Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 72 k. 170-k. 171 isig. 2
  • UJesu Esemusha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Esemusha
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wamukela Isiqondiso Saphezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukhulela ENazaretha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 72 k. 170-k. 171 isig. 2
UJesu oneminyaka eyishumi nambili uhlezi phakathi kwabafundisi ethempelini

ISIFUNDO 72

UJesu Esemusha

UJosefa noMariya babehlala eNazaretha noJesu namanye amadodana namadodakazi abo. UJosefa wayebaza ukuze ondle umndeni wakhe futhi wayewufundisa ngoJehova nangeMithetho yakhe. Umndeni wawuya njalo esinagogeni ukuze uyokhonza uNkulunkulu futhi njalo ngonyaka wawuya eJerusalema emkhosini wePhasika.

Lapho uJesu eneminyaka engu-12, umndeni wakubo wathatha uhambo olude oluya eJerusalema njengoba wawuhlale wenza. Idolobha laligcwele abantu ababezogubha iPhasika. Ngemva kwalokho, uJosefa noMariya babuyela ekhaya, bezitshela ukuthi uJesu uhamba nabo. Kodwa lapho bembheka ezihlotsheni zabo, abazange bamthole.

Babuyela eJerusalema beyombheka; kwaze kwaphela izinsuku ezintathu bemthungatha. Ekugcineni, baya ethempelini. UJesu wayehleli lapho, phakathi kwabafundisi, ebalele ngempela futhi ebabuza imibuzo enengqondo. Abafundisi babekhexile kangangokuthi baqala ukubuza uJesu imibuzo. Zazibamangaza izimpendulo zakhe. Zazibonisa ukuthi uwazi kahle uMthetho kaNkulunkulu.

UJosefa noMariya bebekhathazeke kakhulu. UMariya wathi: ‘Ndodana, sesikubheke yonke indawo! Ubukuphi?’ UJesu wathi: ‘Beningazi yini ukuthi kufanele ngibe sendlini kaBaba?’

UJesu wabuyela ekhaya nabazali bakhe eNazaretha. UJosefa wafundisa uJesu ukubaza. Ucabanga ukuthi uJesu wayenjani ngesikhathi eyinsizwa? Njengoba ekhula, uJesu wahlakanipha nakakhulu futhi wathandeka kuNkulunkulu nakubantu.

UJosefa noMariya bahlezi etafuleni noJesu nabafowabo nodadewabo

“O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”—IHubo 40:8

Imibuzo: UJosefa noMariya bamtholaphi uJesu? Kungani ayelapho?

Mathewu 13:55, 56; Marku 6:3; Luka 2:40-52; 4:16; Duteronomi 16:15, 16

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela