Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 121 k. 278-k. 279 isig. 2
  • “Yibani Nesibindi! Mina Ngilinqobile Izwe”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yibani Nesibindi! Mina Ngilinqobile Izwe”
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiyalo Sokuvalelisa Esiqhubekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ulungiselela Abafundi Ukuhamba Kwakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu–Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isiyalo Sokuvalelisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 121 k. 278-k. 279 isig. 2
Abaphostoli babonakala bekhathazekile njengoba uJesu ebaxwayisa

ISAHLUKO 121

“Yibani Nesibindi! Mina Ngilinqobile Izwe”

JOHANE 16:1-33

  • MADUZE ABAPHOSTOLI NGEKE BESAMBONA UJESU

  • USIZI LWABAPHOSTOLI LUZOPHENDUKA INJABULO

UJesu nabaphostoli bakhe balungele ukuphuma ekamelweni eliphezulu, lapho kade bedlela khona isidlo sePhasika. Njengoba uJesu echithe isikhathi eside ebayala, uyaqhubeka athi: “Ngikhulume lezi zinto kini ukuze ningakhubeki.” Kungani besidinga leso sixwayiso? Uyabatshela: “Abantu bayonixosha esinagogeni. Eqinisweni, ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi unikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu.”—Johane 16:1, 2.

Cishe kuyabakhathaza abaphostoli ukuzwa lezo zindaba. Nakuba uJesu ebatshelile ukuthi izwe liyobazonda, ubengakabatsheli ngokuqondile ukuthi bayobulawa. Kungani engabatshelanga? Uthi: “Anginitshelanga lezi zinto ekuqaleni, ngoba benginani.” (Johane 16:4) Manje uyabaxwayisa ngaphambi kokuba ahambe. Lokhu kungabasiza bangakhubeki esikhathini esilandelayo.

UJesu uyaqhubeka: “Ngiya kuLowo ongithumile; nokho akekho noyedwa kini ongibuzayo athi, ‘Uyaphi?’” Ngabo lobo busuku babebuzile ukuthi uyaphi. (Johane 13:36; 14:5; 16:5) Bekhathazwe yilokho uJesu akushilo mayelana noshushiso, bangenwa amanzi emadolweni. Ngenxa yalokho bayahluleka ukumbuza okwengeziwe mayelana nenkazimulo emlindele noma ukuthi lokho kuyosho ukuthini ngabakhulekeli beqiniso. UJesu uthi: “Ngoba nginitshele lezi zinto, izinhliziyo zenu zigcwele usizi.”—Johane 16:6.

UJesu ube esechaza: “Ukuhamba kwami kuzozuzisa nina. Ngoba uma ngingahambi, umsizi ngeke eze kini; kodwa uma ngihamba, ngiyomthumela kini.” (Johane 16:7) Abafundi bakhe bangathola umoya ongcwele njengomsizi, awuthumela kubantu bonke emhlabeni kuphela uma efa futhi ebuyela ezulwini.

Umoya ongcwele “uyonikeza izwe ubufakazi obukholisayo ngokuphathelene nesono nangokuphathelene nokulunga nangokuphathelene nokwahlulela.” (Johane 16:8) Yebo, ukuhluleka kwezwe ukubonisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu kuzobonakala. Ukunyukela kukaJesu ezulwini kuyonikeza ubufakazi bokulunga kwakhe nokuthi kungani uSathane, “umbusi waleli zwe,” simfanele isahlulelo esinzima.—Johane 16:11.

UJesu uyaqhubeka athi: “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje.” Lapho ethulula umoya ongcwele, uyobaqondisa ukuba baqonde “lonke iqiniso,” futhi uyobasiza ukuba baphile ngalelo qiniso.—Johane 16:12, 13.

Kuyabadida abaphostoli lokho uJesu aqhubeka ekusho: “Kuzoba yisikhashana ningabe nisangibona, kuphinde kube yisikhashana ningibone.” Bayabuzana ukuthi usho ukuthini. UJesu uyabona ukuthi bafuna ukumbuza okuthile mayelana nalokhu, ngakho uyachaza: “Ngiqinisile impela ngithi kini, nizokhala nilile, kodwa izwe lizojabula; nizoba lusizi, kodwa usizi lwenu luzophendulwa injabulo.” (Johane 16:16, 20) Lapho uJesu ebulawa ngakusasa ntambama, abaholi benkolo bayajabula kodwa abafundi baba lusizi. Usizi lwabo luphenduka injabulo lapho uJesu evuswa! Futhi bayaqhubeka bejabula lapho ethululela kubo umoya ongcwele kaNkulunkulu.

Eqhathanisa isimo sabaphostoli nesowesifazane ozwa izinhlungu zokubeletha, uJesu uthi: “Lapho owesifazane ebeletha, uba nezinhlungu ngoba ihora lakhe lisuke selifikile, kodwa lapho esembelethile umntwana, akabe esabukhumbula ubuhlungu ngenxa yenjabulo yokuthi kuzelwe umuntu ezweni.” UJesu ukhuthaza abaphostoli bakhe, uthi: “Ngakho, nani manje nilusizi; kodwa ngizophinde nginibone futhi izinhliziyo zenu zizojabula, akekho oyoniphuca injabulo yenu.”—Johane 16:21, 22.

Kuze kube manje, asikho isicelo abaphostoli abasenze egameni likaJesu. Manje uthi: “Ngalolo suku niyocela kuBaba egameni lami.” Kungani kumelwe benze kanjalo? Abakwenzi ngoba uBaba ephuza ukuphendula. Empeleni uJesu uthi: “UBaba ngokwakhe uyanithanda, ngoba niye nangithanda . . . njengommeleli kaNkulunkulu.”—Johane 16:26, 27.

Amazwi kaJesu abaqinisa idolo abaphostoli, ngenxa yalokho bathi: “Ngalokhu siyakholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.” Maduze ukuqiniseka kwabo kuzovivinywa. Empeleni uJesu uyakuchaza lokho okusazokwenzeka: “Bhekani! Ihora liyeza, impela selifikile, lapho nizohlakazwa khona, ngamunye aye endlini yakhe, ningishiye ngedwa.” Kodwa uyabaqinisekisa: “Ngisho lezi zinto kini ukuze nibe nokuthula ngenxa yami. Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:30-33) Cha, uJesu akabalahli. Ubaqinisekisa ngokuthi nabo bangalinqoba izwe njengaye, ngokwenza intando kaNkulunkulu ngokwethembeka naphezu kwemizamo kaSathane neyezwe lakhe yokubayekisa ukuba qotho.

  • Yisiphi isixwayiso uJesu asinikezayo esikhathaza abaphostoli?

  • Kungani abaphostoli behluleka ukubuza uJesu eminye imibuzo?

  • UJesu uyifanekisa kanjani indlela usizi lwabaphostoli oluyophenduka ngayo injabulo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela