Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 43 k. 104
  • Isono SeNkosi UDavide

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isono SeNkosi UDavide
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuzi KaDavide Enkathazweni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Okubangela Abantu Benze Izinto Ezimbi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 43 k. 104
Umprofethi uNathani uyala iNkosi uDavide

ISIFUNDO 43

Isono SeNkosi UDavide

Lapho uSawule efa, uDavide waba yinkosi. Wayeneminyaka engu-30 ubudala. Ngemva kweminyaka eminingana eyinkosi, ngobunye ubusuku esophahleni lwesigodlo sakhe wabona owesifazane omuhle. UDavide wathola ukuthi igama lakhe uBhati-sheba nokuthi wayeshade nesosha elingu-Uriya. UDavide waletha uBhati-sheba esigodlweni sakhe. Walala naye futhi wakhulelwa. UDavide wazama ukufihla ayekwenzile. Watshela induna yakhe ukuthi ibeke u-Uriya ngaphambili empini bese behlehla emva kwakhe. Ngemva kokuba u-Uriya esebulewe empini, uDavide washada noBhati-sheba.

INkosi uDavide ithandazela intethelelo

Nokho, uJehova wakubona konke okubi okwakwenzekile. Wayezokwenzenjani? UJehova wathumela umprofethi uNathani kuDavide. UNathani wathi: ‘Kwakunendoda ecebile eyayinezimvu eziningi, nendoda empofu eyayinemvu eyodwa eyayiyithanda kakhulu. Indoda ecebile yathatha imvu yendoda empofu.’ UDavide wathukuthela wathi: ‘Leso sicebi sifanelwe ukufa!’ UNathani wathi kuDavide: ‘Nguwe leso sicebi!’ Inhliziyo kaDavide yaba buhlungu, wavuma kuNathani wathi: ‘Ngonile kuJehova.’ Lesi sono salethela uDavide nomndeni wakhe izinkinga eziningi. UJehova wamjezisa uDavide, kodwa wamvumela ukuba aphile ngenxa yokuthi wayethembekile futhi ethobekile.

UDavide wayefuna ukwakhela uJehova ithempeli, kodwa uJehova wakhetha indodana kaDavide uSolomoni ukuba imakhele ithempeli. UDavide waqala ukulungisela uSolomoni izinto zokwakha ithempeli, wathi: ‘Ithempeli likaJehova kumelwe libe lihle. USolomoni usemncane, kodwa ngizomsiza ngokulungisa izinto.’ UDavide wanikela ngemali eningi emsebenzini wokwakha. Wathola nezisebenzi ezinamakhono. Waqoqa igolide nesiliva, wenza ukuba kulethwe imisedari evela eThire naseSidoni. Esezokufa, uDavide wanika uSolomoni amapulani okwakha ithempeli. Wathi: ‘UJehova wenze ukuba ngikubhalele lezi zinto. UJehova uzokusiza, ungesabi. Yiba nesibindi futhi usebenze.’

UDavide uchazela uSolomoni ngepulani lethempeli

“Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13

Imibuzo: Yisiphi isono uDavide asenza? Yini uDavide ayenza ukuze asize indodana yakhe uSolomoni?

2 Samuweli 5:3, 4, 10; 7:1-16; 8:1-14; 11:1–12:14; 1 Izikronike 22:1-19; 28:11-21; IHubo 51:1-19

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela