INgoma 105
Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu
Uhlelo Oluprintiwe
(IHubo 19)
1. Amazulu adumis’ uJehova.
Umsebenzi wakhe siw’bon’ endalweni.
Nsuku zonke imnika udumo.
Ub’suku obucwathile B’yamkhazimulisa.
2. Umthetho kaJehov’ uyaphilisa.
Uyisiqondiso kubo bonk’ abantu.
Izahlulelo zakhe z’lungile.
Izwi lakhe l’hlanzekile, Limnandi kakhulu.
3. Ukwesaba uNkulunkulu kuhle.
Imithetho yakhe idlul’ igolide.
Imiyalo yakh’ iyavikela.
Mas’dumis’ igama lakhe, Simkhazimulise.
(Bheka neHu. 111:9; 145:5; IsAm. 4:11.)