ISIFUNDO 8
UJosiya Wayenabangane Abalungile
Ucabanga ukuthi kunzima ukwenza izinto ezilungile?— Abantu abaningi bacabanga ukuthi kunzima. IBhayibheli lisixoxela ngomfana omncane obizwa ngokuthi uJosiya. Lithi kwakunzima kakhulu kuye ukwenza okulungile. Kodwa wayenabangane abalungile abamsiza. Masifunde okwengeziwe ngoJosiya nabangane bakhe.
Ubaba kaJosiya kwakungu-Amoni, inkosi yakwaJuda. U-Amoni wenza izinto ezimbi kakhulu futhi wayekhulekela izithombe. Lapho ubaba kaJosiya efa, uJosiya waba inkosi yakwaJuda. Kodwa wayeneminyaka engu-8 nje kuphela! Ucabanga ukuthi wenza izinto ezimbi njengobaba wakhe?— Cha, akazenzanga!
UZefaniya waxwayisa abantu ukuba bangazikhulekeli izithombe
Ngisho nalapho uJosiya esemncane kakhulu, wayefuna ukulalela uJehova. Ngakho wakhetha ukuba umngane nabantu ababethanda uJehova kuphela. Futhi basiza uJosiya ukuba enze okulungile. Kwakungobani abanye babangane bakaJosiya?
Omunye wabangane bakhe kwakunguZefaniya. UZefaniya wayengumprofethi owaxwayisa abantu bakwaJuda ukuthi kwakuzokwenzeka izinto ezimbi kubo uma bekhulekela izithombe. UJosiya wamlalela uZefaniya wakhulekela uJehova, hhayi izithombe.
Omunye futhi umngane kaJosiya kwakunguJeremiya. Wayecishe alingane noJosiya, futhi babehlala ngandawonye ngesikhathi besakhula. Babengabangane abakhulu kangangokuthi lapho uJosiya efa, uJeremiya wabhala ingoma ekhethekile ekhuluma ngokuthi wayemkhumbula kakhulu uJosiya. UJeremiya noJosiya basizana ukuze benze okulungile futhi balalele uJehova.
UJosiya noJeremiya basizana ukuze benze izinto ezilungile
Yini wena oyifundayo esibonelweni sikaJosiya?— Ngisho nalapho uJosiya engumfana omncane, wayefuna ukwenza okulungile. Wayazi ukuthi kwakufanele abe umngane nabantu abathanda uJehova. Qiniseka ukuthi nawe ukhetha abangane abathanda uJehova futhi abangakusiza ukuba wenze izinto ezilungile!