Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • th isif. 1 k. 4
  • Isethulo Esiphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isethulo Esiphumelelayo
  • Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izethulo Eziphumelelayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Isethulo Esivusa Isithakazelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
th isif. 1 k. 4

ISIFUNDO 1

Isethulo Esiphumelelayo

UmBhalo obekiwe

IzEnzo 17:22

OKUFANELE UKWENZE: Isethulo sakho kufanele senze izilaleli zilangazelele ukuzwa okwengeziwe, zazi ukuthi yini okuzokhulunywa ngayo, nokuthi kungani kubalulekile kuzo lokho ozoxoxa ngakho.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yenza izilaleli zilangazelele ukuzwa ozoxoxa ngakho. Khetha umbuzo, umusho, indaba eyenzeka ngempela noma izindaba ezisematheni, okuzokwenza izilaleli zifune ukuzwa okwengeziwe.

    Icebiso

    Njengoba ulungiselela, cabangisisa ngezinto izilaleli zakho ezizithandayo nezinto ezizikhathazayo, bese ukhetha isethulo esifanelekayo.

  • Veza ukuthi inkulumo yakho imayelana nani. Qiniseka ukuthi isethulo sakho senza kucace ezilalelini ukuthi inkulumo yakho imayelana nani, nokuthi yini ofisa ukuyifeza ngayo.

  • Bonisa ukuthi kungani indaba oxoxa ngayo ibalulekile. Okushoyo kufanele kuvumelane nezidingo zezilaleli zakho. Kufanele kucace kuzo ukuthi indaba oxoxa ngayo izozisiza kanjani.

    Icebiso

    Lapho ulungiselela inkulumo, zibuze: ‘Yiziphi izimo abafowethu nodadewethu ebandleni ababhekene nazo?’ Yibe sewenza isethulo sakho sivumelane nezidingo zabo.

ENSIMINI

Ukuze uthole ukuthi yini umuntu oxoxa naye angase akujabulele ukuyizwa, qaphelisisa izinto omfica ezenza uphawule nezinto ozibona endlini noma egcekeni. Yibe usuqalisa ingxoxo yakho ngokubuza umbuzo noma uphawule kafushane ngezinto ozibonayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela