Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 66 k. 156-k. 157 isig. 1
  • U-Ezra Ufundisa UMthetho KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Ezra Ufundisa UMthetho KaNkulunkulu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-15—UEzra
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Ezra
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ingabe Ukufundisa Kwakho Kuyaphumelela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Qiniseka Ngokuthi UJehova Uzokusiza Ngezikhathi Ezinzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 66 k. 156-k. 157 isig. 1
U-Ezra udumisa uJehova esigcawini, abantu baphakamisa izandla bevumelana naye

ISIFUNDO 66

U-Ezra Ufundisa UMthetho KaNkulunkulu

Kwase kuphele iminyaka engaba ngu-70 kusukela ama-Israyeli amaningi abuyela eJerusalema, kodwa amanye ayesahlala ezindaweni ezihlukahlukene zoMbuso wasePheresiya. Omunye wawo kwakungumpristi okuthiwa ngu-Ezra, owafundisa uMthetho kaJehova. U-Ezra wathola ukuthi abantu babengawulandeli uMthetho eJerusalema, ngakho wayefuna ukuyobasiza. INkosi yasePheresiya u-Aritahishashita yathi kuye: ‘UNkulunkulu wakwenza wahlakanipha ukuze ufundise uMthetho wakhe. Thatha noma ubani ofuna ukuhamba nawe, nihambe.’ U-Ezra wahlangana nabo bonke labo ababefuna ukubuyela eJerusalema. Bathandaza kuJehova becela ukuba abavikele ohambweni lwabo olude, base beyahamba.

Bafika eJerusalema ngemva kwezinyaka ezine. Izikhulu zathi ku-Ezra: ‘Ama-Israyeli awamlalelanga uJehova futhi ashade nabesifazane abakhonza onkulunkulu bamanga.’ Yini u-Ezra ayenza? U-Ezra waguqa ngamadolo wathandaza phambi kwabo bonke abantu, wathi: ‘Jehova, kuningi osenzele kona, kodwa sonile kuwe.’ Abantu bazisola kodwa abayekanga ukwenza izinto ezingalungile. U-Ezra wakhetha abadala nabahluleli ababezolungisa lokhu. Ezinyangeni ezintathu ezalandela, labo ababengamkhonzi uJehova baxoshwa.

Kwaphela iminyaka engu-12. Phakathi naleso sikhathi kwakhiwa kabusha izindonga zaseJerusalema. Ngakho u-Ezra wahlanganisa abantu esigcawini ukuze abafundele uMthetho kaNkulunkulu. Lapho u-Ezra evula incwadi abantu basukuma. Wadumisa uJehova, abantu baphakamisa izandla kanye naye bevuma. U-Ezra wabe esefunda futhi echaza uMthetho, abantu balalelisisa. Bavuma ukuthi baphinde bona kuJehova futhi bakhala kakhulu. Ngosuku olulandelayo, u-Ezra waqhubeka wabafundela okwengeziwe eMthethweni. Bafunda ukuthi kufanele bagubhe uMkhosi Wamadokodo. Base beqala ukulungiselela umkhosi ngaso leso sikhathi.

Phakathi nezinsuku ezingu-7 zomkhosi, abantu bajabula, babonga uJehova ngesivuno esihle. UMkhosi Wamadokodo wawugcine ukugujwa ngezinsuku zikaJoshuwa. Ngemva komkhosi, abantu bahlangana futhi bathandaza: ‘Jehova, wasisindisa ebugqilini, wasondla ehlane, wasinika izwe elihle. Kodwa ngokuphindaphindiwe besilokhu siphula umthetho wakho. Wathumela abaprofethi ukuba basikhuze kodwa asilalelanga. Noma kunjalo waqhubeka usibekezelela. Wasifeza isithembiso owasenza ku-Abrahama. Manje siyathembisa ukuthi sizokulalela.’ Basibhala phansi isithembiso sabo futhi izikhulu, amaLevi nabapristi basibeka uphawu.

“Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:28

Imibuzo: Yini u-Ezra ayifundisa ama-Israyeli ayehlangene eJerusalema? Yini abantu abathembisa ukuyenza?

Ezra 7:1-28; 8:21-23, 31, 32; 9:1–10:19; Nehemiya 8:1-18; 9:1-38

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela