Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 11 kk. 24-25
  • Babhala NgoJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Babhala NgoJesu
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Ababhala NgoJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Isifundo Sokuthethelela ENkosini Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Iseluleko Ngokholo, Ukuziphatha Nothando
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 11 kk. 24-25
Amadoda abhala ngoJesu—uMarku, uLuka, nabaphostoli uPetru noPawulu

ISIFUNDO 11

Babhala NgoJesu

Uyawabona la madoda asesithombeni?— Amagama awo uMathewu, uMarku, uLuka, uJohane, uPetru, uJakobe, uJude noPawulu. Wonke la madoda aphila ngesikhathi esifanayo noJesu, futhi abhala ngaye. Asifunde okwengeziwe ngawo.

Yini oyaziyo ngala madoda?

Amathathu kuwo ayengabaphostoli abashumayela noJesu. Uyazi ukuthi yimaphi?— UMathewu, uJohane noPetru. Abaphostoli uMathewu noJohane babemazi kahle kakhulu uJesu, futhi bobabili babhala izincwadi ezikhuluma ngokuphila kwakhe. Umphostoli uJohane waphinde wabhala incwadi ebizwa ngokuthi isAmbulo. Wabhala nezincwadi ezintathu ezibizwa ngokuthi uJohane Wokuqala, uJohane Wesibili noJohane Wesithathu. Umphostoli uPetru wabhala izincwadi ezimbili eziseBhayibhelini. Zibizwa ngokuthi uPetru Wokuqala noPetru Wesibili. Encwadini yakhe yesibili, uPetru wakhuluma ngesikhathi uJehova akhuluma ngaso esezulwini, ethi ngoJesu: ‘Le indodana yami. Ngiyayithanda futhi ngiyaziqhenya ngayo.’

Amanye amadoda asesithombeni nawo asifundisa ngoJesu ezincwadini azibhala. Omunye wawo uMarku. Kungenzeka wayekhona ngesikhathi kuboshwa uJesu futhi wabona konke okwakwenzeka. Lona omunye uLuka. Wayengudokotela futhi kungenzeka waba umKristu ngemva kokufa kukaJesu.

Ababili bababhali beBhayibheli obabona esithombeni kwakungabafowabo bakaJesu abancane. Uyawazi amagama abo?— UJakobe noJude. Ekuqaleni babengakholelwa kuJesu. Babecabanga ukuthi uyahlanya. Kodwa kamuva bakholelwa kuJesu futhi baba amaKristu.

Umbhali wokugcina weBhayibheli ombona esithombeni uPawulu. Ngaphambi kokuba abe umKristu, igama lakhe kwakunguSawulu. Wayewazonda amaKristu futhi ewaphatha kabi kakhulu. Uyazi ukuthi yini eyenza uPawulu wafuna ukuba umKristu?— Ngolunye usuku uPawulu esendleleni, wezwa umuntu ekhuluma naye esezulwini. KwakunguJesu! Wabuza uPawulu: ‘Kungani ubaphatha kabi kangaka abantu abanokholo kimi?’ Ngemva kwalokho, uPawulu washintsha waba umKristu. UPawulu wabhala izincwadi ezingu-14 zeBhayibheli, kusukela kweyabaseRoma kuya kweyamaHebheru.

IBhayibheli silifunda zonke izinsuku, angithi?— Lapho sifunda iBhayibheli, sifunda izinto eziningi ngoJesu. Ungathanda nawe ukufunda okuningi ngaye?—

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • 2 Petru 1:16-18

  • Marku 3:21; 14:51

  • Jude 1

  • IzEnzo 9:1-18

IMIBUZO:

  • Obani amagama abaphostoli bakaJesu ababhala ngaye?

  • Obani ababhali beBhayibheli ababili ababengabafowabo bakaJesu?

  • UPawulu waba kanjani umKristu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela