Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 6 k. 20-k. 21 isig. 5
  • Kwasinda Abantu Abangu-8

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwasinda Abantu Abangu-8
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhumbi KaNowa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UZamcolo Omkhulu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UNowa Wakha UMkhumbi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wagcinwa “Ephephile Nabanye Abayisikhombisa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 6 k. 20-k. 21 isig. 5
Umkhumbi untanta emanzini njengoba lina

ISIFUNDO 6

Kwasinda Abantu Abangu-8

UNowa, umndeni wakhe kanye nezilwane baphuma emkhunjini

UNowa, umndeni wakhe nezilwane bangena emkhunjini. UJehova wavala umnyango, izulu laqala ukuna. Lana kangangokuba umkhumbi waqala ukuntanta. Ekugcineni, umhlaba wonke wembozwa amanzi. Bonke abantu ababi ababengangenanga emkhunjini bafa. Kodwa uNowa nomndeni wakhe babevikelekile ngaphakathi emkhunjini. Cabanga nje indlela ababejabule ngayo ngokuthi bamlalela uJehova!

Imvula yana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40 yabe isinqamuka. Kancane kancane amanzi ancipha. Ekugcineni, umkhumbi wahlala phezu kwezintaba. Kodwa amanzi ayesagcwele yonke indawo, ngakho uNowa nomndeni wakhe babengeke bakwazi ukuphuma emkhunjini ngaleso sikhathi.

Umhlaba wagcina womile. UNowa nomndeni wakhe bahlala isikhathi esingaphezu konyaka emkhunjini. UJehova wabe esethi bangaphuma emkhunjini baye emhlabeni owawungasenabo ububi. Babejabule kakhulu ngenxa yokuthi uJehova wayebasindisile futhi bakubonisa lokho ngokwenza umnikelo kuJehova.

Uthingo

UJehova wawujabulela lowo mnikelo. Wathembisa ukuthi ngeke aphinde abhubhise umhlaba ngozamcolo. Wabangela ukuba kuvele uthingo lokuqala esibhakabhakeni olwaluzoba uphawu lwaleso sithembiso. Wake walubona uthingo esibhakabhakeni?

UJehova wabe esetshela uNowa nomndeni wakhe ukuba babe nezingane futhi bagcwalise umhlaba.

“UNowa wangena emkhunjini, futhi [abantu] abanakanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.”—Mathewu 24:38, 39

Imibuzo: Kwenzekani ngemva kokuba uJehova evale umnyango womkhumbi? Uthingo kumelwe lusikhumbuze ini?

UGenesise 7:1–9:17

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela