Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 69 k. 164-k. 165 isig. 2
  • UGabriyeli Uvakashela UMariya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UGabriyeli Uvakashela UMariya
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingelosi Ihambela UMariya
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 69 k. 164-k. 165 isig. 2
Ingelosi uGabriyeli ibonakala kuMariya

ISIFUNDO 69

UGabriyeli Uvakashela UMariya

Ingelosi uGabriyeli ibonakala kuMariya

U-Elizabethi wayenesihlobo esibizwa ngokuthi uMariya, esasihlala eGalile edolobheni laseNazaretha. UMariya wayezoshada noJosefa, umbazi. Lapho u-Elizabethi esenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe, ingelosi uGabriyeli yabonakala kuMariya. Yathi: ‘Sawubona, Mariya. UJehova ukubonise umusa omkhulu.’ UMariya wayengaqondi ukuthi uGabriyeli usho ukuthini. Wathi kuye: ‘Uzokhulelwa futhi uzale indodana, kumelwe uyibize ngokuthi uJesu. Izoba yiNkosi. UMbuso wayo awusoze waphela.’

UMariya wathi: ‘Ngingakhulelwa kanjani ngoba ngiyintombi nto?’ UGabriyeli wathi: ‘Ayikho into engenzeki kuJehova. Umoya ongcwele uzokwehlela kuwe bese uthola indodana. U-Elizabethi isihlobo sakho naye ukhulelwe.’ UMariya wabe esethi: ‘Ngiyincekukazi kaJehova. Makwenzeke njengoba usho.’

UJosefa ushada uMariya okhulelwe

UMariya wabe esehamba eyovakashela u-Elizabethi. Lapho uMariya ebingelela u-Elizabethi, ingane ka-Elizabethi yakhahlela esiswini sakhe. Egcwele umoya ongcwele, wathi: ‘UJehova ukubusisile Mariya. Ngiyajabula ukubona umama weNkosi engena emzini wami.’ UMariya wathi: ‘Ngidumisa uJehova ngenhliziyo yami yonke.’ UMariya wahlala izinyanga ezithathu no-Elizabethi wabe esebuyela kubo eNazaretha.

Lapho uJosefa ethola ukuthi uMariya ukhulelwe, wafuna ukuhlukana naye. Kodwa ingelosi yabonakala kuye ephusheni, yathi: ‘Ungesabi ukushada naye. Akukho okubi akwenzile.’ Ngakho uJosefa washada noMariya wamletha emzini wakhe.

“UJehova wenza konke athanda ukukwenza, ezulwini nasemhlabeni.”—IHubo 135:6

Imibuzo: UGabriyeli wathini kuMariya mayelana nendodana yakhe? U-Elizabethi noMariya babezizwa kanjani ngalokho okwakwenzeke kubo?

Mathewu 1:18-25; Luka 1:26-56; Isaya 7:14; 9:7; Daniyeli 2:44; Galathiya 4:4

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela