Isethulo Sengxenye 10
UJehova uyiNkosi phezu kwakho konke. Ubelokhu enamandla futhi uyohlala enamandla. Ngokwesibonelo, wasindisa uJeremiya emgodini ojulile. Wavikela uShadiraki, uMeshaki no-Abedinego emlilweni omkhulu kanye noDaniyeli emabhubesini. UJehova wavikela u-Esteri ukuze akwazi ukusindisa isizwe sonke. Ngeke avumele izinto ezimbi ziqhubeke zikhona. Iziprofetho zesithombe nesihlahla esikhulu zisiqinisekisa ngokuthi maduze uMbuso kaJehova uzobuqeda ububi lapho usubusa emhlabeni.