Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 79 k. 186-k. 187 isig. 2
  • UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wayebathanda Abantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Singavuka Uma Sifile!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 79 k. 186-k. 187 isig. 2
Abantu abagulayo beza kuJesu ukuze abelaphe

ISIFUNDO 79

UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi

UJesu weza emhlabeni ukuze amemezele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ukuze uJesu abonise lokho azokwenza lapho eseyiNkosi, wenza izimangaliso esebenzisa umoya ongcwele ayewunikwe uJehova. Wayekwazi ukwelapha zonke izinhlobo zokugula. Nomaphi lapho ayeya khona, abantu abagulayo babeza kuye futhi wayebelapha bonke. Wayevula amehlo ezimpumputhe, evula izindlebe zezithulu, esiza abakhubazekile bakwazi ukuhamba futhi ekhipha amademoni kubantu. Ngisho noma bethinta umphetho wengubo yakhe babelapheka. UJesu wayehlale elandelwa abantu nomaphi lapho ayeya khona. UJesu wayengabaxoshi abantu ngisho noma ayefuna ukuba yedwa.

Ngolunye usuku abantu baletha indoda eyayikhubazekile endlini uJesu ayefikele kuyo. Kodwa indlu yayigcwele kangangokuba kwakungangeneki. Ngakho bavula imbobo ophahleni lwendlu, base beyehlisa ngezintambo le ndoda ekhubazekile. UJesu wathi kule ndoda: ‘Sukuma, uhambe.’ Abantu bamangala lapho bebona le ndoda ihamba.

Ngesinye isikhathi, lapho uJesu engena komunye umuzi, amadoda ayishumi anochoko ayemi budebuduze nomuzi amemeza athi: ‘Jesu, sisize!’ Ngalezo zinsuku, abantu abanochoko kwakumelwe bahlale kude nabantu. UJesu wathi la madoda awahambe aye ethempelini, njengoba uMthetho kaJehova wawuthi umuntu onochoko kumelwe aye ethempelini ngemva kokwelapheka. Ngesikhathi esendleleni eya khona elapheka. Lapho oyedwa kwababenochoko ebona ukuthi seluphelile uchoko lwakhe, wabuyela kuJesu wafike wabonga, wadumisa uNkulunkulu. Kula madoda ayishumi elashwa, nguye kuphela owabuya wazobonga uJesu.

Owesifazane owayesegule iminyaka engu-12 wayesezame konke futhi eludinga ngempela usizo. Phakathi kwesixuku sabantu, wanyonyoba weza kuJesu wafike wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokushesha, welapheka. Lapho kwenzeka lokho, uJesu wabuza: “Ubani ongithintile?” Lona wesifazane wethuka kakhulu kodwa waziveza, watshela uJesu lonke iqiniso. UJesu wamduduza wathi kuye: ‘Ndodakazi, hamba ngokuthula.’

Isikhulu esibizwa ngokuthi uJayiru sancenga uJesu: ‘Ngicela uze endlini yami! Indodakazi yami igula kakhulu.’ Kodwa intombazane yashona ngaphambi kokuba uJesu afike emzini kaJayiru. Lapho uJesu efika, wabona abantu abaningi ababezoduduza umndeni kaJayiru. UJesu wathi kubo: ‘Ningakhali ngoba intombazane ilele nje.’ Wabe esebamba isandla sentombazane wathi: “Ntombazane vuka!” Ngokushesha intombazane yavuka uJesu wabe esetshela abazali bayo ukuba bayinike ukudla. Cabanga nje indlela abazali abazizwa ngayo!

UJesu uvusa indodakazi kaJayiru

“UNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele nangamandla, futhi walihamba lonke izwe enza okuhle, ephulukisa bonke abacindezelwe uDeveli, ngoba uNkulunkulu wayenaye.”—IzEnzo 10:38

Imibuzo: Kungani uJesu wayekwazi ukwelapha zonke izinhlobo zokugula? Kwenzekani endodakazini kaJayiru?

Mathewu 9:18-26; 14:36; Marku 2:1-12; 5:21-43; 6:55, 56; Luka 6:19; 8:41-56; 17:11-19

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela