INGOMA 124
Yiba Qotho Njalo
Uhlelo Oluprintiwe
1. Mas’be qotho kuJehova
Sibonise uthando.
Njengabazinikezele,
Abagcin’ imiyalo.
Izeluleko zikaJah,
Siyoz’lalela njalo.
Yen’ uqoth’ uthembekile;
Siyomethemba njalo.
2. Mas’be qotho k’bafowethu,
Ngezikhathi zosizi.
Sinakane, Sithembane,
Sibe nesihe kubo.
Siyabazisa kakhulu,
Futhi s’yabahlonipha.
Mas’vumele iZwi l’kaJah
Lisenze sibe munye.
3. Mas’be qotho kubadala,
Sibambisane nabo.
Silalel’ iziqondiso
Ngok’suk’ enhliziyweni.
Khona-ke siyoqiniswa,
Yis’busiso sikaJah.
Mas’beqotho sibe munye,
S’ngaphinde sihlukane.
(Bheka neHu. 149:1; 1 Thim. 2:8; Heb. 13:17.)