Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 13 k. 16
  • Yini Iphayona?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Iphayona?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ukuphayona Kuqinisa Ubuhlobo Bethu NoNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 13 k. 16

Isifundo 13

Yini Iphayona?

Igama elithi “iphayona” ngokuvamile libhekisela kubantu abasungula okuthile noma abavula indlela, bese belandelwa abanye kulowo mkhakha. Singasho ukuthi uJesu wayeyiphayona, wathunyelwa lapha emhlabeni ukuba enze inkonzo enika ukuphila nokuba avule indlela yokuba isintu sisindiswe. (Mathewu 20:28) Namuhla, abalandeli bakhe bayamlingisa ngokuchitha isikhathi esiningi ‘benza abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Abanye baye bangenela lokho esikubiza ngokuthi inkonzo yamaphayona.

Iphayona lingumshumayeli wesikhathi esigcwele. Bonke oFakazi BakaJehova bangabamemezeli bezindaba ezinhle. Kodwa abanye bahlele ukuphila kwabo ukuze babe amaphayona avamile, bachithe amahora angu-70 emsebenzini wokushumayela inyanga ngayinye. Ukuze bakwazi ukwenza lokhu, abaningi basebenza izinsuku ezimbalwa ngesonto ukuze baziphilise. Abanye bakhethwa ukuba babe amaphayona akhethekile ezindaweni ezinesidingo sabamemezeli boMbuso, bachithe amahora angu-130 noma ngaphezulu beshumayela inyanga ngayinye. Kuyawanelisa amaphayona ukuphila ukuphila okulula, ayaqiniseka ukuthi uJehova uzozinakekela izidingo zawo zokuphila. (Mathewu 6:31-33; 1 Thimothewu 6:6-8) Labo abangakwazi ukuba amaphayona avamile baba amaphayona asizayo lapho izimo zivuma, bandise umsebenzi wabo ngokushumayela amahora angu-30 noma angu-50 ngenyanga.

Iphayona lishukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangabantu. NjengoJesu, siyasibona isimo esidabukisayo ngokomoya sabantu abaningi. (Marku 6:34) Kodwa sinalo ulwazi olungabasiza kwamanje, lubanike ithemba eliqinile ngekusasa. Uthando ngomakhelwane lushukumisa iphayona ukuba linikele ngesikhathi nangamandla alo ukuze lisize abanye ngokomoya. (Mathewu 22:39; 1 Thesalonika 2:8) Ngenxa yalokho, ukholo lwephayona luyaqina, lisondele kuNkulunkulu, lithole nenjabulo enkulu.​​—IzEnzo 20:35.

  • Ungalichaza kanjani iphayona?

  • Yini eshukumisa abanye ukuba babe amaphayona esikhathi esigcwele?

AMATHUBA EMFUNDO AVULEKELE AMAPHAYONA

Amaphayona afanelekayo amenyelwa eSikoleni Senkonzo Samaphayona esithatha amasonto amabili. Abazalwane abangashadile abangamaphayona afanelekayo abangathanda ukusetshenziswa lapho kunendingeko khona, bangafaka isicelo sokuya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile esithatha izinyanga ezimbili. Abashadikazi abafanelekayo bangafaka isicelo sokuya eSikoleni SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristu. Ngosizo lwalezi zikole, amaphayona ‘angayifeza ngokugcwele inkonzo yawo.’—2 Thimothewu 4:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela