Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 76 k. 180-k. 181 isig. 2
  • UJesu Uhlanza Ithempeli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uhlanza Ithempeli
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uhlanza Ithempeli
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 76 k. 180-k. 181 isig. 2
UJesu uxosha izilwane ethempelini ngesiswebhu, ugumbuqela amatafula abashintshi bemali

ISIFUNDO 76

UJesu Uhlanza Ithempeli

Ngentwasahlobo ka-30 C.E., uJesu waya eJerusalema. Abantu abaningi babeze kuleli dolobha ukuzogubha iPhasika. Kulo mcimbi babenza imihlatshelo yezilwane. Abanye abantu babezifikela nezabo izilwane kodwa abanye babezithenga eJerusalema.

Lapho uJesu efika ethempelini wafica abantu bezidayisela khona izilwane. Babezenzela imali phakathi endlini yokukhonza uJehova! Yini uJesu ayenza? Wenza isiswebhu ngezintambo futhi waxosha ngaso izimvu nezinkomo ethempelini. Wagumbuqela amatafula abashintshi bemali, wayichitha phansi yonke imali yabo. Kulabo ababedayisa amajuba, uJesu wathi: ‘Susani lezi zinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba ibe yindawo yamabhizinisi!’

Abantu ababesethempelini kwabamangaza lokho uJesu ayekwenza. Abafundi bakhe bakhumbula isiprofetho esimayelana noMesiya, esithi: ‘Ngiyoyishisekela kakhulu indlu kaJehova.’

Kamuva, ngonyaka ka-33 C.E., uJesu walihlanza okwesibili ithempeli. Wayengeke avumele muntu ukuba adelele indlu kaYise.

“Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.”—Luka 16:13

Imibuzo: Yini uJesu ayenza lapho ebona abantu bedayisa izilwane ethempelini? Wayekwenziswa yini lokho uJesu?

Mathewu 21:12, 13; Marku 11:15-17; Luka 19:45, 46; Johane 2:13-17; IHubo 69:9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela