Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 95 k. 222-k. 223 isig. 9
  • Ufundisa Ngokudivosa Nokuthanda Abantwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ufundisa Ngokudivosa Nokuthanda Abantwana
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izifundo Ngesahlukaniso Nangothando Ngabantwana
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Izifundo Ngesahlukaniso Nangothando Ngabantwana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Idivosi—IBhayibheli Lithini Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Hlonipha “Lokho UNkulunkulu Akubophele Ndawonye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 95 k. 222-k. 223 isig. 9
Abantu baletha abantwana babo kuJesu

ISAHLUKO 95

Ufundisa Ngokudivosa Nokuthanda Abantwana

MATHEWU 19:1-15 MARKU 10:1-16 LUKA 18:15-17

  • UJESU UVEZA UMBONO KANKULUNKULU NGEDIVOSI

  • ISIPHO SOKUNGASHADI

  • ISIDINGO SOKUBA NJENGABANTWANA

UJesu nabafundi bakhe basuka eGalile, bawele uMfula iJordani bathathe indlela eya ngaseningizimu, banqamule ePhereya. Ngesikhathi uJesu esePhereya, watshela abaFarisi ngombono kaNkulunkulu ngedivosi. (Luka 16:18) Manje baphinde bakhulume ngayo leyo ndaba ukuze bavivinye uJesu.

UMose wabhala ukuthi owesifazane angadivoswa uma kutholakale “okuthile okuyihlazo” kuye. (Duteronomi 24:1) Kunemibono ehlukahlukene mayelana nokuthi yini engabangela abantu ukuba badivose. Abanye bakholelwa ukuthi bangadivosa ngezizathu ezingathi shu. Ngakho abaFarisi bayabuza: “Kungokomthetho yini ukuba indoda idivose umkayo nganoma yiziphi izizathu?”—Mathewu 19:3.

Kunokukhuluma ngezinto ezishiwo abantu, ngokuhlakanipha uJesu uveza indlela uNkulunkulu ayewuhlele ngayo umshado. “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Mathewu 19:4-6) Ngesikhathi uNkulunkulu esungula umshado lapho eshadisa u-Adamu no-Eva, akalenzanga ilungiselelo lokuwehlukanisa umshado wabo.

AbaFarisi baba nenkinga ngalokho uJesu akushoyo, bese bethi: “Pho-ke, kungani uMose athi makanikwe isitifiketi sokumxosha futhi amdivose?” (Mathewu 19:7) UJesu uyabatshela: “Ngenxa yokucabangela izinhliziyo zenu ezilukhuni, uMose wanivumela ukuba nidivose omkenu, kodwa kwakungenjalo ekuqaleni.” (Mathewu 19:8) Igama elithi “ekuqaleni,” alibhekiseli osukwini lukaMose kodwa libhekisela lapho uNkulunkulu esungula umshado e-Edene.

Ngakho uJesu uveza iqiniso elibalulekile: “Ngithi kini noma ubani odivosa umkakhe, ngaphandle kwesizathu sokuziphatha kabi ngokocansi [ngesiGreki, por·neiʹa], ashade nomunye, uyaphinga.” (Mathewu 19:9) Ukuziphatha kabi ngokocansi yisona sizathu kuphela esiseBhayibhelini sokudivosa.

Lokho kwenza abafundi bathi: “Uma sinjalo isimo somuntu ngomkakhe, akukuhle ukushada.” (Mathewu 19:10) Kuyacaca ukuthi umuntu ocabanga ukushada kufanele azi ukuthi umshado uyisibopho saphakade!

Ngokuphathelene nokungashadi, uJesu uyachaza ukuthi abanye bazalwa bengabathenwa, okwenza bangakwazi ukwenza ucansi, olwenziwa abantu abashadile. Abanye bayenziwa ukuba babe ngabathenwa, okwenza bangakwazi nhlobo ukwenza ucansi. Kanti abanye bayasicindezela isifiso sabo sokwenza ucansi. Benza kanjalo ukuze bagxile ngokuphelele ekwenzeni izinto eziphathelene noMbuso. UJesu unxusa izilaleli zakhe: “Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo [ukungashadi] makakutholele indawo.”—Mathewu 19:12.

Manje abantu baqala ukuletha izingane zabo kuJesu. Kodwa abafundi bayabakhuza abantu, cishe befuna uJesu angaphazamiseki. Lapho ekubona lokhu, uJesu uyacasuka bese ethi kubo: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningabavimbi, ngoba uMbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini, noma ubani ongawamukeli uMbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.”—Marku 10:14, 15; Luka 18:15.

Kwaze kwayisifundo esihle lesi! Ukuze sithole uMbuso kaNkulunkulu, kufanele sibe mnene futhi sifundiseke njengabantwana. UJesu ubabonisa uthando laba abancane ngokubagona nangokubabusisa. Ubathanda ngendlela efanayo bonke ‘abamukela uMbuso kaNkulunkulu njengomntwana.’—Luka 18:17.

  • AbaFarisi bamvivinya kanjani uJesu ngendaba yedivosi?

  • UJesu uthi uyini umbono kaNkulunkulu ngedivosi?

  • Kungani abanye abafundi bengase bakhethe ukungashadi?

  • UJesu ufundisa siphi isifundo ngendlela aphatha ngayo abantwana?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela