Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 18 k. 48-k. 49 isig. 4
  • Isihlahla Esivuthayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihlahla Esivuthayo
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isihlahla Esivuthayo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2004
  • Okwenza UMose Wabaleka
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 18 k. 48-k. 49 isig. 4
UMose useduze nesihlahla esivuthayo

ISIFUNDO 18

Isihlahla Esivuthayo

UMose wahlala kwaMidiyani iminyaka engu-40. Washada futhi waba nezingane. Ngolunye usuku lapho elusa izimvu zakhe eduze kweNtaba iSinayi, wabona into eyisimanga. Isihlahla sameva sasivutha umlilo kodwa singashi! Lapho uMose esondela ukuze abone ukuthi kungani singashi, wezwa izwi livela phakathi esihlahleni lithi: ‘Mose! Ungasondeli. Khumula izimbadada zakho ngoba le ndawo omi kuyo ingcwele.’ KwakunguJehova owayekhuluma esebenzisa ingelosi.

UMose wayethukile, ngakho wafihla ubuso bakhe. UJehova wathi: ‘Ngikubonile ukuhlupheka kwama-Israyeli. Ngizowasindisa kwabaseGibhithe futhi ngizowayisa ezweni elihle. Nguwe ozohola abantu bami ubakhiphe eGibhithe.’ Awucabange nje ukuthi kwammangaza kanjani lokho uMose!

UMose wabuza: ‘Ngizothini lapho abantu bengibuza ukuthi ubani ongithumile?’ UNkulunkulu waphendula: ‘Uzobatshela ukuthi uJehova, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe ukuthumile.’ UMose wabe esethi: ‘Ngizokwenzekanjani uma abantu bengangilaleli?’ UJehova wanika uMose ubufakazi bokuthi uzomsiza. Watshela uMose ukuba aphonse induku yakhe phansi. Induku yavele yaphenduka inyoka! Lapho uMose ebamba le nyoka ngomsila, yaphenduka yaba induku. UJehova wathi: ‘Lapho wenza lokhu abantu bayobona ukuthi yimi okuthumile.’

UMose wathi: ‘Angikwazi ukukhuluma kahle.’ UJehova wamthembisa: ‘Ngizokutshela ukuthi uzothini futhi ngizothumela umfowenu u-Aroni ukuba akusize.’ Azi ukuthi uJehova uzomsiza, uMose wathatha umkakhe namadodana akhe waphindela eGibhithe.

“Ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini, ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora.”—Mathewu 10:19

Imibuzo: Yini eyabonwa uMose lapho elusa izimvu zakhe? UJehova wayefuna ukuba uMose enzeni?

Eksodusi 3:1–4:20; IzEnzo 7:30-36

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela