Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 9 kk. 20-21
  • UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uthuma UJeremiya Ukuba Ayoshumayela
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Ngifaké Amazwi Ami Emlonyeni Wakho”
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
  • “Angikwazi Ukuthula”
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
  • “Kumelwe Ukhulume Leli Zwi Kuzo”
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 9 kk. 20-21

ISIFUNDO 9

UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova

UJeremiya uzungezwe isixuku esithukuthele

Kungani abantu becasukele uJeremiya?

UJeremiya ukhishwa emgodini onodaka

UJehova wasindisa uJeremiya

Ngezinye izikhathi abantu bahlekisa ngathi noma basicasukele lapho sikhuluma nabo ngoJehova. Lokhu kungasenza sifune ukuyeka ukukhuluma ngoNkulunkulu. Wake wazizwa kanjalo?— IBhayibheli lisitshela ngensizwa eyayithanda uJehova kodwa eyacishe yayeka ukukhuluma ngaye. Igama layo kwakunguJeremiya. Masifunde okwengeziwe ngayo.

Lapho uJeremiya eseyinsizwa, uJehova wamtshela ukuthi kwakufanele axwayise abantu ukuba bayeke ukwenza izinto ezimbi. Lokhu kwakunzima kakhulu kuJeremiya futhi wayesaba. Wathi kuJehova: ‘Angazi ukuthi ngizothini. Ngisewumfana nje.’ Kodwa uJehova wathi: ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’

Ngakho uJeremiya waqala ukuxwayisa abantu ngokuthi bazojeziswa uma bengashintshi. Ucabanga ukuthi abantu bamlalela uJeremiya?— Cha. Bahlekisa ngaye futhi bamcasukela kakhulu. Abanye baze bafuna ngisho nokumbulala! Ucabanga ukuthi uJeremiya wazizwa kanjani?— Wayesaba futhi wathi: ‘Ngeke ngiphinde ngikhulume ngoJehova.’ Kodwa ingabe wayeka ngempela?— Cha, akayekanga. Wayemthanda kakhulu uJehova kangangokuba akayekanga ukukhuluma ngaye. Futhi ngenxa yokuthi uJeremiya akayekanga, uJehova wamgcina ephephile.

Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi amadoda amabi aphonsa uJeremiya emgodini omude ogcwele udaka. Wayengenakho ukudla namanzi. Lawo madoda ayefuna uJeremiya afele lapho. Kodwa ngosizo lukaJehova wakwazi ukuphunyuka!

Yini oyifundayo esibonelweni sikaJeremiya?— Nakuba ayesaba ngezinye izikhathi, akayekanga ukukhuluma ngoJehova. Lapho ukhuluma ngoJehova, abantu bangase bahlekise ngawe noma bakucasukele. Ungazizwa uphoxekile noma wesaba. Kodwa ungalokothi uyeke ukukhuluma ngoJehova. Uyokusiza njalo, njengoba asiza uJeremiya.

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • Jeremiya 1:4-8; 20:7-9; 26:8-19, 24; 38:6-13

IMIBUZO:

  • UJehova wathi uJeremiya akenzeni?

  • Kungani uJeremiya acishe ayeka ukukhuluma ngoJehova?

  • UJehova wamsiza kanjani uJeremiya?

  • Ufundeni esibonelweni sikaJeremiya?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela