Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 90 k. 210
  • UJesu Ufela EGolgotha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ufela EGolgotha
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UPilatu NoHerode Bathi Akanacala
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuyela KuPilatu Futhi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuya Futhi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wayengubani Upontiyu Pilatu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 90 k. 210
Umphathi wamasosha, nabanye abafundi bakaJesu, uMariya noJohane babuka uJesu njengoba ebethelwe esigxotsheni

ISIFUNDO 90

UJesu Ufela EGolgotha

Abapristi abakhulu bayisa uJesu esigodlweni sikandunankulu. UPilatu wababuza: ‘Yenzeni le ndoda?’ Bathi: ‘Ithi iyinkosi!’ UPilatu wabe esebuza uJesu: ‘UyiNkosi yamaJuda yini?’ UJesu wamphendula wathi: ‘UMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.’

Ngakho uPilatu wathumela uJesu kuHerode, umbusi waseGalile ukuze abone ukuthi unecala yini. UHerode naye wamthola engenacala uJesu ngakho wamphindisela kuPilatu. UPilatu wabe esetshela abantu ukuthi: ‘Mina noHerode asitholanga lutho olubi olwenziwe yile ndoda ngakho ngiyayikhulula.’ Isixuku samemeza sathi: ‘Makabulawe! Makafe!’ Amasosha abhaxabula uJesu ngesiswebhu, amkhafulela futhi amshaya ngezimpama. Abeka umqhele wameva ekhanda lakhe, ngokwedelela athi kuye: ‘Sawubona Nkosi yamaJuda.’ Waphinda futhi uPilatu wathi esixukwini: ‘Le ndoda ayinacala.’ Kodwa samemeza sathi: ‘Makabethelwe esigxotsheni!’ Ngakho uPilatu wamnikela kubo ukuze bambulale.

Bayisa uJesu endaweni ebizwa ngokuthi iGolgotha, bafike bambethela esigxotsheni. UJesu wathandaza wathi: ‘Baba, baxolele ngoba abakwazi abakwenzayo.’ Abantu babehlekisa ngoJesu bethi kuye: ‘Uma uyiNdodana kaNkulunkulu ngempela, yehla kuleso sigxobo! Zisindise phela.’

Esinye isigebengu esasibethelwe eceleni kwakhe sathi: ‘Ungikhumbule lapho ungena eMbusweni wakho.’ UJesu wathi: “Uyokuba nami ePharadesi.” Ntambama ngalolo suku, kwaphela amahora amathathu kumnyama ezweni lonke. Abanye abafundi bakaJesu kanye nomama wakhe uMariya, babemi eduze kwesigxobo. UJesu watshela uJohane ukuba anakekele uMariya amphathe njengomama wakhe.

Ekugcineni uJesu wathi: “Kufeziwe!” Wagobisa ikhanda lakhe wabe eseshona. Ngaleso sikhathi, kwaba nokuzamaza okukhulu komhlaba. Ethempelini kwadabuka phakathi ikhethini elihlukanise iNgcwele neNgcwelengcwele. Owayephethe amasosha wathi: ‘UbeyiNdodana KaNkulunkulu ngempela!’

“Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, zigcwalisekile ngayo.”—2 Korinte 1:20

Imibuzo: Kungani uPilatu avumela uJesu wabulawa? UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayebathanda abanye abantu?

Mathewu 27:11-14, 22-31, 38-56; Marku 15:2-5, 12-18, 25, 29-33, 37-39; Luka 23:1-25, 32-49; Johane 18:28–19:30

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela