Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 91 k. 212-k. 213 isig. 1
  • UJesu Uyavuswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyavuswa
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Ukhumbula Indodana Yakhe
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Uyaphila
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uyaphila!
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 91 k. 212-k. 213 isig. 1
Abesifazane bayamangala lapho bethola ithuna likaJesu lingenalutho

ISIFUNDO 91

UJesu Uyavuswa

Lapho uJesu eseshonile, indoda ecebile ebizwa ngokuthi uJosefa yacela kuPilatu ukuba yehlise isidumbu sikaJesu esigxotsheni. UJosefa wagcoba umzimba kaJesu ngamakha, wawusonga ngendwangu ebizayo yelineni wabe esewungcwaba ethuneni elisha. Ithuna walivala ngetshe elisindayo. Umpristi omkhulu wathi kuPilatu: ‘Sesaba ukuthi abafundi bakaJesu bazosithatha isidumbu sakhe bese bethi uvusiwe.’ Ngakho uPilatu wathi kubo: ‘Bekani onogada ethuneni.’

Ngemva kwezinsuku ezintathu, ekuseni kakhulu, abesifazane abathile baya ethuneni bafike bathola itshe lisusiwe. Phakathi ethuneni kwakukhona ingelosi eyathi kubo: ‘Ningesabi. UJesu uvusiwe. Hambani niyotshela abafundi bakhe ukuthi bazohlangana naye eGalile.’

UMariya Magdalena waphuthuma waya kuPetru noJohane. Wafike wathi kubo: ‘Kukhona othathe isidumbu sikaJesu!’ UPetru noJohane bagijima baya ethuneni. Lapho bebona ukuthi ngempela alinalutho, baphindela emakhaya abo.

Lapho uMariya ephindela ethuneni, wabona izingelosi ezimbili phakathi ethuneni, wathi kuzo: ‘Angazi ukuthi bayise kuphi iNkosi yami.’ UMariya wabe esebona indoda ethile ayezitshela ukuthi ilungisa ingadi, wathi kuyo: ‘Mnumzane, ngicela ungitshele ukuthi umbekephi.’ Kodwa lapho le ndoda ithi, “Mariya!” wavele wabona ukuthi nguJesu. Wamemeza: “Mfundisi!” wabe esembamba. UJesu wathi kuye: ‘Hamba uyotshela abafowethu ukuthi ungibonile.’ UMariya waphuthuma ngaso leso sikhathi waya kubafundi wabatshela ukuthi umbonile uJesu.

Kamuva ngalolo suku, abafundi ababili babesuka eJerusalema beya e-Emawuse. Indoda ethile yahambisana nabo emgwaqweni, yabuza ukuthi bakhuluma ngani. Bathi kuyo: ‘Hhawu awukezwa? Ezinsukwini ezintathu ezidlule, umpristi ophakeme ubulale uJesu. Manje kunabesifazane abathi uyaphila!’ Le ndoda yababuza: ‘Anibakholelwa yini abaprofethi? Bathi uKristu uyokufa bese eyavuswa.’ Waqhubeka ebachazela imiBhalo. Lapho sebefikile e-Emawuse, laba bafundi bacela le ndoda ukuba ingene nabo. Lapho le ndoda ithandaza ngaphambi kokuba badle, abafundi babona ukuthi uJesu lona. Wabe esenyamalala.

Laba bafundi ababili baphuthuma baya eJerusalema bafike bathola abaphostoli behlangene base bebatshela lokho okwenzekile. Ngesikhathi belapho, ngaphakathi endlini, uJesu wabonakala kubo bonke. Ekuqaleni, abaphostoli babengakholwa ukuthi uJesu ngempela. Wabe esethi: ‘Bhekani izandla zami; ngithinteni. Kulotshiwe ukuthi uKristu uyovuswa ekufeni.’

“Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6

Imibuzo: Yini eyenzeka lapho abesifazane beya ethuneni likaJesu? Yini eyenzeka endleleni eya e-Emawuse?

Mathewu 27:57–28:10; Marku 15:42–16:8; Luka 23:50–24:43; Johane 19:38–20:23

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela