Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 42 k. 102-k. 103 isig. 3
  • UJonathani Unesibindi Futhi Uqotho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJonathani Unesibindi Futhi Uqotho
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJonathani—‘Wasebenza Kanye NoNkulunkulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Bamunye Ngaphansi Kwebhanela Lothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Zibonakalise Uqotho KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Qhubeka Uhlakulela Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 42 k. 102-k. 103 isig. 3
UJonathani nesikhonzi esiphatha izikhali zakhe

ISIFUNDO 42

UJonathani Unesibindi Futhi Uqotho

Indodana kaSawule endala, uJonathani, yayiyisosha elinesibindi. UDavide wathi uJonathani wayeshesha njengokhozi futhi enamandla njengebhubesi. Ngolunye usuku, uJonathani wabona amasosha amaFilisti angu-20 egqumeni. Wathi esikhonzini esiphatha izikhali zakhe: ‘Sizobahlasela kuphela uma uJehova esinika isibonakaliso. Uma amaFilisti esitshela ukuthi sinyuke, siyobe sesazi ukuthi singawahlasela.’ AmaFilisti amemeza: ‘Nyukani silwe!’ Ngakho la madoda amabili anyuka igquma futhi alwa namaFilisti awanqoba.

UJonathani unika uDavide ezinye izinto zakhe

Ngenxa yokuthi wayeyindodana kaSawule endala, uJonathani wayezoba inkosi elandelayo. Nokho, uJonathani wayazi ukuthi uJehova ukhethe uDavide ukuba abe inkosi elandelayo; noma kunjalo wayengenawo umona. UJonathani noDavide baba abangane abakhulu. Bathembisana ukuvikelana nokusekelana. UJonathani wanika uDavide ijazi, inkemba, umcibisholo nebhande lakhe njengesibonakaliso sobungane.

Ngesikhathi uDavide ebalekela uSawule, uJonathani waya kuye futhi wathi: ‘Yima uqine, ube nesibindi. UJehova ukukhethile ukuba ube yinkosi. Ngisho nobaba uyakwazi lokho.’ Ungathanda ukuba nomngane omuhle onjengoJonathani?

UJonathani wabeka ukuphila kwakhe engozini kaningi ukuze asize umngane wakhe. Wayazi ukuthi iNkosi uSawule ifuna ukubulala uDavide, ngakho wathi kuyise: ‘Uzobe wenza isono uma ubulala uDavide, akenzanga lutho olubi.’ USawule wamthukuthelela uJonathani. Ngemva kweminyaka ethile, uSawule noJonathani bafa empini ndawonye.

Ngemva kokufa kukaJonathani, uDavide wacinga indodana kaJonathani uMefibhosheti. Lapho uDavide emthola, watshela uMefibhosheti ukuthi: ‘Ngenxa yokuthi ubaba wakho wayengumngane omuhle kimi, ngizokunakekela ukuphila kwakho konke. Uzohlala esigodlweni sami udle etafuleni lami.’ UDavide akazange amkhohlwe umngane wakhe uJonathani.

“Nithandane njengoba nje nami nginithandile. Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe.”—Johane 15:12, 13

Imibuzo: UJonathani wabonisa kanjani ukuthi unesibindi? UJonathani wabonisa kanjani ukuthi uqotho?

1 Samuweli 14:1-23; 18:1-4; 19:1-6; 20:32-42; 23:16-18; 31:1-7; 2 Samuweli 1:23; 9:1-13

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela