INGXENYE 4
Balalela USathane —Kwaba Namiphi Imiphumela?
U-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu, ngakho bafa. Genesise 3:6, 23
U-Eva walalela inyoka, wadla isithelo. Kamuva, wasinika u-Adamu, naye wasidla.
Abakwenza kwakungalungile—kwakuyisono. UNkulunkulu wabaxosha ekhaya labo eliyiPharadesi.
Ukuphila kwaba nzima kubo nasezinganeni zabo. Baguga futhi bafa. Abayanga endaweni yomoya; ababange besaba khona.
Abantu abafile abaphili, njengoba nje nothuli lungaphili. Genesise 3:19
Sifa ngenxa yokuthi sonke sivela ku-Adamu no-Eva. Abantu abafile abakwazi ukubona, ukuzwa nokwenza noma yini. —UmShumayeli 9:5, 10.
UJehova wayengahlosile ukuba abantu bafe. Maduze nje uzobavusa abantu abafile baphinde baphile. Uma bemlalela, bazophila phakade.