Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 8 k. 11
  • Ama-Israyeli Angena Ezweni Lesithembiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ama-Israyeli Angena Ezweni Lesithembiso
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaJoshuwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-6—UJoshuwa
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Yeka Indlela Elibabazeka Ngayo Igama LikaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UJoshuwa Makakusize Ukhonze UJehova Ngesibindi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 8 k. 11
UJoshuwa ubiza ibutho lakhe njengoba abapristi beshaya izimpondo

INGXENYE 8

Abantu Bakwa-Israyeli Bangena EKhanani

UJoshuwa uhola u-Israyeli ekunqobeni iKhanani. UJehova unikeza abahluleli amandla okuba bakhulule abantu bakhe ebugqilini

EMAKHULWINI eminyaka ngaphambi kokuba u-Israyeli angene eKhanani, uJehova wathembisa ukuthi lelo zwe uzolinika inzalo ka-Abrahama. Manje ngaphansi kokuhola kukaJoshuwa, ama-Israyeli ayesezolidla lelo Zwe Lesithembiso.

UNkulunkulu wayebone ukuthi abantu baseKhanani bafanelwe ukubhujiswa. Babegcwalise izwe ngemikhuba yobulili engcole ngokwedlulele nangokuchitha igazi ngonya. Ngenxa yalokho, imizi yaseKhanani eyanqotshwa ama-Israyeli kwakudingeka iqothulwe iphele nyá.

Ngaphambi kokuba angene kulelo zwe, uJoshuwa wathumela izinhloli ezimbili, ezafike zahlala emzini waseJeriko nowesifazane okuthiwa uRahabi. Wazamukela lezi zinhloli emzini wakhe futhi wazivikela nakuba ayazi ukuthi zingama-Israyeli. URahabi wayenokholo kuNkulunkulu wama-Israyeli ngoba wayezwile ngezenzo zikaJehova zokusindisa abantu bakhe. Wafungisa izinhloli ukuthi yena nendlu yakhe babezosindiswa.

Kamuva, lapho ama-Israyeli engena eKhanani futhi esefike qathatha eJeriko, uJehova wadiliza izindonga zaseJeriko ngokuyisimangaliso. Amabutho kaJoshuwa ayesetheleka, awuqothula umuzi kodwa amsindisa uRahabi nomkhaya wakhe. Ngemva kwalokho, kwaba nomshuduliswano owadonsa iminyaka eyisithupha okwathi kuwo uJoshuwa wanqoba ingxenye enkulu yeZwe Lesithembiso. Izwe labe selihlukaniselwa izizwe zakwa-Israyeli.

Ibalazwe lezwe laseKhanani[Ibalazwe ekhasini 11]

Lapho uJoshuwa esezoqeda inkonzo yakhe ende, waqoqela abantu ndawonye. Wabakhumbuza ngokusebenzelana kukaJehova nokhokho babo futhi wabakhuthaza ukuba bakhonze uJehova. Noma kunjalo, ngemva kokuba uJoshuwa namadoda amadala sebefile, ama-Israyeli amshiya uJehova akhonza onkulunkulu bamanga. Phakathi neminyaka engaba ngu-300, lesi sizwe sasiyilalela imithetho kaJehova sibuye singayilaleli. Phakathi naleso sikhathi, uJehova wavumela izitha zama-Israyeli, njengamaFilisti, ukuba ziwacindezele. Kodwa lapho ama-Israyeli ekhalela usizo kuJehova, wamisa abahluleli ukuba bawasindise​—babengu-12 sebebonke.

Inkathi yabaHluleli okukhulunywa ngayo encwadini yabaHluleli yaqala ngo-Otheniyeli yaphela ngoSamsoni, indoda eyayinamandla kunawo wonke ake aphila. Iqiniso eliyisisekelo elivela njalo ekulandiseni okujabulisayo okusencwadini yeBhayibheli yabaHluleli yileli: Ukuzithoba kuJehova kuletha izibusiso, ukungazithobi kuletha inhlekelele.

​—Isekelwe kuJoshuwa; AbaHluleli; Levitikusi 18:24, 25.

  • Kungani uJehova asindisa uRahabi nomkhaya wakhe?

  • Yini eyenziwa ama-Israyeli ngemva kokufa kukaJoshuwa?

  • Yiliphi iqiniso eliyisisekelo eliboniswe encwadini yeBhayibheli yabaHluleli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela