Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 67 k. 158-k. 159 isig. 1
  • Izindonga ZaseJerusalema

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindonga ZaseJerusalema
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindonga ZaseJerusalema
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaNehemiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-16—UNehemiya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • “Qhubeka Unqoba Okubi Ngokuhle”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 67 k. 158-k. 159 isig. 1
UNehemiya uqondisa ukwakhiwa kabusha kwezindonga zaseJerusalema nokubekwa konogada

ISIFUNDO 67

Izindonga ZaseJerusalema

Ake sithi ukuhlehlela emuva eminyakeni emibalwa edlule. UNehemiya, inceku yeNkosi u-Aritahishashita, wayengumIsrayeli owayehlala ePheresiya edolobheni laseShushani. Umfowabo kaNehemiya wafika nezindaba ezimbi evela kwaJuda wathi: ‘Abaphephile abantu ababuyela eJerusalema. Izindonga namasango okwabhidlizwa abaseBhabhiloni akukaze kwakhiwe kabusha.’ UNehemiya waphatheka kabi. Wayefuna ukuya eJerusalema ayosiza ngakho wathandaza ukuze inkosi imvumele ahambe.

Kamuva, inkosi yabona ukuthi uNehemiya uphatheke kabi. Yathi: ‘Angikaze ngikubone unje. Kwenzenjani?’ UNehemiya wathi: ‘Ngingahlala kanjani ngingadabuki uma iJerusalema idolobha lakithi lingamanxiwa?’ Inkosi yabuza: ‘Ungathanda ngikwenzeleni?’ Ngokushesha, uNehemiya wathandaza ngenhliziyo. Wabe esethi: ‘Ngicela ungivumele ngiye eJerusalema ngiyokwakha kabusha izindonga zalo.’ INkosi u-Aritahishashita yamvumela uNehemiya ukuba ahambe futhi yaqinisekisa ukuthi uphephile ohambweni lakhe olude. Yaphinde yabeka uNehemiya waba undunankulu wakwaJuda, yamnika nezingodo zokulungisa amasango edolobha.

Lapho uNehemiya efika eJerusalema, wahlolisisa izindonga zedolobha. Wabe esebiza abapristi nababusi, wathi kubo: ‘Akukuhle neze lokhu. Kumelwe siqale ukusebenza.’ Abantu bavuma, baqala ukwakha kabusha izindonga.

Kodwa ezinye zezitha zama-Israyeli zawenza inhlekisa, zathi: ‘Impungushe ingazilahla phansi lezi zindonga enizakhayo.’ Izisebenzi azikunakanga lokho kweyiswa, zaqhubeka nokusebenza. Izindonga zaphama futhi zaqina.

Izitha zeza nelinye icebo ukuze zihlasele iJerusalema kungalindelekile. Lapho amaJuda ezwa ngalelo cebo, esaba. Kodwa uNehemiya wathi: ‘Ningesabi. UJehova unathi.’ Wabeka abaqaphi abazogada izisebenzi futhi izitha azikwazanga ukuhlasela.

Ezinsukwini ezingu-52 nje kuphela, izindonga namasango kwase kuqediwe. UNehemiya wabizela wonke amaLevi eJerusalema ukuze linikezelwe. Wawahlela aba amaqembu amabili abaculi. Anyuka ngezitebhisi zeSango Lesiphethu egudla udonga elinye iqembu laya ngakwesokudla elinye laya ngakwesobunxele sedolobha. Aculela uJehova edlala amacilongo, amasimbali namahabhu. U-Ezra wayehamba neqembu elilodwa kanti uNehemiya wayehamba nelinye, baze bafika ethempelini. Bonke abantu—amadoda, abesifazane nezingane—benza imihlatshelo kuJehova futhi bajabula. Umsindo wenjabulo yabo wawuzwakala kude le.

“Asikho isikhali esenzelwe ukulwa nawe esiyoke siphumelele.”—Isaya 54:17

Imibuzo: Kungani uNehemiya aya eJerusalema? Kwathatha isikhathi esingakanani ukwakha kabusha izindonga zaseJerusalema?

Nehemiya 1:1-11; 2:1-20; 4:1-23; 5:14; 6:1-19; 12:27-43

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela