Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 82 k. 192-k. 193 isig. 2
  • UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngemithandazo Ezwiwa NguNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ingabe Kufanele Sithandaze KuJesu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 82 k. 192-k. 193 isig. 2
UmFarisi uthandaza endaweni egcwele abantu, abantu bayama bambuke

ISIFUNDO 82

UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

Yonke into abaFarisi ababeyenza babeyenzela ukubukwa abantu. Uma benza into enhle, babeyenzela ukubukwa abantu. Babethandaza ezindaweni ezigcwele abantu ukuze babonwe. AbaFarisi babebamba ngekhanda imithandazo emide bese beyiphinda emasinagogeni nasemakhoneni emigwaqo ukuze abantu babezwe. Ngakho abantu bamangala lapho uJesu ebatshela ukuthi: ‘Ningathandazi njengabaFarisi. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu uyajabula lapho benza imithandazo emide, kodwa akajabuli. Umthandazo uyinto ephakathi kwakho noJehova. Ungaphindaphindi into eyodwa. UJehova ufuna umtshele indlela ozizwa ngayo ngempela.

Umfana uyaguqa ukuze athandaze

‘Kufanele nithandaze kanje: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”’ UJesu wabatshela nokuthi kufanele bathandazele ukuba bathole ukudla kosuku, bathandazele ukuthethelelwa izono zabo nezinye izinto abazidingayo.

UJesu wathi: ‘Ningakuyeki ukuthandaza. Qhubekani nicela izinto ezinhle kuBaba wenu, uJehova. Bonke abazali bafunela izingane zabo izinto ezinhle. Uma indodana yakho icela isinkwa, ungayinika yini itshe? Uma icela inhlanzi, ungayinika yini inyoka?’

UJesu wabe esechaza isifundo: ‘Uma nikwazi ukunikeza izingane zenu izinto ezinhle, yini engahlula uBaba wenu, uJehova, ukuba aninike umoya ongcwele? Iyodwa nje kuphela into okumelwe niyenze; ukuthi nicele.’ Wena uyakwenza yini lokho okwashiwo uJesu? Yiziphi izinto ozithandazelayo?

“Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.”—Mathewu 7:7

Imibuzo: UJesu wathi abafundi bakhe kufanele bathandaze kanjani? Uyazithandazela yini izinto ezibalulekile kuwe?

Mathewu 6:2-18; 7:7-11; Luka 11:13

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela