Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 5 kk. 12-13
  • USamuweli Waqhubeka Enza Okuhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • USamuweli Waqhubeka Enza Okuhle
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • USamuweli Wanamathela Kokulungile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Umfanyana Ukhonza UJehova
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Waqhubeka Ekhula EnoJehova”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • “Waqhubeka Ekhula EnoJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 5 kk. 12-13

ISIFUNDO 5

USamuweli Waqhubeka Enza Okuhle

Kusukela ngesikhathi uSamuweli esemncane kakhulu, wayehlala futhi esebenza etabernakele. Njengoba sifundile, itabernakele yindawo abantu ababeya kuyo beyokhulekela uJehova. Uyazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba uSamuweli ahlale etabernakele? Masiqale sifunde ngomama kaSamuweli, uHana.

Kwase kuyisikhathi eside uHana engayitholi ingane yize ayefuna ukuba nayo. Ngakho wathandaza kuJehova, emcela ukuba amsize. Wamthembisa ukuthi uma eba nengane yomfana, wayeyoyiyisa etabernakele ukuze ihlale futhi isebenze khona. UJehova wawuphendula umthandazo wakhe, waba nendodana. Wayiqamba ngokuthi uSamuweli. Futhi njengoba uHana ayethembisile, lapho uSamuweli eneminyaka emithathu noma emine, wamthatha wamyisa etabernakele ukuba akhonze uNkulunkulu khona.

U-Eli wayengumpristi ophakeme etabernakele. Wayenamadodana amabili nawo ayesebenza khona. Khumbula, itabernakele laliyindlu kaNkulunkulu yokukhulekela, futhi abantu kwakumelwe benze izinto ezilungile khona. Kodwa amadodana ka-Eli ayenza izinto ezimbi kakhulu. USamuweli wakubona ayekwenza. Ingabe uSamuweli wenza izinto ezimbi njengamadodana ka-Eli?— Cha, waqhubeka enza okuhle, njengoba nje ayefundiswe abazali bakhe.

Ucabanga ukuthi yini u-Eli okwakufanele ayenze ngamadodana akhe amabili?— Kwakufanele awajezise. Kwakungafanele awavumele aqhubeke esebenza endlini kaNkulunkulu. Kodwa u-Eli akakwenzanga lokho, ngakho uJehova wamthukuthelela yena namadodana akhe amabili. UJehova wanquma ukuthi uzobajezisa.

USamuweli osemncane ukhuluma noMpristi Ophakeme u-Eli

USamuweli wanikeza u-Eli umyalezo ovela kuJehova

Ngobunye ubusuku uSamuweli elele, wezwa umuntu embiza ethi: ‘Samuweli!’ Wagijima waya ku-Eli, kodwa u-Eli wathi: ‘Angikubizanga.’ Lokhu kwaphinda kwenzeka kabili. Ngemva kokuba kwenzeke okwesithathu, u-Eli watshela uSamuweli ukuthi uma ephinda ezwa izwi kufanele athi: ‘Ngiyakucela, Jehova, khuluma; ngikulalele.’ Ngakho yilokho uSamuweli akwenza. UJehova wabe esethi kuSamuweli: ‘Tshela u-Eli ukuthi ngizojezisa umndeni wakhe ngenxa yezinto ezimbi ozenzile.’ Ucabanga ukuthi kwakulula ukuba uSamuweli anikeze u-Eli lo myalezo?— Cha, kwakungelula. Kodwa nakuba uSamuweli ayesaba, wenza lokho uJehova ayethe akakwenze. Lokho uJehova ayekushilo kwenzeka. Amadodana ka-Eli afa, no-Eli wafa.

USamuweli uyisibonelo esihle kithi. Wenza okuhle nakuba ayebona abanye benza izinto ezimbi. Wena? Ingabe uzofana noSamuweli uqhubeke wenza okuhle? Uma wenza kanjalo, uyojabulisa abazali bakho noJehova.

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • 1 Samuweli 2:22-26; 3:1-21

IMIBUZO:

  • Isiphi isithembiso esenziwa umama kaSamuweli?

  • Yini uSamuweli abona amadodana ka-Eli eyenza etabernakele?

  • Yini uJehova atshela uSamuweli ukuba ayenze?

  • Kungani uSamuweli eyisibonelo esihle kithi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela