Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 24 k. 27
  • Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Imisebenzi YoMbuso Ekhokhelwa Ngayo
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Isekelwa Kanjani Inkonzo Yethu Ngokwezimali?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngokwezimali?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 24 k. 27

Isifundo 24

Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?

Inhlangano yethu inyathelisa futhi isakaze izigidi ezingamakhulu zamaBhayibheli nezinye izincwadi unyaka ngamunye ngaphandle kwenkokhiso. Sakha futhi sinakekele amaHholo OMbuso namahhovisi egatsha. Sisekela izinkulungwane zezikhonzi zaseBethel nezithunywa zevangeli, futhi sinikeza usizo ngezikhathi zezinhlekelele. Ngakho ungase uzibuze, ‘Ivelaphi imali yokwenza konke lokhu?’

Asibakhiphisi abantu okweshumi, asibakhokhisi, noma siqoqe inkongozelo. Nakuba kubiza ukusekela umsebenzi wethu wokushumayela, asiyiceli imali. Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, INqabayokulinda yesibili yathi sikholelwa ukuthi uJehova nguye osisekelayo nokuthi “asisoze sacela noma sanxusa usizo lomuntu”—futhi asikaze!—Mathewu 10:8.

Imisebenzi yethu isekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Abantu abaningi bayawuthanda kakhulu umsebenzi wethu wokufundisa iBhayibheli futhi bawusekela ngeminikelo. OFakazi nabo banikela ngenjabulo ngesikhathi sabo, amandla, izimali kanye nokunye ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni wonke. (1 IziKronike 29:9) EHholo LoMbuso kunamabhokisi eminikelo futhi abathanda ukunikela bangafaka kuwo. Iminikelo eminingi ivela kubantu abaphansi abafana nomfelokazi ompofu uJesu akhuluma kahle ngaye, owaphonsa izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ebhokisini lomnikelo ethempelini. (Luka 21:1-4) Ngakho noma ubani angakwazi ‘ukubeka eceleni okuthile’ anganikela ngakho njalo “njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe.”—1 Korinte 16:2; 2 Korinte 9:7.

Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ethinta izinhliziyo zalabo abafuna ‘ukumdumisa ngezinto zabo zenani elikhulu’ besekela umsebenzi woMbuso ukuze intando yakhe yenzeke.—IzAga 3:9.

  • Yini eyenza inhlangano yethu yehluke kwezinye izinkolo?

  • Iminikelo yokuzithandela isetshenziswa kanjani?

IYAPHI IMALI?

Iminikelo yeZindleko Zebandla ikhokha izindleko zebandla nemali yokwakha iHholo LoMbuso noma yokulilungisa ibandla elisuke liyiboleke ehhovisi legatsha. Iminikelo yoMsebenzi Womhlaba Wonke ithunyelwa ehhovisi legatsha ukuze ikhokhe izindleko zalo, esele isetshenziselwe izidingo zakwamanye amazwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela