yeka ukuthi yilungelo elingakanani abanalo laba bafowethu nodadewethu abakhonza kulo mkhakha womsebenzi kube udumo kuJehova!
Khonza UJehova Ngomphefumulo Wonke
Ukukhonza uJehova kuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwakho. Kungani ungakucabangeli ukuzibekela umgomo wokukhonza uNkulunkulu isikhathi esigcwele? Xoxa ngenkonzo yesikhathi esigcwele nabazali bakho, abadala bebandla lakini, nombonisi wesifunda sakini. Uma unesithakazelo sokukhonza eBethel, sokuya eGileyadi noma eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, yiba khona emihlanganweni yabanesithakazelo kulokhu eba khona emihlanganweni yesifunda neyesigodi.
Yebo, akubona bonke abangase bakufanelekele noma bakwazi ukukhonza isikhathi esigcwele. Ngezinye izikhathi izinkinga zempilo, izimo zezimali, nezibopho zomkhaya ziyamnqinda umuntu kulokho angakwenza. Yize kunjalo, wonke amaKristu azinikezele kumelwe alalele umyalo weBhayibheli othi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” (Mathewu 22:37) UJehova ufuna wenze konke okusemandleni akho izimo zakho ezikuvumela ukuba ukwenze. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi isimo sakho siyini, yenza ukuphila kwakho kugxile ekukhonzeni uJehova. Zibekele imigomo engokwasezulwini enengqondo. Yebo, “khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho”—uyobusiswa phakade ngokuthi ukwenzile!
Ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela, zonke izingcaphuno zemiBhalo zivela eBhayibhelini lesiZulu elivamile ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki.