Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 78 k. 184-k. 185 isig. 1
  • UJesu Ushumayela NgoMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ushumayela NgoMbuso
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • “Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70 Ukuba Bayoshumayela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 78 k. 184-k. 185 isig. 1
UJesu ushumayela nomfundi wakhe

ISIFUNDO 78

UJesu Ushumayela NgoMbuso

Ngokushesha ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu waqala ukushumayela: ‘UMbuso kaNkulunkulu ususondele.’ Abafundi babemlandela njengoba ehamba eGalile naseJudiya. Lapho uJesu ebuyela eNazaretha, wangena esinagogeni, wavula umqulu ka-Isaya wawufunda ngokuzwakalayo: ‘UJehova unginike umoya ongcwele ukuze ngishumayele izindaba ezinhle.’ Kwakusho ukuthini lokho? Kwakusho ukuthi nakuba abantu babefuna ukubona uJesu enza izimangaliso, isizathu esiyinhloko sokuba athole umoya ongcwele kwakuwukushumayela izindaba ezinhle. Wabe esetshela izilaleli zakhe: ‘Namuhla lesi siprofetho sigcwalisekile.’

Esuka lapho, uJesu waya oLwandle LwaseGalile, lapho ahlangana khona nabafundi bakhe abane, ababengabadobi. Wathi kubo: ‘Wozani nihambe nami, ngizonenza nibe abadobi babantu.’ KwakunguPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane. Balishiya ngokushesha ibhizinisi labo lokudoba, bamlandela. Balihamba lonke elaseGalile, beshumayela ngoMbuso kaJehova. Bashumayela emasinagogeni, ezimakethe nasemigwaqweni. Kwakukhona isixuku sabantu esasilokhu sibalandela. Izindaba ngoJesu zasakazeka kuyo yonke indawo, ngisho naseSiriya.

Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu wanika abanye kubalandeli bakhe amandla okwelapha abagulayo nawokuxosha amademoni. Abanye babehamba naye njengoba ayeshumayela esuka kwelinye idolobha eya kwelinye engena nasemizini. Abesifazane abathile abathembekile, abanjengoMariya Magdalena, uJowana, uSusana nabanye, babenakekela izidingo zikaJesu nabalandeli bakhe.

Ngemva kokuqeqesha abafundi bakhe, uJesu wabathuma ukuba bayoshumayela. Njengoba benqamula lonke iGalile, baningi abanye ababa abafundi futhi babhapathizwa. Baningi ababefuna ukuba abafundi kangangokuthi uJesu wabafanisa nensimu esilungele ukuvunwa. Wathi: ‘Thandazani kuJehova ukuba alethe ezinye izisebenzi ukuze zivune emasimini.’ Kamuva wakhetha abangu-70 kubafundi bakhe futhi wabathuma ngababili ukuba bayoshumayela kulo lonke elaseJudiya. Bafundisa zonke izinhlobo zabantu ngoMbuso. Abafundi babuya bejabule futhi befuna ukutshela uJesu izinto ezazenzekile. Ayikho into uDeveli ayengayenza ukuze avimbe umsebenzi wokushumayela.

UJesu waqinisekisa ukuthi abafundi bakhe bazoqhubeka nalo msebenzi obalulekile ngisho noma esebuyele ezulwini. Wathi kubo: ‘Shumayelani izindaba ezinhle kuwo wonke umhlaba. Nifundise abantu iZwi likaNkulunkulu futhi nibabhapathize.’

“Nakwamanye amadolobha kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngoba ngathunyelwa lokho.”—Luka 4:43

Imibuzo: UJesu wabanika muphi umsebenzi abafundi bakhe? Abafundi babezizwa kanjani ngomsebenzi wabo?

Mathewu 4:17-25; 9:35-38; 28:19, 20; Marku 1:14-20; Luka 4:14-21; 8:1-3; 10:1-22

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela