ISIFUNDO 12
Imfudumalo Nozwela
1 Thesalonika 2:7, 8
OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngokusuka enhliziyweni, ubonise ukuthi unendaba nezilaleli zakho.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Cabanga ngezilaleli zakho. Khumbula izinkinga izilaleli zakho ezibhekene nazo ukuze ukwazi ukuzwelana nazo. Zama ukuzifaka ezicathulweni zazo.
Wakhethe kahle amagama ozowasebenzisa. Umgomo wakho kufanele kube ukuvuselela, ukududuza nokuqinisa izilaleli zakho. Gwema izinkulumo ezingase ziphoxe izilaleli, futhi ungakhulumi ngokunganaki ngabantu abangakholelwa kuJehova noma ngezinkolelo zabo.
Bonisa ukuthi unendaba nezilaleli zakho. Bonisa izilaleli zakho ukuthi unendaba nazo ngokukhuluma ngezwi elinomusa, nangendlela onyakazisa ngayo umzimba wakho. Yiqaphele nendlela onyakazisa ngayo ubuso; momotheka.