Isahluko 34
Kungani Kumelwe Ngiphile Ngezimiso ZeBhayibheli?
Nisesikoleni nidla ukudla kwasemini namantombazane amabili njengoba kuqhamuka umfana osanda kufika.
“Ngicabanga ukuthi uMandla uyakuthanda ngempela,” kusho intombazane yokuqala kuwe. “Ngibona indlela akubuka ngayo. Amehlo akhe awasuki kuwe!”
“Uyaz’ ukuthini?” kuhleba intombazane yesibili njengoba incika kuwena. “Akanayo intombi!”
Nawe ubusukusolile lokho. Angithi kuthangi uMandla ukumemele ephathini ezoba kubo. Njengokulindelekile wenqabile, yize inhliziyo ibihahela ukuya.
Intombazane yokuqala iyakuphazamisa njengoba ucabanga.
Ithi: “Kuyishwa nje ukuthi mina senginesoka. Bengingeke ngimyeke uMandla.”
Ibe isikubuka, ididekile. Usuyazi ukuthi izothini.
Iyabuza: “Awusho, kungani ungajoli?”
Uyawenqena lo mbuzo! Iqiniso liwukuthi nawe ungathanda ukuba nesoka. Kodwa utshelwe ukuthi kungcono kakhulu ukulinda kuze kube yilapho usulungele ukushada ngaphambi kokuba uthandane nothile. Ukube nje bekungengenxa ye- . . .
“Kungenxa yesonto lakho?” kubuza intombazane yesibili.
‘Hawu, yaze ngani ukuthi ngicabanga lokho nami?’ uzicabangela wedwa.
“Wena uhlale ukhuluma ngeBhayibheli, iBhayibheli, iBhayibheli,” ikuchwensa. “Kanti uyoze uzijabulise nini?”
KWAKE kwenzeka wagconwa ngoba uzama ukuphila ngezimiso zeBhayibheli? Uma kunjalo, hleze wazibuza ukuthi kukhona yini okukuphuthelayo. Intombazane okuthiwa uDeborah yazizwa kanjalo. Iyakhumbula: “Izimiso zeBhayibheli zazibonakala zingivalela ekhoneni. Ngangiyithanda indlela yokuphila yabangane bami basesikoleni yokuzenzela abakuthandayo.”
Ukubhekana Namaqiniso
Akulona iqiniso ukuthi ngaso sonke isikhathi sifunda kangcono uma sifunda ngokuzibonela. Empeleni, kuwukuhlakanipha futhi kuvumelana nemiBhalo ukufunda emaphutheni abanye, njengoba kwenza umhubi u-Asafa. Isikhathi esithile wayenomuzwa wokuthi izimiso zikaNkulunkulu zincishana inkululeko. Kodwa ukuhlola inkambo yalabo ababeshiye izindlela zikaNkulunkulu kwamenza wabhekana namaqiniso. Kamuva u-Asafa waphetha ngokuthi ‘babesemhlabathini oshelelayo.’—IHubo 73:18.
Sinalokhu engqondweni, cabanga ngezinto ezishiwo intsha eyake yashiya izimiso zeBhayibheli yaziphatha kabi ngokobulili.
● Yiziphi izici ezathonya ukucabanga nezenzo zakho?
UDeborah: “Esikoleni ngangibona zonk’ izingane zijola. Kwakuthi lapho ngihleli nazo ngizibona ziqabulana futhi zigonana, ngibe nomona nesizungu. Ngangivame ukuchitha amahora amaningi ngiphupha ngomfana engimthandayo. Lokhu kwakungenza ngizizwe ngimfuna la lowo mfana.”
UMike: “Ngangifunda izincwadi futhi ngibukela izihlelo ezazitusa ubulili. Ukuxoxa ngobulili nabangane bami kwakungenza ngifise ukwazi okwengeziwe. Kwakuthi lapho ngihlezi ngedwa nentombazane, ngicabange ukuthi singapotopotozana nayo kodwa singalali, ngangicabanga ukuthi ngingayeka noma nini.”
U-Andrew: “Nganginomkhuba wokubukela izithombe ezingcolile kuyi-Internet. Ngabe sengiqala ukubuhlaba utshwala. Ngangibuye ngiye emaphathini nentsha eyayingazihloniphi izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha.”
UTracy: “Ngangazi ukuthi ukulala nomuntu ungashadile naye kubi, kodwa ngangingakuzondi. Ngangingahlosile ukulala nomuntu ngingakashadi, kodwa imizwa yangehlula, ngangabe ngisacabanga. Okwesikhathi esithile ngangingenaso isazela.”
● Ingabe indlela owawuphila ngayo yayikwenza ujabule?
UDeborah: “Ekuqaleni, ngangithi nje hawu, ngibonwa yini futhi kungijabulisa ukuthi ngase ngamukeleka kontanga. Kodwa leyo mizwa ayihlalanga isikhathi eside. Ngaqala ukuzizwa ngingcolile, ngephucwe ubumsulwa bami, ngingelutho. Ngazisola ngokuthi ngangilahle ubuntombi bami.”
U-Andrew: “Kwaya kuba lula ukwenza izifiso ezingalungile. Kodwa ngesikhathi esifanayo unembeza wami wawungidla futhi ngangidumele.”
UTracy: “Ukuziphatha okubi kwangiphuca ubusha bami. Ngangicabanga ukuthi mina nesoka lami sasiyophila kamnandi. Asizange. Sagcina sesizwisana ubuhlungu, sihluphana futhi siphathisana ngekhanda. Ngangikhala ezimathonsi embhedeni, ngifisa sengathi ngabe ngangenze izinto ngendlela kaJehova.”
UMike: “Ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi kunengxenye efile kimi. Ngazama ukungayinaki imiphumela izenzo zami ezaba nayo kwabanye, kodwa ngehluleka. Kwangizwisa ubuhlungu ukuqaphela ukuthi ekufuneni kwami injabulo, ngangilimaza abanye.”
● Ungayeluleka uthini intsha ezibuzayo ukuthi izimiso zeBhayibheli azincishani yini inkululeko kakhulu?
UTracy: “Phila ngezimiso zikaJehova futhi uzihlanganise nabantu abenza okufanayo. Yilokho okuyokwenza ujabule kakhulu.”
UDeborah: “Okwenzayo akugcini ngokuthinta wena wedwa. Kuyabathinta nabanye. Uma futhi ungazinaki izeluleko zikaNkulunkulu, uzolimala.”
U-Andrew: “Uma ungenakho okuhlangenwe nakho, ucabanga ukuthi indlela abaphila ngayo ontanga imnandi. Isimo sabo sengqondo sizosuleleka kuwe. Ngakho, bakhethe ngokuhlakanipha abangane. Thembela kuJehova, ngeke uzisole.”
UMike: “Phakathi kwezinto eziyigugu uJehova akunike zona, ukunike isithunzi nobumsulwa. Ukulahla lezo zipho ngoba nje wehluleka ukuzithiba kuwukuzehlisa isithunzi. Xoxa nabazali bakho nabanye abantu abavuthiwe ngezinkinga zakho. Uma wenza iphutha, sheshe ukhulume futhi ulilungise. Uma wenza izinto ngendlela kaJehova, uyothola ukuthula kwangempela.”
Izimiso ZeBhayibheli—Zikuncisha Inkululeko Noma Ziyisivikelo?
UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna ujabule nawe. (1 Thimothewu 1:11; UmShumayeli 11:9) Izimiso eziseBhayibhelini zizuzisa wena. Yiqiniso, ungazibheka njengezikuncisha inkululeko. Kepha eqinisweni izimiso zeBhayibheli zokuziphatha zifana nebhande lesihlalo semoto elikusizayo likuphephise engozini.
Ngokuqinisekile ungalethemba iBhayibheli. Uma ukhetha ukuphila ngezimiso zalo, ngeke ugcine ngokujabulisa uJehova kuphela kodwa nawe uyosizakala.—Isaya 48:17.
Ungaba umngane kaNkulunkulu. Yizwa ukuthi kanjani.
UMBHALO OYINHLOKO
“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze.”—Isaya 48:17.
ICEBISO
Cabanga indlela ongakuvikela ngayo ukuhlakanipha kwezindinganiso zeBhayibheli enganeni yakini encane. Ukukhuluma ngezinkolelo zakho kuyindlela enamandla yokuzigxilisa enhliziyweni yakho.
UBUWAZI . . . ?
Kuthatha isikhashana ukonakalisa ubuhlobo bakho noJehova, kodwa kungathatha iminyaka ukubulungisa.
ENGIZOKWENZA!
Ukuze ngiqonde ukuhlakanipha kwezindinganiso zeBhayibheli, ngizo- ․․․․․
Uma sengiqala ukuhahela abantu abaphila ngezindinganiso zezwe, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Uma kuziwa emiphumeleni yokungayilaleli imithetho kaNkulunkulu, kungani kungekuhle ukufunda ngokuzibonela?
● Ufundani kokushiwo uDeborah, uMike, u-Andrew noTracy?
● Yini engenza abanye babheke izindinganiso zeBhayibheli njengezincishana inkululeko, kodwa kungani ungahlakaniphile lowo mbono?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 285]
“Ixhala lokujeziselwa ububi obenzile alilimbi njengobuhlungu bokuzama ukubufihla.’’—UDonna
[Isithombe ekhasini 288]
Izimiso zeBhayibheli azikuncishi injabulo; ziyakuvikela