Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 61 k. 146-k. 147 isig. 3
  • Benqaba Ukukhothamela Isithombe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Benqaba Ukukhothamela Isithombe
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Babengasoze Bakhuleke
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ukholo Lwabo Lwasinda Ovivinyweni Olunzima
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Ubani UNkulunkulu Wakho?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ungasikhulekela Yini Isithombe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 61 k. 146-k. 147 isig. 3
UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego benqaba ukukhulekela isithombe segolide

ISIFUNDO 61

Benqaba Ukukhothamela Isithombe

Ngemva kwesikhathi esithile iNkosi uNebukhadinezari iphuphe ngesithombe, yenza isithombe esikhulu segolide. Yasibeka ethafeni laseDura yabe isibiza bonke abantu abavelele ukuba beze bazoma phambi kwaso, kuhlanganise noShadiraki, uMeshakhi no-Abedinego. Inkosi yathi: ‘Lapho nizwa umsindo wecilongo, amahabhu nezimfiliji, kumelwe nikhothamele isithombe! Noma ubani ongeke akhothame uzophoswa esithandweni somlilo.’ AmaHebheru amathathu ayezosikhothamela yini isithombe, noma ayezokhonza uJehova kuphela?

Inkosi yabe isithi akudlalwe umculo. Bonke abantu basikhothamela isithombe, kwasala uShadiraki, uMeshaki no-Abedinego. Amanye amadoda akubona lokhu atshela inkosi: ‘La maHebheru amathathu awafuni ukukhulekela isithombe.’ UNebukhadinezari wababiza wathi: ‘Ngizoninika elinye ithuba lokuthi nikhulekele lesi sithombe. Uma ningasikhulekeli, ngizoniphonsa emlilweni. Akukho nkulunkulu ozokwazi ukunisindisa.’ Baphendula: ‘Asilidingi elinye ithuba. UNkulunkulu wethu uzosisindisa. Kodwa ngisho noma engasisindisi Nkosi, ngeke sisikhulekele isithombe.’

UNebukhadinezari wathukuthela wagana unwabu. Wathi ezincekwini zakhe: ‘Basani umlilo ushise kakhulu!’ Wathi emasosheni akhe: ‘Bophani la madoda, niwaphonse emlilweni!’ Umlilo wawushisa kangangokuthi lapho amasosha esondela kuwo avele afa. AmaHebheru amathathu aphoswa emlilweni. Kodwa lapho uNebukhadinezari elunguza emlilweni, wabona amadoda amane ehamba phakathi emlilweni, hhayi amathathu. Wesaba kakhulu, wabuza izikhulu zakhe: ‘Asiphonsanga yini amadoda amathathu emlilweni? Ngibona amadoda amane laphaya futhi enye yawo ibukeka njengengelosi!’

UNebukhadinezari wasondela emlilweni futhi wamemeza: ‘Phumani emlilweni zikhonzi zikaNkulunkulu Ophezu konke!’ Wonke umuntu wamangala lapho ebona uShadiraki, uMeshaki no-Abedinego bephuma emlilweni bengenamyocu. Umlilo awubashisanga nhlobo, babenganuki ngisho nokunuka umlilo, isikhumba sabo, izinwele nezingubo zazingashanga.

UNebukhadinezari wathi: ‘Mkhulu uNkulunkulu kaShadiraki, uMeshaki no-Abedinego. Uthumele ingelosi yakhe yabasindisa. Akekho unkulunkulu ofana nowabo.’

Uzimisele yini nawe ukuthembeka kuJehova kumnyama kubomvu, njengamaHebheru amathathu?

INkosi uNebukhadinezari iyathuka lapho ibona uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego bephuma emlilweni benganamyocu

“NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, nguye yedwa okumelwe umkhonze.”—Mathewu 4:10

Imibuzo: UShadiraki, uMeshaki no-Abedinego benqaba ukwenzani? UJehova wabasindisa kanjani?

Daniyeli 3:1-30

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela