Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lr isahl. 6 kk. 37-41
  • UMfundisi Omkhulu Wakhonza Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMfundisi Omkhulu Wakhonza Abanye
  • Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza UJesu Waba Umfundisi Omkhulu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ufundisa Ngokuthobeka EPhasikeni Lokugcina
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Wenza Inkonzo Ephansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
Funda KuMfundisi Omkhulu
lr isahl. 6 kk. 37-41

ISAHLUKO 6

UMfundisi Omkhulu Wakhonza Abanye

UYATHANDA yini ukuba umuntu akwenzele into enhle?— Nabanye abantu bayathanda ukwenzelwa into enhle. Sonke siyathanda ukwenzelwa into enhle. UMfundisi Omkhulu wayekwazi lokho, futhi njalo nje wayenzela abantu izinto. Wathi: ‘Angizelanga ukukhonzwa, kodwa ngezela ukukhonza.’—Mathewu 20:28.

uJesu uzwa abafundi bakhe ababili bephikisana

Babephikisana ngani abalandeli bakaJesu?

Ngakho uma sifuna ukufana noMfundisi Omkhulu, yini okumelwe siyenze?— Kumelwe sikhonze abanye. Kumelwe sibenzele izinto ezinhle. Yiqiniso, abantu abaningi abakwenzi lokhu. Empeleni, abantu abaningi bafuna abanye babakhonze njalo nje. Abalandeli bakaJesu nabo bake bazizwa ngale ndlela. Ngamunye wabo wayefuna ukuba mkhulu kunabo bonke noma abaluleke kunabo bonke.

Ngelinye ilanga uJesu wayehamba nabafundi bakhe. Sebefikile emzini waseKapernawume, eduze koLwandle LwaseGalile, bonke bangena endlini. UJesu wabe esebabuza lo mbuzo: “Beniphikisana ngani endleleni?” Bathula ngoba endleleni babephikisana ngokuthi ubani omkhulu kubo.—Marku 9:33, 34.

UJesu wayazi ukuthi kwakungalungile ukuba kube nomfundi wakhe ocabanga ukuthi mkhulu kunabanye. Njengoba sifundile esahlukweni sokuqala sale ncwadi, wamisa ingane encane phakathi kwabo wayesebatshela ukuthi kufanele bathobeke njengaleyo ngane. Kodwa noma kunjalo abazange bafunde. Esezokufa nje uJesu, wabafundisa isifundo ababengeke basikhohlwe. Wenzani?—

Kwathi lapho bonke besadla, uJesu wasukuma etafuleni wakhumula izingubo zakhe zangaphandle. Wathatha ithawula walibophela okhalweni. Wayesethatha indishi yokugeza wafaka amanzi. Kumelwe ukuba abalandeli bakhe bazibuza ukuthi uzokwenzani. Njengoba babebuka, uJesu wagoba wageza izinyawo zabo bonke, ngamunye ngamunye. Wabe esezesula ngethawula. Cabanga nje ngalokho! Wawuyokwenzenjani wena ukube wawulapho?—

uJesu ugeza izinyawo zabafundi bakhe

Yisiphi isifundo uJesu ayesifundisa abalandeli bakhe?

Abalandeli bakhe bacabanga ukuthi kwakungalungile ukuba uMfundisi Omkhulu abakhonze ngale ndlela. Baba namahloni. Empeleni, uPetru wenqaba ukuba uJesu enze lo msebenzi ophansi. Kodwa uJesu wathi kwakubalulekile ukuba awenze.

Asivamile thina ukugezana izinyawo namuhla. Kodwa kwakwenziwa lokhu ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Uyazi ukuthi kwakwenziwelani?— Ezweni uJesu nabalandeli bakhe ababehlala kulo abantu babegqoka izimbadada ezinyaweni. Ngakho lapho behamba emigwaqweni enothuli, izinyawo zabo zazigcwala uthuli. Kwakuwukubonisa umusa ukugeza izinyawo zomuntu ovakashile uzisuse uthuli.

Kodwa manje akukho namunye kubafundi bakaJesu owayefuna ukugeza izinyawo zabanye. Ngakho uJesu wazigeza yena. Ngokwenza lokhu, uJesu wafundisa abalandeli bakhe isifundo esibalulekile. Kwakudingeka basifunde lesi sifundo. Futhi yisifundo okudingeka nathi sisifunde namuhla.

Uyazi yini ukuthi yisiphi leso sifundo?— Ngemva kokuba uJesu esegqoke izingubo zakhe zangaphandle waphindela etafuleni, wathi: “Niyakwazi yini lokhu engikwenzé kini? Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi nikhuluma kahle, ngoba ngiyikho. Ngakho-ke, uma mina, nakuba ngiyiNkosi noMfundisi, nginigezé izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo.”—Johane 13:2-14.

Ingane ilethela abesifazane ababili ibhodwe njengoba belungiselela ukupheka

Yini ongayenza ukuze usize abanye?

UMfundisi Omkhulu lapha wabonisa ukuthi wayefuna ukuba abalandeli bakhe bakhonzane. Wayengafuni ukuba bazicabangele bona bodwa. Wayengafuni bacabange ukuthi bakhulu kakhulu nokuthi abanye kufanele bakhonze bona ngaso sonke isikhathi. Wayefuna bazimisele ukukhonza abanye.

Kwakungesona yini isifundo esihle leso?— Wena uzomlingisa yini uMfundisi Omkhulu ukhonze abanye?— Sonke singabenzela abanye izinto. Kuyobajabulisa loko. Kodwa okuhle nakakhulu, kuyojabulisa uJesu noBaba wakhe.

Izingane zisiza umama wazo ngokuhlanza indlu

Akulukhuni ukukhonza abanye abantu. Uma unakisisa, uyobona izinto eziningi ongazenzela abanye. Ake ucabange: Ikhona yini into ongayenza ukuze usize umama wakho? Uyazi ukuthi ukwenzela izinto eziningi wena nabo bonke abakini. Ungamsiza?— Mbuze.

Mhlawumbe ungabeka izitsha etafuleni lapho sekuzodliwa. Noma mhlawumbe ungaqoqa izitsha ezingcolile uma seniqedile ukudla. Ezinye izingane zichitha udoti zonke izinsuku. Noma yini ongayenza, uyobe ukhonza abanye, njengoba noJesu enza.

Umfana osekhulile usiza umfowabo osemncane andlule umbhede

Unabo yini abafowenu nodadewenu abancane ongabakhonza? Khumbula, uJesu, uMfundisi Omkhulu, wakhonza ngisho nabalandeli bakhe. Uma ukhonza abafowenu nodadewenu abancane, uyobe ulingisa uJesu. Yini ongabenzela yona?— Mhlawumbe ungabasiza bafunde ukuqoqa amathoyizi abo uma sebeqedile ukudlala. Noma ungabasiza ubagqokise. Noma mhlawumbe ungabasiza bandlule lapho kade belele khona. Kukhona okunye okucabangayo ongabenzela kona?— Bayokuthanda uma ubenzela lezi zinto, njengoba nje nabalandeli bakaJesu babemthanda.

Nasesikoleni ungabakhonza abanye abantu. Kungaba izingane ofunda nazo noma uthisha wakho. Uma umuntu ewelwa izincwadi zakhe, uyobe ubonisa umusa uma umcoshisa zona. Ungase usule ibhodi noma wenzele uthisha wakho enye into. Ngisho nokuvulela umuntu umnyango kuyisenzo somusa.

Umfana usulela uthisha wakhe ibhodi; intombazane ilethela owesifazane ongakwazi ukuhamba ukudla

Ngezinye izikhathi abantu ngeke basibonge ngalokho esibenzela kona. Ucabanga ukuthi loko kufanele kusenze siyeke ukwenza izinto ezinhle?— Cha! Abantu abaningi abazange bambonge uJesu ngemisebenzi yakhe emihle. Kodwa lokho akuzange kumenze ayeke ukwenza okuhle.

Ngakho masingayeki ukukhonza abanye abantu. Masikhumbule uMfundisi Omkhulu, uJesu, futhi ngaso sonke isikhathi sizame ukulandela isibonelo sakhe.

Fundani nansi eminye imiBhalo ekhuluma ngokusiza abantu, izAga 3:27, 28; Roma 15:1, 2; neyabaseGalathiya 6:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela