Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 65 k. 154-k. 155 isig. 3
  • Uyafundisa Njengoba Esendleleni Eya EJerusalema

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyafundisa Njengoba Esendleleni Eya EJerusalema
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhambo Lomshoshaphansi Lokuya EJerusalema
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Uhambo Oluyimfihlo Oluya EJerusalema
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Ihora Lakhe Lalingakafiki”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Imikhosi Eyingqopha-mlando Yakwa-Israyeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 65 k. 154-k. 155 isig. 3
UJesu nabafundi bakhe basendleleni eya eJerusalema

ISAHLUKO 65

Uyafundisa Njengoba Esendleleni Eya EJerusalema

MATHEWU 8:19-22 LUKA 9:51-62 JOHANE 7:2-10

  • INDLELA ABAFOWABO ABAMBHEKA NGAYO UJESU

  • UBALULEKE KANGAKANANI UMSEBENZI WOMBUSO?

Sekuyisikhathi uJesu egxilise umsebenzi wakhe eGalile, lapho abantu bemlalela khona kangcono kunaseJudiya. Ngaphandle kwalokho, lapho eseJerusalema elapha indoda ngeSabatha, “amaJuda afuna nakakhulu ukumbulala.”—Johane 5:18; 7:1.

Manje sekusekwindla ka-32 C.E., uMkhosi WamaTabernakele (noma Wamadokodo) ususeduze. Lo mkhosi ugujwa izinsuku eziyisikhombisa bese ulandelwa umhlangano onesizotha ngosuku luka-8. Lo mkhosi uba sekupheleni konyaka wezolimo, futhi uba yisikhathi senjabulo enkulu nesokubonga uNkulunkulu.

UJesu nabafundi bakhe uJakobe noJohane

Abafowabo bakaJesu—uJakobe, uSimoni, uJosefa noJuda—bayamkhuthaza bathi: “Suka lapha uye eJudiya.” IJerusalema liyindawo yokukhulekela yezwe lonke. Phakathi nemikhosi emithathu yaminyaka yonke, leli dolobha lisuke liphithizela. Abafowabo bakaJesu babonisana naye bathi: “Akekho owenza noma yini ekusithekeni kuyilapho efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezi zinto, ziveze ezweni.”—Johane 7:3, 4.

Eqinisweni, laba bafowabo abane ‘abanalo ukholo kuye’ lokuthi unguMesiya. Noma kunjalo, bafuna labo abasemkhosini bambone enza imisebenzi yamandla. Eqaphela ingozi, uJesu uthi kubo: “Izwe alinaso isizathu sokunizonda, kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Hambani nina niye emkhosini; mina angiyi kulo mkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami asikafiki ngokugcwele.”—Johane 7:5-8.

Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuba abafowabo bakaJesu behambe kanye nabantu abaningi abaya emkhosini, uJesu nabafundi bakhe bayalandela bengabonwa muntu. Bathatha indlela enqamulelayo edlula eSamariya, esikhundleni sendlela ejwayelekile edlula ngaseMfuleni iJordani. UJesu nabafundi bakhe bazodinga indawo yokulala eSamariya, ngakho uthumela izithunywa ukuba ziyolungisa indawo. Abantu kwenye indawo bayenqaba ukubamukela noma ukubangenisa ngoba uJesu uya eJerusalema emkhosini wamaJuda. UJakobe noJohane bayabuza bethukuthele bathi: “Nkosi, ingabe ufuna sibize umlilo wehle ezulwini ubaqothule?” (Luka 9:54) UJesu uyabakhuza ngalokho abakushoyo futhi bayaqhubeka nohambo lwabo.

Njengoba besendleleni umbhali othile uthi kuJesu: “Mfundisi, ngizokulandela nomaphi lapho uya khona.” UJesu uyaphendula: “Izimpungushe zinemigodi nezinyoni zezulu zinezidleke kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Mathewu 8:19, 20) Uqonde ukuthi lo mbhali uzobhekana nobunzima uma eba umlandeli kaJesu. Kubonakala sengathi lo mbhali uzibona ephakeme kakhulu ukuba angamukela le ndlela yokuphila. Ngakho ngamunye wethu angazibuza, ‘Ngizimisele kangakanani ukulandela uJesu?’

1. Impungushe emgodini wayo; 2. Inyoni isesidlekeni

UJesu uthi kwenye indoda: “Yiba umlandeli wami.” Le ndoda iyaphendula: “Nkosi, ngivumele ngihambe ngiyongcwaba ubaba kuqala.” Ezazi izimo zale ndoda, uJesu uthi: “Yeka abafile bangcwabe abafile babo, kodwa wena hamba umemezele kabanzi uMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:59, 60) Ngokusobala uyise wayengakafi. Ukube wayeshonile, mancane amathuba okuthi indodana yakhe yayingaba lapho ikhulume noJesu. Le ndodana ayikulungele ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwayo.

Njengoba behla ngendlela beya eJerusalema, enye indoda ithi kuJesu: “Ngizokulandela, Nkosi, kodwa ngivumele kuqala ngiyovalelisa emndenini wami.” UJesu uyayiphendula: “Akukho muntu othi esebeke isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle uMbuso kaNkulunkulu.”—Luka 9:61, 62.

Labo abafuna ukuba abalandeli bakaJesu bangempela, kumelwe bagxilise amehlo abo emsebenzini woMbuso. Uma umuntu obambe igeja engabheki phambili, cishe umsele uyogwegwa. Uma ebeka igeja phansi ukuze abheke okungemuva, umsebenzi ensimini uzophazamiseka. Ngokufanayo, noma ubani obheka emuva kuleli zwe elidala angase akhubeke aphume endleleni eholela ekuphileni okuphakade.

  • Abafowabo bakaJesu abane bazizwa kanjani ngaye?

  • Kungani amaSamariya engamamukeli uJesu futhi uJakobe noJohane bafuna ukwenzani?

  • Yiziphi izingxoxo ezintathu uJesu aba nazo lapho esendleleni futhi yini ayiqokomisayo ngenkonzo eya kuNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela