ISIFUNDO 14
Singamkhonza Kanjani UNkulunkulu Ngendlela Ezomjabulisa?
Njengoba sixoxile esifundweni esidlule, akuzona zonke izinkolo ezimjabulisayo uNkulunkulu. Kodwa singakwazi ukukhonza uMdali wethu ngendlela ezomjabulisa. Iyiphi “indlela yokukhulekela [noma yokukhonza]” emjabulisayo? (Jakobe 1:27, umbhalo waphansi) Cabanga ngalokho okufundiswa iBhayibheli.
1. Ukukhonza kwethu uNkulunkulu kufanele kusekelwe kuphi?
Indlela yethu yokukhonza kufanele isekelwe eBhayibhelini. UJesu wathi kuNkulunkulu: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Ezinye izinkolo azilinaki iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. Esikhundleni salo zifundisa izimfundiso namasiko abantu. Kodwa uJehova akajabuli ngalabo ‘abawushaya indiva umyalo kaNkulunkulu.’ (Funda uMarku 7:9.) Ngakolunye uhlangothi, lapho sinamathela eBhayibhelini futhi silandela iseluleko salo, siyamjabulisa.
2. Kufanele simkhonze kanjani uJehova?
Kufanele sizinikele kuJehova kuphela ngoba unguMdali wethu. (IsAmbulo 4:11) Lokho kusho ukuthi kumelwe simthande futhi sikhonze yena yedwa, ngaphandle kokusebenzisa izithombe.—Funda u-Isaya 42:8.
Indlela yethu yokukhonza kumelwe ibe ‘ngcwele yamukeleke’ kuJehova. (Roma 12:1) Lokho kusho ukuthi kudingeka siphile ngemithetho yakhe. Ngokwesibonelo, labo abathanda uJehova bayayithanda futhi bayayilalela imithetho yakhe ephathelene nomshado. Bayayigwema imikhuba elimazayo enjengokubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala.a
3. Kungani kufanele sikhonze uJehova sikanye nabanye?
Imihlangano esiba nayo masonto onke isinikeza ithuba ‘lokudumisa uJehova ebandleni.’ (IHubo 111:1, 2) Enye yezindlela esikwenza ngayo lokhu ukuculela uNkulunkulu izingoma zokumdumisa. (Funda iHubo 104:33.) UJehova usicela ukuba siye emihlanganweni ngoba uyasithanda futhi uyazi ukuthi izosisiza siphile phakade. Emihlanganweni siyakhuthazana.
FUNDA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi kungani uJehova engafuni sisebenzise izithombe lapho simkhonza. Funda izindlela ezibalulekile esingamdumisa ngazo uNkulunkulu.
4. Akufanele sisebenzise izithombe lapho sikhonza uNkulunkulu
Sazi kanjani ukuthi ukwenza kanjalo ngeke kumjabulise uNkulunkulu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.
Kwenzekani lapho abanye abantu ababekhonza uNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli bezama ukumkhonza ngezithombe?
Abanye abantu bazama ukusondelana noNkulunkulu ngokusebenzisa izithombe lapho bemkhonza. Kodwa ukwenza kanjalo ngeke yini kumqhelise? Fundani u-Eksodusi 20:4-6 neHubo 106:35, 36, bese nixoxa ngale mibuzo:
Yiziphi izinto noma izithombe oye wabona abantu bezisebenzisa lapho bekhonza?
UJehova uzizwa kanjani ngokusebenzisa izithombe?
Wena uzizwa kanjani ngokusebenzisa izithombe?
5. Ukukhonza uJehova kuyasikhulula ezimfundisweni ezingamanga
Bona ukuthi ukukhonza uJehova ngendlela efanele kungasikhulula kanjani ezimfundisweni zamanga. Dlalani IVIDIYO.
Fundani iHubo 91:14, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini uJehova athembisa ukusenzela yona lapho sibonisa ukuthi siyamthanda ngokukhonza yena yedwa?
6. Sikhonza uNkulunkulu emihlanganweni yebandla
Sidumisa uJehova futhi sakhane ngokucula nokunikeza izimpendulo emihlanganweni yebandla. Fundani iHubo 22:22, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ingabe ukuthandile ukuzwa abantu bephendula emihlanganweni?
Ungathanda ukulungiselela ukuze ukwazi ukuphendula?
7. UJehova uyajabula lapho sixoxela abanye esikufundile
Ziningi izindlela zokuxoxela abanye amaqiniso esiwafunde eBhayibhelini. Fundani amaHubo 9:1 no-34:1, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini oyifunde eBhayibhelini ongathanda ukuyixoxela omunye umuntu?
ABANYE ABANTU BATHI: “Kunzima ukujabulisa uNkulunkulu.”
Wena ucabangani?
UKUBUYEKEZA
Sijabulisa uMdali wethu lapho sikhonza yena yedwa, simdumisa emihlanganweni yebandla futhi sixoxela abanye lokho esesikufundile.
Ufundeni?
Singayifundaphi indlela yokukhonza uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo?
Kungani kufanele sikhonze uJehova kuphela?
Kungani kufanele sikhonze kanye nabanye abafuna ukujabulisa uNkulunkulu?
HLOLA OKWENGEZIWE
Endabeni ethi “Angisesona Isigqila Sezithombe,” funda ukuthi owesifazane othile wayeka kanjani ukukhonza izithombe.
“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2011)
Funda ukuthi yini engakusiza uphendule emihlanganweni yebandla.
Bona ukuthi insizwa ethile yazuza kanjani emihlanganweni yebandla nakuba kwakungelula ukuya kuyo.
Abantu abaningi bahlobanisa isiphambano nobuKristu, kodwa ingabe kufanele sisisebenzise lapho sikhonza uNkulunkulu?
a Kuzoxoxwa ngalezi zinto ezifundweni ezilandelayo.