Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 25 k. 28
  • AmaHholo OMbuso—Kungani Akhiwa Futhi Akhiwa Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AmaHholo OMbuso—Kungani Akhiwa Futhi Akhiwa Kanjani?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwanda Okumangalisayo Kwenza Kudingeke Izakhiwo Ngokushesha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Lena Indawo Yethu Yokukhulekela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 25 k. 28

Isifundo 25

AmaHholo OMbuso—Kungani Akhiwa Futhi Akhiwa Kanjani?

Njengoba igama elithi iHholo LoMbuso lisho, imfundiso yeBhayibheli eyinhloko efundiswa khona ikhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu—isihloko senkonzo kaJesu.—Luka 8:1.

Ayizikhungo zokukhulekela kweqiniso emphakathini. Kuwo, kuhlelwa umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14) AmaHholo OMbuso ayahluka ngobukhulu nangokwakhiwa kodwa wonke mahle, amaningi asetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa. Kule minyaka yamuva, sakhe amashumi ezinkulungwane zamaHholo OMbu­so (isilinganiso samahholo amahlanu ngosuku) ukuze sihambisane nokwanda emabandleni ethu. Sikwenza kanjani lokhu?—Mathewu 19:26.

Akhiwa ngeminikelo efakwa esikhwameni sokwakha amaHholo. Kuwo wonke amaHholo OMbuso, kunelinye ibhokisi leminikelo Yokwakha AmaHholo OMbuso Emhlabeni Wonke. Le minikelo ithunyelwa ehhovisi legatsha ukuze le mali engazali ibolekwe amabandla afuna ukwakha noma ukulungisa iHholo LoMbuso.

Akhiwa izisebenzi zokuzithandela ezingaholelwa ezivela kuzo zonke izizinda. Emazweni amaningi, kuye kwamiswa Amaqembu Abakhi BamaHholo OMbuso. Amaqembu ezisebenzi zokwakha nezisebenzi zokuzithandela asuka kwelinye ibandla aye kwelinye kulelo zwe, ngisho nasezindaweni zasemaphandleni, ukuze ahole ekwakhiweni kweHholo ngalinye futhi aqeqeshe oFakazi bendawo. Kwamanye amazwe, kuye kwamiswa amaKomiti Okwakha Ezifunda ukuze aqondise ukwakhiwa nokulungiswa kwamaHholo OMbuso endaweni yawo. Abadala abanokuhlangenwe nakho ekwakheni baqondisa amabandla kuzo zonke izigaba zomsebenzi futhi abantu abanamakhono athile basiza ngokuzithandela ekwakheni. Kuzo zonke izindawo okwakhiwa kuzo, amalungu alelo bandla afika ngobuningi ezosiza esakhiweni. Umoya kaJehova nemizamo yabantu bakhe yomphefumulo wonke yenza konke lokhu kuphumelele.—IHubo 127:1; Kolose 3:23.

  • Kungani izindawo zethu zokukhulekela zibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso?

  • Sikwazi kanjani ukwakha amaHholo OMbuso emhlabeni wonke?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela