Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bhs isahl. 3 kk. 29-39
  • Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?
  • Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Funda Kuleli Bhayibheli: Okufundiswa IBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISITHA SIKANKULUNKULU
  • UBANI OBUSA UMHLABA?
  • LIZOBHUJISWA KANJANI IZWE LIKASATHANE?
  • IZWE ELISHA SELISEDUZE!
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Abanye Bakhulu Kunathi
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
Bheka Okunye
Lingasifundisani IBhayibheli?
bhs isahl. 3 kk. 29-39

ISAHLUKO 3

Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?

1. Wayehloseni uNkulunkulu lapho edala abantu?

UNKULUNKULU ubafunela okuhle abantu. Wadala indoda nowesifazane bokuqala, u-Adamu no-Eva, wababeka engadini enhle ayefuna bahlale kuyo. Wayefuna babe nabantwana, benze wonke umhlaba ube ipharadesi, banakekele nezilwane.—Genesise 1:28; 2:8, 9, 15; bheka uMbhalo Osekugcineni 6.

2. (a) Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uzokwenza lokho ayekuhlosile? (b) Abanjani abantu uNkulunkulu afuna baphile emhlabeni futhi ufuna baphile isikhathi esingakanani?

2 Ucabanga ukuthi siyoke siphile epharadesi? UJehova uthi: “Ngikukhulumile nokukukhuluma; ngizokuletha futhi.” (Isaya 46:9-11; 55:11) UJehova uzokwenza lokho ayekuhlosile futhi akukho lutho oluzomvimba. UJehova uthi wayenesizathu sokudala umhlaba. ‘Akazange awudalele ize.’ (Isaya 45:18) Ufuna ukuba abantu bahlale kuwo wonke umhlaba. Abanjani abantu uNkulunkulu afuna baphile emhlabeni, futhi ufuna baphile isikhathi esingakanani? IBhayibheli lithi: “Abalungile [abalalelayo] bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.

3. Njengoba abantu begula futhi befa, imuphi umbuzo ongase uzibuze wona?

3 Kodwa, namuhla abantu bayagula futhi bayafa. Ezindaweni eziningi, bayalwa futhi babulalane. UNkulunkulu wayengahlosile ukuba kube nje. Pho, kungani kunje, konakalaphi? YiBhayibheli kuphela elingasichazela.

ISITHA SIKANKULUNKULU

4, 5. (a) Ubani owakhuluma no-Eva esebenzisa inyoka ensimini yase-Edene? (b) Umuntu othembekile angashintsha kanjani abe isela?

4 IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu unesitha esibizwa “ngokuthi uDeveli noSathane.” USathane wakhuluma no-Eva ensimini yase-Edene esebenzisa inyoka. (IsAmbulo 12:9; Genesise 3:1) Wenza kwaba sengathi yinyoka ekhulumayo.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 7.

5 Ingabe uSathane uDeveli wadalwa uNkulunkulu? Cha! Ingelosi eyayisezulwini ngesikhathi uNkulunkulu elungisa umhlaba ukuze u-Adamu no-Eva bahlale kuwo, yashintsha yaba uDeveli. (Jobe 38:4, 7) Kwenzeka kanjani lokho? Kanti umuntu othembekile ushintsha kanjani abe isela? Usuke engazalwanga eyisela. Kodwa usuke efisa, noma efuna into okungeyona eyakhe. Ulokhu ecabanga ngayo bese siyakhula isifiso sakhe esingalungile. Kuthi lapho elithola ithuba, ayintshontshe leyo nto. Usuke esezenze isela.—Funda uJakobe 1:13-15; bheka uMbhalo Osekugcineni 8.

6. Kwenzeka kanjani ukuba ingelosi ibe isitha sikaNkulunkulu?

6 Yilokho okwenzeka kuleyo ngelosi. Ngemva kokuba uJehova edale u-Adamu no-Eva, wabatshela ukuba babe nabantwana futhi ‘bagcwalise umhlaba.’ (Genesise 1:27, 28) Kungenzeka leyo ngelosi yacabanga, ‘Bonke labo bantu bangakhonza mina esikhundleni sikaJehova!’ Njengoba iqhubeka icabanga, sakhula isifiso sayo sokuthola into engekaJehova. Leyo ngelosi yayifuna ukuba abantu bakhonze yona. Ngakho yaqamba amanga ku-Eva, yamkhohlisa. (Funda uGenesise 3:1-5.) Ngokwenza kanjalo, yaba uSathane uDeveli, isitha sikaNkulunkulu.

7. (a) Kungani u-Adamu no-Eva bafa? (b) Kungani siguga futhi sifa?

7 U-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu, badla isithelo. (Genesise 2:17; 3:6) Bona kuJehova, ngokuhamba kwesikhathi bafa, njengoba nje uJehova ayethe bazokufa. (Genesise 3:17-19) Izingane zika-Adamu no-Eva nazo zaba ziyizoni, ngakho zafa. (Funda eyabaseRoma 5:12.) Ukuze siqonde ukuthi kwenzeka kanjani ukuba izingane zika-Adamu no-Eva zibe yizoni, cabanga ngalesi sibonelo. Zicabange ubhaka isinkwa ngepani elinesifaca. Isinkwa sizophuma sinesifaca esisepanini. Lapho u-Adamu engamlaleli uNkulunkulu, waba isoni. Ngenxa yokuthi siyizingane zika-Adamu, sonke siyizoni, njengokungathi sinesifaca. Ngenxa yokuthi sonke siyizoni, siyaguga futhi sife.—Roma 3:23; bheka uMbhalo Osekugcineni 9.

8, 9. (a) Yini uSathane ayefuna u-Adamu no-Eva bayikholelwe? (b) Kungani uJehova engazibulalanga lezi zihlubuki ngaso leso sikhathi?

8 USathane wafaka umoya wokuvukela uJehova ngesikhathi enza u-Adamu no-Eva ukuba bangamlaleli uNkulunkulu. Wayefuna ukuba u-Adamu no-Eva bakholelwe ukuthi uJehova unamanga, ungumbusi onenhliziyo embi, ongabafiseli okuhle. USathane wayethi abantu abamdingi uNkulunkulu ukuba abatshele ukuthi benzeni. Wayethi u-Adamu no-Eva kufanele bazinqumele bona ukuthi yini elungile nengalungile. Wayezokwenzenjani-ke uJehova? Wayengavele ababulale, awuqede lo moya wokuvukela. Kodwa ukube wabulala babuzotholakala yini ubufakazi bokuthi uSathane unamanga? Cha, babungeke.

9 Yingakho uJehova engazibulalanga ngaso leso sikhathi lezi zihlubuki. Kunalokho, wanika abantu isikhathi sokuba bazibuse. Lokhu kwakuyokwenza kucace ukuthi uSathane unamanga nokuthi uJehova uyakwazi okulungele abantu. Sizofunda okwengeziwe ngalokho eSahlukweni 11. Wena ucabangani ngesinqumo sika-Adamu no-Eva? Kwakufanele yini bamkholwe uSathane, bangamlaleli uNkulunkulu? Konke u-Adamu no-Eva ababenako babekunikwe uJehova. Babenendawo enhle ababehlala kuyo nomsebenzi ababewujabulela futhi babengeke bafe. Kodwa akukho okuhle uSathane ayebenzele kona. Ukube wena wawulapho, wawuyokwenzenjani?

10. Isiphi isinqumo esibalulekile ngamunye wethu okumelwe asenze?

10 Namuhla, ngamunye wethu kumelwe akhethe, futhi ukuphila kwethu kuncike kulokho esizokukhetha. Singakhetha ukulalela uJehova abe uMbusi wethu, sisize ekufakazeleni ukuthi uSathane unamanga. Noma, singakhetha ukubuswa uSathane. (IHubo 73:28; funda izAga 27:11.) Bambalwa kakhulu abantu abalalela uNkulunkulu emhlabeni. Empeleni, akuyena uNkulunkulu obusa lo mhlaba. Uma kungeyena, pho ubani?

UBANI OBUSA UMHLABA?

USathane uthembisa ukunika uJesu bonke ohulumeni, noma imibuso, yomhlaba

Ukube imibuso yezwe kwakungeyona ekaSathane, wayengathembisa yini ukuyinika uJesu?

11, 12. (a) Yini esiyifunda kulokho uSathane akuthembisa uJesu? (b) Imiphi imiBhalo ebonisa ukuthi nguSathane obusa umhlaba?

11 UJesu wayazi kahle ukuthi ubani ngempela obusa umhlaba. Ngelinye ilanga, uSathane “wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” USathane wabe esethembisa uJesu: “Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi [ukhothama] wenze isenzo sokukhuleka kimi.” (Mathewu 4:8, 9; Luka 4:5, 6) Zibuze, ‘Ukube leyo mibuso kwakungeyona ekaSathane, wayengathembisa yini ukuyinika uJesu?’ Cha. Bonke ohulumeni bangabakaSathane.

12 Ungase uzibuze: ‘Kwenzeka kanjani ukuthi kube uSathane obusa umhlaba? Kanti umhlaba awudalwanga yini uJehova uMninimandla Onke?’ (IsAmbulo 4:11) Yebo, wadalwa nguye, kodwa uJesu washo kwacaca ukuthi uSathane ‘ungumbusi waleli zwe.’ (Johane 12:31; 14:30; 16:11) Umphostoli uPawulu wabiza uSathane uDeveli ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (2 Korinte 4:3, 4) Umphostoli uJohane naye wathi “lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19.

LIZOBHUJISWA KANJANI IZWE LIKASATHANE?

13. Kungani sidinga izwe elisha?

13 Leli zwe liya liba ingozi nakakhulu. Kukhona izimpi, inkohlakalo, ubuzenzisi nodlame yonke indawo. Abantu ngeke bakwazi ukuziqeda zonke lezi zinkinga, ngisho bangazama kangakanani. Kodwa maduze uNkulunkulu uzolibhubhisa leli zwe elibi ngempi yakhe i-Armagedoni, alethe umhlaba omusha onokulunga.—IsAmbulo 16:14-16; bheka uMbhalo Osekugcineni 10.

14. Ubani uNkulunkulu amkhethile ukuba abe iNkosi yoMbuso waKhe? Yini iBhayibheli elayibikezela ngoJesu?

14 UJehova wakhetha uJesu Kristu ukuba abe iNkosi yoMbuso waKhe, noma uhulumeni wasezulwini. Eminyakeni eminingi edlule, iBhayibheli labikezela ukuthi uJesu uzobusa ‘njengeSikhulu Sokuthula’ nokuthi uhulumeni wakhe uyobusa kuze kube nini nanini. (Isaya 9:6, 7) UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele lo hulumeni lapho ethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) ESahlukweni 8, sizofunda ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzongena kanjani esikhundleni sohulumeni baleli zwe. (Funda uDaniyeli 2:44.) Ngemva kwalokho, uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza lo mhlaba ube ipharadesi elihle.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 11.

IZWE ELISHA SELISEDUZE!

Abantu bayacula, badlala izinsimbi zomculo futhi bajabulela ukuphila emhlabeni omusha

15. Uyini ‘umhlaba omusha’?

15 IBhayibheli liyathembisa: ‘Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele futhi kukho kuyohlala ukulunga.’ (2 Petru 3:13; Isaya 65:17) Ngezinye izikhathi lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngomhlaba,’ lisuke likhuluma ngabantu abahlala emhlabeni. (Genesise 11:1) Ngakho, ‘umhlaba omusha’ onokulunga yibo bonke abantu abalalela uNkulunkulu nabathandwa nguye.

16. Isiphi isipho esimangalisayo uNkulunkulu azosinika labo abahlala emhlabeni wakhe olungisiwe, futhi yini okumelwe siyenze ukuze sisithole?

16 UJesu wathembisa ukuthi lapho uNkulunkulu esewulungisile umhlaba, abantu abazohlala kuwo bazothola “ukuphila okuphakade.” (Marku 10:30) Yini okumelwe siyenze ukuze sisithole lesi sipho? Sicela ufunde uJohane 3:16 no-17:3 ukuze uthole impendulo. Manje ake sibone ukuthi iBhayibheli lithi ukuphila kuzobe kunjani emhlabeni oyiPharadesi.

17, 18. Sazi kanjani ukuthi kuzoba nokuthula emhlabeni wonke nokuthi sizozizwa siphephile?

17 Ububi, izimpi, ubugebengu nodlame kuzobe kungasekho. Akekho umuntu omubi ozobe ekhona kulo mhlaba omuhle. (IHubo 37:10, 11) UNkulunkulu ‘uzoqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ (IHubo 46:9; Isaya 2:4) Umhlaba uzogcwala abantu abathanda uNkulunkulu nabamlalelayo. Kuzoba nokuthula kuze kube phakade.—IHubo 72:7.

18 Abantu bakaJehova bazozizwa bephephile. Ezikhathini zeBhayibheli, uma ama-Israyeli ayelalela uNkulunkulu, ayehlala ephephile ngoba wayewavikela. (Levitikusi 25:18, 19) EPharadesi, ngeke sesabe lutho futhi ngeke sesabe muntu. Sizohlale siphephile!—Funda u-Isaya 32:18; Mika 4:4.

19. Kuyobe kukuningi kangakanani ukudla emhlabeni?

19 Kuzoba nokudla okuningi. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) UJehova, “uNkulunkulu wethu, uyosibusisa,” futhi “umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo,” noma isivuno sawo.—IHubo 67:6.

20. Sazi kanjani ukuthi umhlaba uzoba ipharadesi?

20 Wonke umhlaba uzoba ipharadesi. Abantu bazoba nemizi emihle nezingadi ezinhle. (Funda u-Isaya 65:21-24; IsAmbulo 11:18.) Umhlaba wonke uzoba muhle njengensimu yase-Edene. UJehova uzohlale esinika konke esikudingayo. IBhayibheli lithi ngaye: “Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.”—IHubo 145:16.

21. Sazi kanjani ukuthi kuzoba nokuthula phakathi kwabantu nezilwane?

21 Kuzoba nokuthula phakathi kwabantu nezilwane. Izilwane ngeke zisabalimaza abantu. Abantwana bazozizwa bephephile ngisho nalapho behlezi nezilwane eziyingozi namuhla.—Funda u-Isaya 11:6-9; 65:25.

22. Yini uJesu azoyenzela abagulayo?

22 Akekho ozobe egula. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, welapha abantu abaningi. (Mathewu 9:35; Marku 1:40-42; Johane 5:5-9) Kodwa njengoba eseyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uzokwelapha bonke abagulayo. Akekho ozophinde athi: “Ngiyagula.”—Isaya 33:24; 35:5, 6.

23. Yini uNkulunkulu azoyenzela abafileyo?

23 Abafileyo bazophinde baphile. UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzovusa abantu abaningi abafa. “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.”—Funda uJohane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

24. Uzizwa kanjani ngokuphila ePharadesi?

24 Sonke kudingeka sikhethe. Singakhetha ukufunda ngoJehova futhi simkhonze, noma singavele sizenzele esikuthandayo. Uma sikhetha ukukhonza uJehova, sizoba nekusasa elihle kakhulu. Lapho umuntu othile owayesezofa ecela uJesu ukuba angamkhohlwa, uJesu wamthembisa: “Uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Masifunde ngoJesu Kristu nangendlela azofeza ngayo izithembiso ezinhle zikaNkulunkulu.

ESIKUFUNDILE

IQINISO 11: UNKULUNKULU WAYENENHLOSO LAPHO ESIDALA

“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29

Uhloseni uNkulunkulu ngabantu?

  • Genesise 1:28

    UNkulunkulu wayefuna ukuba imindeni yenze umhlaba ube ipharadesi futhi inakekele izilwane.

  • Isaya 46:9-11; 55:11

    UNkulunkulu uzokwenza lokho akuhlosile futhi akukho lutho oluzomvimba.

IQINISO 2: OKWENZA UKUPHILA KUBE NZIMA

“Lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19

Ubani obusa izwe?

  • Johane 12:31

    UJesu wabiza uSathane ngokuthi umbusi waleli zwe.

  • Jakobe 1:13-15

    USathane wayefuna into okungeyona eyakhe.

  • Genesise 2:17; 3:1-6

    USathane wakhohlisa u-Eva, U-Adamu no-Eva abamlalela uNkulunkulu, futhi bafa.

  • Roma 3:23; 5:12

    Sifa ngoba sathola isono ku-Adamu.

  • 2 Korinte 4:3, 4

    USathane ukhohlisa abantu.

IQINISO 3: UMBUSO KANKULUNKULU UZOYILUNGISA LE NKINGA

“Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.”—Mathewu 6:10

Yini uJehova azoyenza?

  • Daniyeli 2:44

    Uhulumeni kaNkulunkulu uzosusa bonke ohulumeni bomhlaba bese kubusa wona.

  • IsAmbulo 16:14-16

    UNkulunkulu uzobhubhisa lo mhlaba omubi nge-Armagedoni.

  • Isaya 9:6, 7

    UJehova ukhethe uJesu ukuba abe iNkosi kahulumeni waKhe wasezulwini. UJesu uyobusa umhlaba.

IQINISO 4: UMBUSO KANKULUNKULU UZOKWENZA UMHLABA UBE IPHARADESI

“Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.”—IHubo 145:16

Yini uMbuso kaNkulunkulu ozosenzela yona?

  • IHubo 46:9

    Izimpi, ubugebengu nodlame kuzophela.

  • Isaya 32:18; 65:21-24

    Emhlabeni omusha, bonke abantu bazoba nezindlu nezingadi ezinhle futhi bazophila ngokuthula.

  • IHubo 72:16

    Kuzoba nokudla okuningi.

  • Isaya 11:6-9

    Kuzoba nokuthula phakathi kwabantu nezilwane.

  • Isaya 33:24; IzEnzo 24:15

    Akekho ozobe egula, nabafile bazophinde baphile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela