Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 36 k. 259-k. 264 isig. 5
  • Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zihlole—‘Ingabe Ngiwumlutha?’
  • Indlela Yokulinganisela
  • Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?
    I-Phaphama!—2011
  • Izinkundla Zokuxhumana Zikuthinta Kanjani Ukuphila Kwami?
    Intsha Iyabuza
  • Isikhathi Okhululeke Ngaso
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 36 k. 259-k. 264 isig. 5

Isihloko 36

Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?

“Ngikuthanda kakhulu ukuthumelela abanye imiyalezo ngocingo! Kumnandi ukwedlula noma yini enye. Ngica-banga ukuthi sekuyindlela engiphila ngayo.”—U-Alan.

NGESIKHATHI abazali bakho besebasha, i-TV nomsakazo kwakuyizona zinto ezihamba phambili kwezobuchwepheshe. Ngaleso sikhathi, ucingo kwakuwucingo nje—ukhuluma ngalo nomunye umuntu futhi luzilengela odongeni. Ingabe lokho kuzwakala kuyisidala? Intombazane egama layo lingu-Anna icabanga kanjalo. Ithi: “Abazali bami bakhula ngenkathi yobumnyama kwezobuchwepheshe. Yimá bezama ukuthola ukuthi zisebenza kanjani ezinye izinto ezikomakhalekhukhwini babo!”

Namuhla ungaphendula ucingo, ulalele umculo, ubukele uhlelo oluthile, udlale umdlalo, uthumelele abangane bakho ama-e-mail, uthwebule isithombe, ungene kuyi-Internet—konke lokhu ukwenze ngento eyodwa engena ephaketheni. Ngenxa yokuthi ukhule kusetshenziswa ama-computer, omakhalekhukhwini, i-TV ne-Internet, ungase ucabange ukuthi akunankinga ukusebenzisa lezi zinto ngaso sonke isikhathi. Nokho, abazali bakho bangase babone sengathi usuyisigqila sazo. Uma bekhuluma nawe ngalokho, ungazitsheli ukuthi baphila kwelamaphupho. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi, “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye.”—IzAga 18:13.

Ingabe uyazibuza ukuthi yini engase yenze abazali bakho bakhathazeke? Funda lokhu okulandelayo uzihlole ukuthi unazo yini izimpawu zokuba umlutha wento ethile yobuchwepheshe.

Zihlole—‘Ingabe Ngiwumlutha?’

Enye i-encyclopedia ichaza ukulutheka ngokuthi “ukuphindaphindwa komkhuba oweqisayo umuntu ahluleka noma angazimisele ukuwuyeka naphezu kwemiphumela yawo elimazayo.” Bheka indlela le ncazelo ehlaziywe ngayo ngezansi. Funda izingcaphuno, ucabange ukuthi uke wayisho yini noma wayenza into efanayo. Yibe usubhala izimpendulo.

Ukuziphatha okweqisayo. “Ngangichitha amahora amaningi ngidlala imidlalo ye-computer. Ngangingasitholi isikhathi esanele sokulala futhi ngikhuluma ngayo nabanye njalo nje. Ngazehlukanisa nomkhaya wakithi, ngihlale ngicabanga ngemidlalo engangiyidlala.”—U-Andrew.

Wena ubona singakanani isikhathi okunengqondo ukusichitha ezintweni zobuchwepheshe usuku ngalunye? ․․․․․

Abazali bakho bacabanga ukuthi kufanele uchithe isikhathi esingakanani? ․․․․․

Singakanani sesisonke isikhathi osichitha usuku ngalunye uthumelela abanye imiyalezo, ubukela i-TV, ufaka izithombe futhi ukhuluma nabanye engosini ye-Internet, udlala imidlalo ye-computer, njalonjalo? ․․․․․

Ngemva kokubheka izimpendulo zakho ngenhla, ungasho yini ukuthi izinto zobuchwepheshe uzisebenzisa ngokweqile?

□ Yebo □ Cha

Ukwehluleka noma ukungazimiseli ukuyeka. “Abazali bami bahlale bengibona ngithumelela abanye imiyalezo ngocingo, bangitshele ukuthi ngiyeqisa. Kodwa uma ngiziqhathanisa nontanga yami, ngingcono kabi mina. Ngiyavuma, uma ngiqhathaniswa nabazali bami, ngiyithumela kaningi. Kodwa lokho kufana nokuqhathanisa ama-apula namawolintshi—baneminyaka engu-40 mina nginengu-15.”—U-Alan.

Ingabe abazali bakho noma abangane bake bakutshela ukuthi uchitha isikhathi esiningi kakhulu entweni ethile yobuchwepheshe?

□ Yebo □ Cha

Ingabe awuzimisele noma uyehluleka ukunciphisa izinga osebenzisa ngayo leyo nto?

□ Yebo □ Cha

Imiphumela elimazayo. “Abangane bami babhala imiyalezo ngaso sonke isikhathi—ngisho noma beshayela. Kuyingozi kakhulu lokho!”—UJulie.

“Lapho ngiqala ukuba nomakhalekhukhwini, ngangilushaya njalo ucingo noma ngithumele umyalezo. Ngangiphilela lokho nje. Kwalimaza ubuhlobo bami nomkhaya wakithi ngisho nabanye babangane bami. Manje sengiyaqaphela ukuthi lapho sizikhiphile nabangane futhi sixoxa, badamane bephazamisa bethi: ‘Uxolo kancane. Ngicela ukuphendula lo myalezo.’ Yingakho ngingasondelene nalabo bangane.”—UShirley.

Uke uyifunde yini imiyalezo yocingo noma uyithumele ngesikhathi ushayela, usekilasini noma usemihlanganweni yobuKristu?

□ Yebo □ Cha

Lapho uxoxa nomkhaya wakini noma abangane, ingabe udamane uphazamisa ingxoxo ukuze uphendule ama-e-mail, izingcingo noma imiyalezo?

❏ Yebo ❏ Cha

Ingabe ukusebenzisa kwakho izinto zobuchwepheshe kukuncisha isikhathi sokulala noma kukuphazamise lapho utadisha?

□ Yebo ❏ Cha

Uyasibona yini isidingo sokwenza ushintsho? Uma kunjalo, cabangela le mibuzo elandelayo.

Indlela Yokulinganisela

Uma kunento yobuchwepheshe oyisebenzisayo—kungaba i-computer, umakhalekhukhwini noma enye—zibuze le mibuzo emine engezansi. Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli nokulalela iziqondiso ezimbalwa ezilula kuyokuvikela, kukusize ukuba ulawule indlela oyisebenzisa ngayo.

● Kuphathelene nani engikubhalayo? “Gcwalisani izingqondo zenu ngezinto ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa: izinto eziyiqiniso, ezinhle, ezilungileyo, ezihlanzekile, ezithandekayo nezihloniphekile.”—Filipi 4:8, Today’s English Version.

✔ Kufanele uxhumane nabangane nomkhaya wakini uxoxe nabo ngezindaba namaphuzu akhayo.—IzAga 25:25; Efesu 4:29.

X Akufanele usakaze inhlebo elimazayo, uthumele imiyalezo noma izithombe ezingcolile, noma ubukele ama-video noma izinhlelo ezingcolile.—Kolose 3:5; 1 Petru 4:15.

● Ngiyisebenzisa nini? “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”—UmShumayeli 3:1.

✔ Kufanele uzibekele isikhathi ofuna ukusisebenzisela ukuthintana nabanye ngocingo nokuthumelelana nabo imiyalezo, ukubukela izinhlelo noma ukudlala imidlalo.

X Don’t uvumele ukusebenzisa kwakho izinto zobuchwepheshe kukuncishe isikhathi osibekele ukuba nabangane nomkhaya wakini, ukutadisha noma ukwenza izinto ezingokomoya.—Efesu 5:15-17; Filipi 2:4.

● Ngizihlanganisa nobani? “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

✔ Kufanele usebenzise izinto zobuchwepheshe ukuze uqinise ubungane nabantu abakukhuthaza ukuba wenze izinto ezinhle.—IzAga 22:17.

X Akufanele uzikhohlise—izindinganiso zakho, ulimi nendlela yakho yokucabanga iyofana neyalabo okhetha ukuzihlanganisa nabo nge-e-mail, ngemiyalezo, nge-TV, ngama-video noma nge-Internet.—IzAga 13:20.

● Ngichitha isikhathi esingakanani? “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

✔ Kufanele uhlole ukuthi uchitha isikhathi esingakanani usebenzisa izinto zobuchwepheshe.

X Akufanele ukushaye indiva okushiwo abangane noma isiqondiso sabazali bakho lapho bethi uchitha isikhathi esiningi entweni ethile yezobuchwepheshe.—IzAga 26:12.

Lapho ekhuluma ngokusebenzisa izinto zobuchwepheshe ngokulinganisela, u-Andrew, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Kumnandi ukusebenzisa ezobuchwepheshe, kodwa hhayi isikhathi eside. Ngifunde ukungazivumeli ukuba zibe udonga olungihlukanisa nomkhaya wakithi nabangane.”

FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA EMQULWINI 2, ISAHLUKO 30

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ungabakholisa kanjani abazali bakho ukuba bakuvumele uzijabulise?

UMBHALO OYINHLOKO

“Ungabi ohlakaniphile emehlweni akho. Yesaba uJehova ufulathele okubi.”—IzAga 3:7.

ICEBISO

Ukuze ulawule indlela osebenzisa ngayo ucingo, tshela abangane bakho ukuthi kunezikhathi ongeke usheshe uphendule ngazo imiyalezo, ama-e-mail noma ucingo.

UBUWAZI . . . ?

Izithombe zakho nezinto ozenzayo ozibhala namhlanje engosini ye-Internet, zingabonwa abantu okungenzeka bakuqashe kanye nabanye ngemva kweminyaka eminingi kusukela manje.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngiba nenkinga ekulawuleni indlela engisebenzisa ngayo ․․․․․, ngizonquma ukusebenzisa isikhathi esingaka kuphela ․․․․․ ngesonto kule nto yobuchwepheshe.

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kungase kube nzima ngawe ukubona ukuthi usuyisigqila sento ethile yobuchwepheshe?

● Yini engenzeka uma uhluleka ukulawula indlela oyisebenzisa ngayo?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 262]

“Ziningana izinto ezingisize ukuba ngiyeke ukuba umlutha we-TV. Ngaziphoqa ukuba ngilinganisele isikhathi engangisichitha kuyo. Ngangihlale ngikhuluma nomama ngenkinga yami. Futhi ngathandaza kakhulu ngayo.’’—UKathleen

[Isithombe ekhasini 263]

Ingabe uyayilawula indlela osebenzisa ngayo ezobuchwepheshe, noma yizona ezikulawulayo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela