Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ypq umbuzo 10 kk. 30-31
  • IBhayibheli Lingangisiza Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli Lingangisiza Kanjani?
  • Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuhle Nokubi: Sonke Kufanele Sikhethe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Ucabangani NgeBhayibheli?
    Ucabangani NgeBhayibheli?
  • Lapho Kudingeka Okungaphezu Nje Kwamabalazwe—I-Global Positioning System Emangalisayo
    I-Phaphama!—1999
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
Bheka Okunye
Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
ypq umbuzo 10 kk. 30-31
Insizwa ihlezi ngaphandle ifunda iBhayibheli

UMBUZO 10

IBhayibheli Lingangisiza Kanjani?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

IBhayibheli lithi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Uma kuyiqiniso lokhu, kusho ukuthi iBhayibheli lingakunika isiqondiso osidingayo.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalokhu: UMthunzi ushayela endaweni angayazi. Izimpawu zomgwaqo nezinto azibona endleleni zibonisa ukuthi akekho lapho okufanele ngabe ukhona manje. Uyabona ukuthi ulahlekile. Kumelwe ukuba ujike endaweni obekungafanele ajike kuyo.

Ukube ubunguMthunzi, ubuzokwenzenjani?

YIMA UCABANGE!

Kuningana ongakhetha ukukwenza:

  1. Ungabuza indlela.

  2. Ungabheka ibalazwe noma usebenzise i-GPS.

  3. Ungaqhubeka uhamba ngemoto, unethemba lokuthi ngandlela-thile uzoyithola indlela.

Kusobala ukuthi lokhu kwesithathu ngeke kuphumelele.

Okwesibili kungcono kunokokuqala. Phela lizobe likhona ibalazwe noma i-GPS njengoba usendleleni, likusiza ukuba uhambe ngendlela okuyiyona yona.

IBhayibheli lingakusiza ngendlela efanayo!

Le ncwadi edayiswa ngaphezu kwezinye

  • ingakubonisa indlela yokubhekana nezinkinga zokuphila

  • ingakusiza ukuba uzazi wena futhi ube umuntu ongcono

  • ingakubonisa indlela yokuthola ukuphila okungcono

UKUPHENDULA IMIBUZO EBALULEKILE EKUPHILENI

Kusukela siqala ukukhuluma, sibuza imibuzo.

  • Kungani isibhakabhaka siluhlaza?

  • Zenziwe ngani izinkanyezi?

Ngokuhamba kwesikhathi sibuza imibuzo ephathelene nesikubona emhlabeni.

  • Kungani kwenzeka izinto ezimbi?

  • Kungani abantu befa?

Ungathini uma ungathola ukuthi izimpendulo zale mibuzo bezilokhu zikhona eBhayibhelini?

Abantu abaningi bathi iBhayibheli ligcwele izinganekwane, bathi liyisidala noma kunzima ukuliqonda. Kodwa ingabe yiBhayibheli ngempela eliyinkinga, noma yilokho abantu abakuzwile ngalo? Kungenzeka yini ukuthi batshelwe amanga ngalo?

Ngokwesibonelo, abantu bacabanga ukuthi iBhayibheli lithi uNkulunkulu uyena olawula umhlaba. Kodwa kungenzeka kanjani lokho? Lo mhlaba awusalawuleki! Ugcwele ubuhlungu nokuhlupheka, ukugula nokufa, indlala nezinhlekelele. Kungenzeka kanjani kube uNkulunkulu onothando owenza zonke lezi zinto?

Ungathanda yini ukwazi impendulo? Lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi ubani olawula umhlaba kungase kukumangaze!

Cishe uyabona ukuthi iseluleko esikule ncwajana sisekelwe eBhayibhelini. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi iBhayibheli linikeza isiqondiso esingasethemba. Lokho kubangelwa ukuthi “liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo yokufundisa, yokusola neyokuqondisa izinto.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Kuzokusiza ukuhlola le ncwadi yasendulo kodwa esebenzayo esikhathini samanje!

THOLA OKWENGEZIWE!

Kungani Kumelwe Ufunde IBhayibheli?

Bukela i-video enesihloko esithi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? engosini ethi www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela