Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gl k. 28-k. 29 isig. 7
  • UJesu “Ezweni LamaJuda”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu “Ezweni LamaJuda”
  • ‘Bona Izwe Elihle’
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZwe Lesithembiso
    ‘Bona Izwe Elihle’
  • ‘Lapho UJehova Evusa Abahluleli’
    ‘Bona Izwe Elihle’
  • B10 Kwa-Israyeli Ngesikhathi SikaJesu
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • U-Israyeli Ngezinsuku ZikaDavide NoSolomoni
    ‘Bona Izwe Elihle’
Bheka Okunye
‘Bona Izwe Elihle’
gl k. 28-k. 29 isig. 7

UJesu “Ezweni LamaJuda”

NGENKATHI umphostoli uPetru eshumayeza uKorneliyu, washo izinto uJesu azenza “ezweni lamaJuda naseJerusalema.” (IzE 10:39) Ucabanga ukuthi yiziphi izindawo uJesu adlula kuzo enkonzweni yakhe eyaqopha umlando?

‘Izwe lamaJuda’ lalihlanganisa neJudiya, lapho uJesu enza khona eminye yemisebenzi kaNkulunkulu. (Luka 4:44) Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wachitha izinsuku ezingu-40 ehlane lakwaJuda (noma laseJudiya), isifunda esomile nesiyincithakalo esasithandwa yizigangi nezinswelaboya. (Luka 10:30) Ngemva kwesikhathi, uJesu wafakaza kowesifazane waseSamariya eduze kwaseSikhari ngenkathi ekhuphuka eya enyakatho esuka eJudiya.—Joh 4:3-7.

Uma sibukeza amaVangeli sithola ukuthi uJesu washumayela kakhulu eGalile. Nakuba ngemikhosi yaminyaka yonke ayehla aye eningizimu, eJerusalema, ingxenye enkulu yeminyaka emibili yokuqala yenkonzo yakhe wayichitha enyakatho yeZwe Lesithembiso. (Joh 7:2-10; 10:22, 23) Ngokwesibonelo, wafundisa izimfundiso eziningi ezidumile futhi wenza nezimangaliso ezinkulu eduze koLwandle LwaseGalile noma kulo ngokwalo. Uzokhumbula ukuthi wathulisa isiphepho esasikulo futhi wahamba ngisho naphezu kwalo. Washumayeza izixuku ezazisogwini olunamatshe lwalolu lwandle, yena esesikebheni. Abalandeli bakhe bokuqala ayesondelene nabo babevela emiphakathini ethanda ukudoba, ukufuya nokulima, eseduze kwalapha.—Mar 3:7-12; 4:35-41; Luka 5:1-11; Joh 6:16-21; 21:1-19.

Imisebenzi kaJesu eminingi ayenza eGalile wayenzela ogwini lwaseKapernawume, ‘umuzi wakubo.’ (Math 9:1) Wayesemthambekeni wentaba engekude kakhulu nalapha ngesikhathi enikeza iNtshumayelo YaseNtabeni edumile. Ngezikhathi ezithile wayesuka ngesikebhe eKapernawume aye eMagadani, eBhetsayida, noma ezindaweni eziseduzane.

Phawula ukuthi ‘umuzi wakubo’ kaJesu wawungekude kakhulu neNazaretha, indawo akhulela kuyo; neKhana, lapho aphendula khona amanzi aba iwayini; neNayini, lapho avusa khona indodana yomfelokazi; neBhetsayida, lapho asuthisa khona ngokuyisimangaliso amadoda angu-5 000 futhi waphulukisa indoda eyayiyimpumputhe.

Ngemva kwePhasika lika-32 C.E., uJesu walibangisa ngasenyakatho, eThire naseSidoni, amatheku aseFenike. Inkonzo yakhe wayenza waze wayofika emizini ethile kweyishumi yamaGreki ebizwa ngokuthi iDekapholi. UJesu wayeseduze kwaseKhesariya Filipi (F2) ngesikhathi uPetru emtshela ukuthi unguMesiya, kwabe sekulandela ukuguqulwa kwakhe isimo, cishe eNtabeni iHermoni. Ngemva kwalokho, uJesu washumayela esifundeni sasePhereya, ngaphesheya kweJordani.—Mar 7:24-37; 8:27–9:2; 10:1; Luka 13:22, 33.

Ngesonto lokugcina uJesu elapha emhlabeni wayenabafundi bakhe eJerusalema, “umuzi weNkosi enkulu,” nasezindaweni ezilizungezile. (Math 5:35) Ungazibona izindawo eziseduze kwalo oye wafunda ngazo emaVangelini, njenge-Emawuse, iBhethaniya, iBhetfage, neBhetlehema.—Luka 2:4; 19:29; 24:13; bheka ibhokisi elithi “Indawo YaseJerusalema,” ekhasini 18.

[Ibalazwe elisekhasini 29]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Izwe Lesithembiso (Ngesikhathi SikaJesu)

Izwe Losuku LukaJesu

Imizi YaseDekapholi

E5 IHippo(s)

E6 IPhela

E6 IScythopolis

F5 IGadara

F7 IGerasa

G5 IDion

G9 IFiladelfiya

H1 IDamaseku

H4 IRaphana

I5 ICanatha

Imigwaqo Emikhulu (Bheka encwadini)

Indlela Eyayijwayelekile Phakathi KweGalile NeJerusalema (Bheka encwadini)

Enye Indlela Phakathi KweGalile NeJerusalema, Enqamula EPhereya (Bheka encwadini)

A11 IGaza

B6 IKhesariya

B8 IJopha

B9 ILida

B12 IBheri-sheba

C4 IPhetolemayi

C8 ISAMARIYA

C8 I-Antipatheri

C8 I-Arimatheya

C9 I-Emawuse

C10 IJUDIYA

C11 IHebroni

C12 I-IDUMIYA

D1 ISidoni

D2 IThire

D3 IFENIKE

D4 IGALILE

D4 IKhana

D5 ISepphoris

D5 INazaretha

D5 INayini

D7 ISamariya

D7 ISikhari

D9 Kwa-Efrayimi

D9 IBhetfage

D9 IJerusalema

D9 IBhethaniya

D10 IBhetlehema

D10 IHerodium

D10 IHLANE LASEJUDIYA

D12 IMasada

E4 IKhorazini

E4 IBhetsayida

E4 IKapernawume

E4 IMagadani

E5 IThibheriya

E5 IHippo(s)

E6 IBhethaniya? (ngaphesheya kweJordani)

E6 IScythopolis

E6 IPhela

E6 ISalimi

E6 I-Enoni

E9 IJeriko

F1 I-ABHILENE

F2 IKhesariya Filipi

F4 IGamala

F5 I-Abila?

F5 IGadara

F7 IPHEREYA

F7 IGerasa

G3 I-ITUREYA

G5 IDion

G6 IDEKAPHOLI

G9 IFiladelfiya

H1 IDamaseku

H3 ITRAKHONITI

H4 IRaphana

H12 I-ARABHIYA

I5 ICanatha

[Izintaba]

D7 INt. I-Ebhali

D7 INt. IGerizimu

F2 INt. IHermoni

[Amachibi amanzi]

B6 ULwandle LwaseMedithera (ULwandle Olukhulu)

E4 ULwandle LwaseGalile

E10 ULwandle Lukasawoti (ULwandle Olufile)

[Imifula]

E7 UMfula IJordani

[Imithombo]

D7 UMthombo KaJakobe

[Isithombe ekhasini 28]

ULwandle LwaseGalile. IKapernawume iphambili kwesobunxele. Lo mfanekiso ubonisa iningizimu-ntshonalanga yeThafa LaseGenesaretha

[Isithombe ekhasini 28]

AmaSamariya ayekhulekela eNtabeni iGerizimu. INtaba i-Ebhali ingemuva

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela