Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 6 kk. 14-15
  • UDavide Wayengesabi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UDavide Wayengesabi
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Ukuba UDavide Angesabi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UDavide NoGoliyati
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Impi IngekaJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • UDavide NoGoliyati
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 6 kk. 14-15

ISIFUNDO 6

UDavide Wayengesabi

Yini oyenzayo uma wesaba?— Mhlawumbe uya kumama nobaba wakho ukuze bakusize. Kodwa ukhona nomunye ongakusiza. Unamandla kakhulu ukwedlula bonke abanye abantu. Uyazi ukuthi ubani lowo?— Yebo, uJehova uNkulunkulu. Ake sixoxe ngensizwa eseBhayibhelini okuthiwa uDavide. Wayazi ukuthi uJehova uzomsiza ngaso sonke isikhathi, ngakho wayengesabi.

Kusukela uDavide esewumntwana, abazali bakhe bamfundisa ukuthanda uJehova. Lokhu kwamsiza ukuba angesabi ngisho nalapho kwenzeka izinto ezesabisayo. Wayazi ukuthi uJehova unguMngane wakhe nokuthi uzomsiza. Ngelinye ilanga, lapho uDavide eluse izimvu, kwafika ibhubesi elikhulu labamba imvu ngomlomo! Uyazi ukuthi uDavide wenzani? Walijaha, walibulala ngezandla engaphethe lutho! Lapho ibhere lihlasela izimvu, nalo futhi walibulala! Ucabanga ukuthi ubani owasiza uDavide?— Yebo, uJehova.

Kunesinye futhi isikhathi uDavide aba nesibindi ngaso. Ama-Israyeli ayelwa nabantu ababizwa ngokuthi amaFilisti. Elinye isosha elingumFilisti lalingumdondoshiya! Umdondoshiya umuntu omude omkhulu ngomzimba. Igama laleli sosha kwakunguGoliyati. UGoliyati wadelela amasosha akwa-Israyeli noJehova. Wachukuluza amasosha akwa-Israyeli ukuze alwe nawo. Kodwa wonke ama-Israyeli ayesaba kakhulu ukulwa naye. Lapho uDavide ezwa ngalokhu, wathi kuGoliyati: ‘Mina ngizolwa nawe! UJehova uzongisiza futhi ngizokuhlula!’ Ucabanga ukuthi uDavide wayenesibindi?— Yebo, wayenesibindi kakhulu. Uyafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngemva kwalokho?

UDavide wathatha indwayimana yakhe, noma isihlilingi, namatshe amahlanu, wahamba wayokulwa nalo mdondoshiya. Lapho uGoliyati ebona ukuthi uDavide mncane kangakanani, wahlekisa ngaye. Kodwa uDavide wathi kuye: ‘Wena uza kimi nenkemba, kodwa mina ngiza kuwe negama likaJehova!’ Wayesefaka itshe endwayimaneni yakhe, wagijima waya kuGoliyati, walijikijela, layohlala ngqo kuye. Itshe lashaya uGoliyati esiphongweni! UGoliyati wawela phansi, wafa! AmaFilisti esaba kakhulu kangangokuba wonke abaleka. Ubani owasiza umfana omncane njengoDavide ukuba ahlule umdondoshiya?— UJehova wamsiza, futhi wayenamandla kakhulu kunalowo mdondoshiya!

UDavide ubulala uGoliyati

UDavide wayengesabi ngoba wayazi ukuthi uJehova uzomsiza

Ufundeni wena kule ndaba kaDavide?— UJehova unamandla kakhulu kunabo bonke abantu. Futhi unguMngane wakho. Ngakho uma kwenzeka uzizwa wesaba, khumbula, uJehova angakusiza ube nesibindi!

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • IHubo 56:3, 4

  • 1 Samuweli 17:20-54

IMIBUZO:

  • UDavide wenzani lapho ibhubesi nebhere lihlasela izimvu zakhe?

  • Lapho uGoliyati edelela uJehova, wathini uDavide kuye?

  • Ubani owasiza uDavide ukuba ahlule uGoliyati?

  • Kungani uDavide ayengalesabi ibhubesi, ibhere nomdondoshiya?

  • Yini oyifundayo kule ndaba kaDavide?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela