Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 13 k. 91-k. 96 isig. 2
  • Ngingakuqeda Kanjani Ukudabuka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakuqeda Kanjani Ukudabuka?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Ukudabuka Kungapheli
  • Ngingakuqeda kanjani ukudabuka?
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingayilawula Kanjani Imizwelo Yami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJesu Uphulukisa Abantu Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 13 k. 91-k. 96 isig. 2

Isahluko 13

Ngingakuqeda Kanjani Ukudabuka?

“Lapho bonk’ abantu becindezelekile, yimina engibaxazululela izinkinga zabo futhi ngibasize bazizwe kangcono. Kodwa ngemva kwalokho ngiya ekhaya ngifike ngikhale—okuyinto ebonwa abantu abambalwa.”—UKellie.

“Lapho ngizizwa ngiphansi, ngizihlalela ngedwa. Uma ngimenywa ndawana thize, ngiqhamuka nezaba zoku-ngayi. Ngiyakwazi ukufihlela abasekhaya ukuthi ngida-bukile. Bacabanga ukuthi konke kuhamba kahle.”—URick.

INGABE wake wacabanga njengoKellie noma uRick? Uma kunjalo, ungasheshi uphethe ngokuthi kukhona okungalungile ngawe. Iqiniso liwukuthi bonke abantu bayadabuka ngezikhathi ezithile. Ngisho namadoda nabesifazane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini badabuka.—1 Samuweli 1:6-8; IHubo 35:14.

Kwezinye izimo ungase wazi ukuthi kungani udabukile; kwezinye ungase ungazi. “Akudingeki ube sesimweni esibuhlungu ukuze udabuke,” kusho u-Anna oneminyaka engu-19. “Ungazizwa udabukile noma nini, ngisho noma ukuphila kwakho kungenazinkinga. Kuyaxaka kona, kodwa kuyenzeka!”

Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela—ngisho noma kubonakala ingekho—yini ongayenza lapho uzizwa udabuke ngendlela engachazeki? Zama lokhu okulandelayo:

1. Khuluma ngendlela ozizwa ngayo. Lapho uJobe exakwe izinhlekelele, wathi: “Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!”—Jobe 10:1.

UKellie uthi: “Iyamangaza impumuzo engiyitholayo lapho sengikhulume nothile. Usuke esekhona owaziyo ukuthi ngizizwa kanjani. Angangitakula kulesi simo—ngigcine ngingcono!”

Ukusikisela: Ngezansi bhala igama lomngane wakho ongathulula kuye isifuba lapho ukudabuka kungaphezu kwamandla akho.

․․․․․

2. Bhala indlela ozizwa ngayo. Lapho ukudabuka kufiphaza umbono wakho ngokuphila, ungase uzame ukubhala phansi indlela ozizwa ngayo. Ngezinye izikhathi uDavide wayebhala amazwi aveza ukudabuka okukhulu emahutsheni akhe aphefumulelwe. (IHubo 6:6) Ukubhala phansi imizwa yakho kungakusiza ukuba ‘ulonde ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.’—IzAga 3:21.

UHeather uthi: “Ukubhala phansi kuyangisiza ngihlele kahle imicabango engifikela ngenxa yokudabuka. Lapho uyiveza imicabango yakho futhi usuqonda ukuthi kungani uzizwa ngendlela ozizwa ngayo, kuyancipha ukudabuka.”

Ukusikisela: Sebenzisa ishadi elisekhasini 93 ukuze likusize ucabange izindlela ezifanele zokusingatha izimo ezinzima. Kuzokusiza udambise ukudabuka kwakho.

3. Thandaza ngakho. IBhayibheli lithi uma uthandaza ngezinto ezikukhathazayo, ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’—Filipi 4:6, 7.

U-Esther uthi: “Ngangizama ukuthola ukuthi yini engenza ngizizwe ngiphansi kangaka kepha ngehluleka. Ngacela uJehova ukuba angisize ngijabule. Ngase ngikhathele ukudabuka ngibe ngingenasizathu. Ukudabuka kwaphela. Ungaweyi amandla omthandazo!”

Ukusikisela: Sebenzisa iHubo 139:23, 24 njengesibonelo somthandazo wakho kuJehova. Thulula inhliziyo yakho, umcele akusize uthole imbangela yokudabuka kwakho.

Ngaphandle kokusikisela okungenhla, unento ewusizo olukhulu, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ukugcwalisa ingqondo yakho ngemicabango eyakhayo ongayithola ezindabeni eziseBhayibhelini kungakwenza uzizwe ungcono. (IHubo 1:1-3) Ungathola ukusikisela kokufunda iBhayibheli ngendlela enenzuzo emakhasini athi “Isibonelo Esihle” emqulwini ngamunye wale ncwadi. Ekhasini 227, uMqulu 2, uzobona nanendlela umphostoli uPawulu ayinqoba ngayo imizwa engafanele ayeba nayo ngezinye izikhathi ngenxa yokungapheleli.

Lapho Ukudabuka Kungapheli

URyan uthi, “Ngezinye izinsuku ekuseni ngiye ngibe nomuzwa wokuthi kungangcono ngingavuki ukuze kungadingeki ngibhekane nolunye usuku olungenanjongo.” URyan unesifo sokucindezeleka futhi akuyena yedwa. Ukuhlola kuveza ukuthi ingane eyodwa kwezine iphathwa isifo esithile sokucindezeleka ingakabi ndala.

Ungathola kanjani ukuthi unaso yini isifo sokucindezeleka? Ezinye izimpawu ziba ukushintsha okukhulu kwemizwa nendlela owenza ngayo izinto, ukuzehlukanisa nabantu, ukungathandi kwenza lutho, ukushintsha okuphawulekayo endleleni odla ngayo nolala ngayo kanye nemizwa enamandla yokungabi yinto yalutho noma ukuzizwa unecala kungadingekile.

Yiqiniso, cishe wonk’ umuntu uba nazo ezinye zalezi zimpawu ngezikhathi ezithile. Kodwa uma ziqhubeka amasonto amaningana, kunganjani ucele kubazali bakho ukuba ubonane nodokotela? Udokotela angakwazi ukubona ukuthi ukudabuka kwakho kubangelwa ukugula yini.a

Uma unaso isifo sokucindezeleka, ungabi namahloni. Lapho abaningi esibaphethe belashwa, baye baqala ukuzizwa bengcono kakhulu—ngemva kwesikhathi eside becindezelekile! Kungakhathaliseki ukuthi ukudabuka kwakho kubangelwa ukucindezeleka noma cha, khumbula amazwi aduduzayo eHubo 34:18: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Kuthiwani uma udabuke kakhulu kangangokuba uze wacabanga ukuzibulala?

[Umbhalo waphansi]

a Lapho ukudabuka kungapheli, enye intsha iye icabange ukuzibulala. Uma uke wakucabanga, ungabe usachitha sikhathi, khuluma nomuntu omdala omethembayo.—Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka iSahluko 14 sale ncwadi.

UMBHALO OYINHLOKO

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.

ICEBISO

Bhala phansi indlela ozizwa ngayo lapho udabukile nokuthi yini ocabanga ukuthi iyimbangela yokuba udabuke. Ngemva kwenyanga, funda okubhalile. Ingabe isishintshile indlela ozizwa ngayo ngaleyo nto? Uma isishintshile, bhala ukuthi yini ekusizile.

UBUWAZI . . . ?

Ungakhala ngisho noma ungumfana. INkosi uDavide yake yavuma: “Ebusuku umbhede wami nomcamelo kuba manzi te izinyembezi.”—IHubo 6:6, Contemporary English Version.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngizizwe ngingcono, nazi izinto engingazenza: ․․․․․

Ukuchitha isikhathi nalaba bangane abalandelayo kuzongisiza nginciphise ukudabuka: ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Ingabe kuyasiza ukukhala?

● Ukuba nabantu kungakusiza kanjani ubhekane nokudabuka?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 96]

“Lapho ngidabukile, kudingeka ngigweme ukuzehlukanisa. Yebo, kungase kudingeke ngibe ngedwa ukuze ngicabange kahle futhi mhlawumbe ngize ngikhale. Kodwa ngemva kwalokho, kudi-ngeka ngibe nabantu ukuze ngingabe ngisazi-cabanga izinto ebezingidabukisa.’’—UChristine

[Ishadi/Izithombe ekhasini 93]

Ishadi Lezimpendulo

Ukuqeda Ukudabuka Gcwalisa leli shadi

Isenzakalo Indlela embi Indlela engcono

yokukusingatha yokukusingatha

Uthisha ungenza ngizizwe → Ngiyayeka → Ukusikisela: Bheka iSahluko 20

ngingelusizo lwalutho ukusebenza kanzima sale ncwadi

kulelo kilasi

Umngane wami akanginaki → Ngisakaza → Ukusikisela: Bheka iSahluko 10

amanga eMqulwini 2

ngaye

Abazali bami → Ngizonda oyedwa → Ukusikisela: Bheka iSahluko 4

bayahlukana wabo noma sale ncwadi

bobabili

․․․․․ → ․․․․․ → ․․․․․

․․․․․ → ․․․․․ → ․․․․․

[Isithombe ekhasini 95]

Uma uthola usizo futhi wenza umzamo, ungaphuma emgodini ojulile owukudabuka

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela