Umhlaba Omusha Othenjiswe Ngunkulunkulu
IBHAYIBHELI, iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, lisenza sigcwale ithemba uma lithi: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:13.
Ayini la “mazulu amasha”? IBhayibheli lihlobanisa izulu nokubusa. (IzEnzo 7:49) “Amazulu amasha” awuhulumeni omusha oyobusa umhlaba. Masha ngoba ayothatha isikhundla semibuso yamanje; ayisinyathelo esisha futhi ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. AwuMbuso uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele. (Mathewu 6:10) Njengoba kunguNkulunkulu onguMthombo wawo futhi Yena ehlala ezulwini, abizwa ngokuthi ‘umbuso wamazulu.’—Mathewu 7:21.
Uyini ‘umhlaba omusha’? Awuyona imbulunga entsha, kwazise iBhayibheli lisho kucace ukuthi kuyoze kube phakade kunabantu abahlala emhlabeni. ‘Umhlaba omusha’ umphakathi omusha wabantu. Uyoba musha ngoba ababi bayobe sebenqunyiwe. (IzAga 2:21, 22) Bonke abayobe bephila ngaleso sikhathi bayodumisa uMdali, bamlalele futhi baphile ngokuvumelana nezimfuneko zakhe. (IHubo 22:27) Abantu bazo zonke izizwe bayacelwa ukuba bafunde lezo zimfuneko futhi bavumelanise ukuphila kwabo nazo manje. Ingabe wena uyakwenza lokho?
Emhlabeni omusha kaNkulunkulu, bonke abantu bayokuhlonipha ukubusa kwakhe. Ingabe uthando othanda ngalo uNkulunkulu luyakushukumisela ukuba umlalele? (1 Johane 5:3) Kuyabonakala yini lokho ekhaya? emsebenzini noma esikoleni? endleleni ophila ngayo?
Kulowo mhlaba omusha, umphakathi wabantu uyokhulekela uNkulunkulu weqiniso ngobunye. Ingabe ukhulekela uMdali wezulu nomhlaba? Ingabe ukukhulekela kwakho kunenza nibe munye ngempela namanye amakholwa azo zonke izizwe, izinhlanga, nezilimi?—IHubo 86:9, 10; Isaya 2:2-4; Zefaniya 3:9.
[Ibhokisi ekhasini 17]
UNkulunkulu Othembisa Lezi Zinto
UnguMdali wamazulu abonakalayo neplanethi enguMhlaba. Uyena lowo uJesu Kristu amchaza ngokuthi ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’—Johane 17:3.
Iningi lesintu lidumisa onkulunkulu elizenzele bona. Izigidi zabantu zikhothama phambi kwezithombe ezingaphili. Abanye bakhazimulisa izinhlangano zabantu, amafilosofi ezwe, noma bakhazimulise izifiso zabo. Ngisho nalabo abathi bayalisebenzisa iBhayibheli, abalihloniphi bonke igama lalowo elimchaza ngokuthi “uNkulunkulu weqiniso.”—Duteronomi 4:35.
UMdali uthi ngaye ngokwakhe: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:5, 8) Leli gama livela izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 eBhayibhelini lezilimi zokuqala elalilotshwe ngazo. UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bakhuleke bathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9.
Unjani lo Nkulunkulu weqiniso? Uzichaza ngokuthi ‘unesihe nomusa, wephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando neqiniso’ nangokuthi akabakhululi neze esijezisweni abantu abephula imiyalo yakhe ngamabomu. (Eksodusi 34:6, 7) Umlando wokusebenzelana kwakhe nabantu ufakazela ukuthi le ncazo iyiqiniso.
Kokubili igama nomuntu omelelwa yilelo gama kumelwe kungcweliswe. NjengoMdali noMbusi Wendawo Yonke, ufanelwe ukuba simlalele futhi konke ukukhulekela sikuyise kuye. Wena, ingabe uyakwenza lokhu?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]
Yiziphi Izinguquko Ezizolethwa “Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha”?
Umhlaba uzoguqulwa ube iPharadesi Luka 23:43
Kuzoba khona umphakathi Johane 13:35;
wembulunga yonke wabantu bazo IsAmbulo 7:9, 10
zonke izizwe, bazo zonke izinhlanga,
bazo zonke izilimi abahlanganiswe uthando
Kuzoba khona ukuthula embulungeni IHubo 37:10, 11;
yonke, ukulondeka kwangempela Mika 4:3, 4
kwabo bonke abantu
Umsebenzi uzokwanelisa kube khona Isaya 25:6; 65:17, 21-23
nenalayokudla
Kuzoqedwa ukugula, Isaya 25:8;
ukudabuka, nokufa IsAmbulo 21:1, 4
Umhlaba uzokhulekela uNkulunkulu IsAmbulo 15:3, 4
weqinisongobunye
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]
Ingabe Uyozuza?
UNkulunkulu akanakuwaqamba amanga!—Thithu 1:2.
UJehova uthi: ‘Izwi lami ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.’—Isaya 55:11.
UJehova kakade wakha “amazulu amasha nomhlaba omusha.” Sikhuluma nje uhulumeni wasezulwini usuyasebenza. Isisekelo ‘somhlaba omusha’ sesibekiwe kakade.
Ngemva kokusho ezinye zezinto ezinhle kakhulu “amazulu amasha nomhlaba omusha” oyozilethela isintu, isAmbulo sicaphuna uNkulunkulu uqobo lwakhe, uMbusi Wendawo Yonke, ethi: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.” Wathi futhi: “Loba, ngoba la mazwi athembekile ayiqiniso.”—IsAmbulo 21:1, 5.
Nanku umbuzo obalulekile, Ingabe thina siyazenza izinguquko ezidingekayo ukuze sibhekwe njengabakufanele ukuba kulowo “mhlaba omusha” obuswa “amazulu amasha”?