Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 8 kk. 18-19
  • UJosiya Wayenabangane Abalungile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJosiya Wayenabangane Abalungile
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJosiya Wakhetha Ukwenza Okulungile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UJosiya Uyawuthanda Umthetho KaNkulunkulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJosiya Othobekile Wayezuze Umusa KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Inkosi Yokugcina Enhle
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 8 kk. 18-19
INkosi uJosiya ilalele umngane wayo uJeremiya

ISIFUNDO 8

UJosiya Wayenabangane Abalungile

Ucabanga ukuthi kunzima ukwenza izinto ezilungile?— Abantu abaningi bacabanga ukuthi kunzima. IBhayibheli lisixoxela ngomfana omncane obizwa ngokuthi uJosiya. Lithi kwakunzima kakhulu kuye ukwenza okulungile. Kodwa wayenabangane abalungile abamsiza. Masifunde okwengeziwe ngoJosiya nabangane bakhe.

Ubaba kaJosiya kwakungu-Amoni, inkosi yakwaJuda. U-Amoni wenza izinto ezimbi kakhulu futhi wayekhulekela izithombe. Lapho ubaba kaJosiya efa, uJosiya waba inkosi yakwaJuda. Kodwa wayeneminyaka engu-8 nje kuphela! Ucabanga ukuthi wenza izinto ezimbi njengobaba wakhe?— Cha, akazenzanga!

Umprofethi uZefaniya utshela abantu bakwaJuda izinto ezishiwo uJehova

UZefaniya waxwayisa abantu ukuba bangazikhulekeli izithombe

Ngisho nalapho uJosiya esemncane kakhulu, wayefuna ukulalela uJehova. Ngakho wakhetha ukuba umngane nabantu ababethanda uJehova kuphela. Futhi basiza uJosiya ukuba enze okulungile. Kwakungobani abanye babangane bakaJosiya?

Omunye wabangane bakhe kwakunguZefaniya. UZefaniya wayengumprofethi owaxwayisa abantu bakwaJuda ukuthi kwakuzokwenzeka izinto ezimbi kubo uma bekhulekela izithombe. UJosiya wamlalela uZefaniya wakhulekela uJehova, hhayi izithombe.

Omunye futhi umngane kaJosiya kwakunguJeremiya. Wayecishe alingane noJosiya, futhi babehlala ngandawonye ngesikhathi besakhula. Babengabangane abakhulu kangangokuthi lapho uJosiya efa, uJeremiya wabhala ingoma ekhethekile ekhuluma ngokuthi wayemkhumbula kakhulu uJosiya. UJeremiya noJosiya basizana ukuze benze okulungile futhi balalele uJehova.

UJosiya noJeremiya basizana ukuze benze izinto ezilungile

Yini wena oyifundayo esibonelweni sikaJosiya?— Ngisho nalapho uJosiya engumfana omncane, wayefuna ukwenza okulungile. Wayazi ukuthi kwakufanele abe umngane nabantu abathanda uJehova. Qiniseka ukuthi nawe ukhetha abangane abathanda uJehova futhi abangakusiza ukuba wenze izinto ezilungile!

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • 2 IziKronike 33:21-25; 34:1, 2; 35:25

IMIBUZO:

  • Kwakungubani ubaba kaJosiya? Wazenza yini izinto ezinhle?

  • Yini uJosiya ayefuna ukuyenza ngisho nalapho esengumfana omncane?

  • Kwakungobani amagama abangane ababili bakaJosiya?

  • Yini oyifundayo esibonelweni sikaJosiya?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela