Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 10 k. 30
  • Khumbula UmkaLoti

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khumbula UmkaLoti
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UmkaLoti Wabheka Emuva
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Lungiselela Ukukhululelwa Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Siza Abanye Babhekane Nokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 10 k. 30
UmkaLoti uphenduka insika kasawoti njengoba uLoti namadodakazi akhe bebaleka eSodoma

ISIFUNDO 10

Khumbula UmkaLoti

ULoti wayehlala nomalume wakhe u-Abrahama, eKhanani. Ngokuhamba kwesikhathi, u-Abrahama noLoti baba nemfuyo eningi kangangokuthi indawo yabo yokuhlala yayisincane. U-Abrahama wathi kuLoti: ‘Kuyacaca ukuthi ngeke sisakwazi ukuhlala ndawonye. Ngicela ukhethe indawo othanda ukuhlala kuyo, mina ngizokhetha enye.’ Uyabona ukuthi u-Abrahama wayenomusa?

ULoti wabona indawo enhle eduze kwedolobha laseSodoma. Yayinamanzi anele kanye notshani obuluhlaza. Ngakho wakhetha leyo ndawo, wabe esethuthela umndeni wakhe kuyo.

Abantu ababehlala eSodoma nasedolobheni eliseduze iGomora babenza izinto ezimbi kakhulu. Eqinisweni, babebabi kangangokuthi uJehova wanquma ukuwabhubhisa lawo madolobha. Kodwa uNkulunkulu wayefuna ukuvikela uLoti nomndeni wakhe, ngakho wathumela izingelosi ezimbili ukuba zibaxwayise: ‘Sheshani! Phumani kuleli dolobha! UJehova uzolibhubhisa.’

ULoti akaphumanga ngokushesha. Wayelokhu ebamba eyeka. Ngakho izingelosi zambamba, zabamba umkakhe namadodakazi akhe amabili zabakhiphela ngaphandle kwedolobha zathi: ‘Balekani! Ningabheki emuva, ngoba uma nibheka emuva nizofa!’

Kuna umlilo nesibabule eSodoma naseGomora

Lapho befika edolobheni elibizwa ngokuthi iZowari, uJehova wenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma naseGomora. Lawo madolobha amabili abhujiswa ngokuphelele. Lapho umkaLoti engamlaleli uJehova ephenduka ebheka emuva, waba insika kasawoti! Kodwa uLoti namadodakazi akhe basinda ngoba balalela uJehova. Kumelwe ukuba bezwa ubuhlungu ngokuthi umama wabo akalalelanga. Kodwa bajabula ngokuthi balalela uJehova.

“Khumbulani umkaLoti.”—Luka 17:32

Imibuzo: Kungani uJehova abhubhisa iSodoma neGomora? Kungani umkaLoti aphenduka insika kasawoti?

Genesise 13:1-13; 19:1-26; Luka 17:28, 29, 32; 2 Petru 2:6-9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela