U-Israyeli Nezizwe Ezazimzungezile
UJEHOVA wathi ku-Abrahama: ‘Phuma e-Uri eMesophothamiya uye ezweni engizokutshengisa lona.’ Kwakunabantu ababehlala kulelo zwe futhi lalizungezwe ezinye izizwe.—Gen 12:1-3; 15:17-21.
Njengoba abantu bakaNkulunkulu bephuma eGibhithe, babazi ukuthi izitha, ‘ezinjengababusi abanonya bakwaMowabi,’ zingase zilwe nabo. (Eks 15:14, 15) Ama-Amaleki, abakwaMowabi, abakwa-Amoni nama-Amori ayesendleleni yama-Israyeli ngesikhathi eya eZweni Lesithembiso. (Num 21:11-13; Dut 2:17-33; 23:3, 4) Futhi ama-Israyeli ayesazonqwamana nezinye izizwe eziyizitha uma esefikile ezweni uNkulunkulu ayewathembise lona.
UNkulunkulu wathi u-Israyeli kwakufanele ‘asuse izizwe’ eziyisikhombisa “ezinabantu abaningi”—amaHeti, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi—ezazifanelwe ukubhujiswa. Zazikhohlakele futhi zinenkolo engcolile. Konkulunkulu bazo kwakukhona noBhali (owayaziwa ngezinsika zamatshe ezingumfanekiso wesitho sobulili sowesilisa), uMoloki (okwakunikelwa kuye izingane), nonkulunkulukazi wenzalo u-Ashitoreti (u-Astarte).—Dut 7:1-4; 12:31; Eks 23:23; Lev 18:21-25; 20:2-5; AbA 2:11-14; IHu 106:37, 38.
Ngezinye izikhathi yonke le ndawo uNkulunkulu ayezoyinika u-Israyeli yayibizwa ngokuthi ‘iKhanani,’ kusukela enyakatho yeSidoni kuye “esigodini sesifufula saseGibhithe.” (Num 13:2, 21; 34:2-12; Gen 10:19) Ngezinye izikhathi iBhayibheli lizisho ngamagama izizwe ezihlukahlukene, izifunda ezizimele, noma abantu ababekulelo zwe. Ezinye izizwe zazinezindawo ezihlukile kwezezinye, njengamaFilisti ayengasolwandle namaJebusi ayesezintabeni eziseduze kweJerusalema. (Num 13:29; Josh 13:3) Ezinye zazishintsha izindawo ezazihlala kuzo ngokuhamba kwesikhathi.—Gen 34:1, 2; 49:30; Josh 1:4; 11:3; AbA 1:16, 23-26.
Ngesikhathi soFuduko, ama-Amori cishe ayeyisizwe esikhulu nesinamandla.a (Dut 1:19-21; Josh 24:15) Ayedle izwe lakwaMowabi kwaze kwafika esigodini sesifufula sase-Arinoni, yize indawo engaphesheya uma useJeriko yayisabizwa ngokuthi ‘amathafa awugwadule akwaMowabi.’ Amakhosi ama-Amori ayebusa futhi eBhashani naseGileyadi.—Num 21:21-23, 33-35; 22:1; 33:46-51.
Nakuba ayesekelwe uNkulunkulu, ama-Israyeli awazange azixoshe zonke lezo zizwe ezazilahliwe, okwathi ngokuhamba kwesikhathi zaba ugibe kuwo. (Num 33:55; Josh 23:13; AbA 2:3; 3:5, 6; 2Kho 21:11) Yebo, ama-Israyeli awela ogibeni yize ayexwayisiwe kwathiwa: “Akumelwe nilandele abanye onkulunkulu, noma yibaphi onkulunkulu bezizwe ezinizungezile.”—Dut. 6:14; 13:7.
[Umbhalo waphansi]
a Njengelithi “amaKhanani,” elithi “ama-Amori” lingasetshenziswa lapho kubhekiselwe kubantu bakulelo zwe bebonke noma lapho kubhekiselwe esizweni esisodwa.—Gen 15:16; 48:22.
[Ibalazwe elisekhasini 11]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izizwe Okwakufanele Zixoshwe EZweni Lesithembiso
IFILISTIYA (D8)
C8 I-Ashikeloni
C9 IGaza
D8 I-Ashidodi
D8 IGati
D9 IGerari
IKHANANI (D8)
B10 AMA-AMALEKI
C12 IHazari-adari (I-Adari?)
C12 IKadeshi (IKadeshi-barineya)
D8 ILakishi
D9 IBheri-sheba
D10 AMA-AMORI
D11 INEGEBHI
E4 IDori
E5 IMegido
E5 IThahanaki
E6 I-Afeki
E6 AMAHIVI
E7 AMAJEBUSI
E8 IBheti-shemeshi
E8 IHebroni (IKiriyati-ariba)
E9 AMAHETI
E9 IDebhiri
E10 I-Aradi (LaseKhanani)
E10 AMAKHENI
E11 I-Akarabimi
F4 AMAGIRIGASHI
F6 IShekemi
F7 AMAPHERIZI
F7 IGiligali
F7 IJeriko
F8 IJerusalema
G2 AMAHIVI
G2 KwaDani (ILayishi)
G3 IHazori
IFENIKE (F2)
E2 IThire
F1 ISidoni
KWA-EDOMI (F12)
F11 ISEYIRI
G11 IBhozira
AMA-AMORI (KASIHONI) (G8)
G6 IGILEYADI
G7 IShithimi
G7 IHeshibhoni
G9 I-Aroweri
ISIRIYA (H1)
G1 IBhali-gadi
G2 AMAHIVI
I1 IDamaseku
KWAMOWABI (H10)
AMA-AMORI (KA-OGI) (I5)
G6 IGILEYADI
H3 IBHASHANI
H4 I-Ashitaroti
H4 I-Edireyi
KWA-AMONI (I7)
H7 IRaba
[Izingwadule]
H12 UGWADULE LWASE-ARABHIYA
[Izintaba]
E4 INt. IKarmeli
E11 INt. IHori
G1 INt. IHermoni
G8 INt. INebo
[Amachibi amanzi]
C6 ULwandle LwaseMedithera (ULwandle Olukhulu)
F9 ULwandle Lukasawoti
G4 ULwandle LwaseGalile
[Imifula Nemihosha]
B11 I.S. SaseGibhithe
F6 UMfula IJordani
G6 I.S. SaseJabhoki
G9 I.S. Sase-Arinoni
G11 I.S. SaseZeredi
[Izithombe ekhasini 10]
Kwesokudla: Inkosi yama-Amori u-Ogi yayibusa eBhashani, elalidume ngezinkunzi zalo nezimvu
Ngezansi: ElakwaMowabi lalibhekene nehlane lakwaJuda elalingaphesheya koLwandle Lukasawoti
[Isithombe ekhasini 11]
UJehova wathi u-Israyeli awuxoshe izizwe ezazikhulekela onkulunkulu bamanga, njengoBhali, uMoloki nonkulunkulukazi wenzalo u-Ashitoreti (oboniswe lapha)