Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 55
  • Sekela Ibandla Okulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sekela Ibandla Okulo
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Siyambonga UJehova Ngenxa Yothando Lwenu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • “Isipho SikaJehova”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Lithini IBhayibheli Ngomsebenzi Nemali?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 55
ISifundo 55. Abazalwane nodade basiza ekulungiseni iHholo LoMbuso ngaphandle.

ISIFUNDO 55

Sekela Ibandla Okulo

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Emhlabeni wonke, abantu abayizigidi eziningi bakhonza uJehova ngenjabulo emabandleni amaningi. Bayajabula ngemfundo neziqondiso abazitholayo, futhi basekela amabandla ngenhliziyo yonke ngezindlela eziningi. Ingabe yileyo ndlela ozizwa ngayo ngebandla okulo?

1. Yiziphi izindlela ongasebenzisa ngazo isikhathi namandla akho ukuze usekele ibandla?

Sonke singasiza ebandleni. Ngokwesibonelo, bakhona yini abantu asebekhulile noma abagulayo ebandleni lenu? Ungakwazi yini ukubasiza bakwazi ukuya emihlanganweni? Noma, ungakwazi yini ukubasiza ngezinye izindlela, njengokubayela ezitolo noma ukubenzela imisebenzi yasendlini? (Funda uJakobe 1:27.) Singasiza nasekuhlanzeni iHholo lethu LoMbuso nasekuligcineni lisesimweni esihle. Akekho osiphoqayo ukuba senze lezi zinto. Ukuthanda kwethu uNkulunkulu nabafowethu kusenza ‘sizinikele ngokuzithandela.’​—IHubo 110:3.

OFakazi ababhapathiziwe bangasekela ibandla nangezinye izindlela. Abazalwane abanezimfanelo ezibhalwe eBhayibhelini bangaba izinceku ezikhonzayo, ngokuhamba kwesikhathi babe abadala. Abazalwane nodade bangasekela umsebenzi wokushumayela ngokuba amaphayona. Abanye oFakazi bangasiza ekwakheni izindawo abakhonzela kuzo noma bathuthele endaweni enebandla elidinga usizo.

2. Singazisebenzisa kanjani izinto esinazo ukuze sisekele ibandla?

‘Singadumisa uJehova ngezinto [zethu] eziyigugu.’ (IzAga 3:9) Kuyasijabulisa ukunikela ngemali nangezinye izinto esinazo ukuze sisekele ibandla esikulo kanye nomsebenzi wokushumayela emhlabeni. (Funda eyesi-2 Korinte 9:7.) Iminikelo yethu isekela nalapho kwenzeke izinhlekelele. Abaningi bakhetha ‘ukubeka eceleni okuthile’ njalo ukuze kube umnikelo. (Funda eyoku-1 Korinte 16:2.) Singafaka iminikelo emabhokisini asezindaweni esikhonzela kuzo noma sinikele kuyi-Inthanethi kuyiwebusayithi ethi donate.jw.org. UJehova usinika ithuba lokubonisa ukuthi siyamthanda ngendlela esikhetha ukusebenzisa ngayo izinto esinazo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Cabanga ngezinye zezindlela ongasekela ngazo ibandla.

3. Singasebenzisa izinto esinazo

UJehova noJesu bathanda umuntu opha ngenhliziyo evumayo. Ngokwesibonelo, uJesu waqaphela umfelokazi ohluphekayo owenza imizamo yokuba anikele. Fundani uLuka 21:1-4, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe kudingeka sinikele ngemali enkulu ukuze sijabulise uJehova?

  • UJehova noJesu bazizwa kanjani ngeminikelo yethu esuka enhliziyweni?

Ukuze ubone ukuthi iminikelo isetshenziswa kanjani, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: ‘Isipho SikaJehova’ (4:47)

  • Iminikelo isetshenziswa kanjani ngendlela ezuzisa amabandla emhlabeni?

Udade osekhulile ufaka umnikelo ebhokisini.

4. Singacela ukusiza

Ezikhathini zeBhayibheli, abantu ababekhonza uJehova babesebenza ngokuzimisela ukuze bagcine izindawo abakhonza kuzo zisesimweni esihle. Kodwa lokho kwakuhilela okungaphezu kokunikela ngemali. Fundani eyesi-2 IziKronike 34:9-11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UmIsrayeli ngamunye wayesiza kanjani ekunakekeleni indlu kaJehova, noma indawo ababekhonza kuyo?

Ukuze ubone ukuthi oFakazi BakaJehova basilandela kanjani leso sibonelo sasendulo, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngemibuzo elandelayo.

IVIDIYO: Ukunakekela Izindawo Zethu Zokukhonza (3:31)

Isithombe esithathwe kuyividiyo ethi ‘Ukunakekela Izindawo Zethu Zokukhonza.’ Amadoda, abesifazane nezingane bahlanza iHholo labo LoMbuso ngaphakathi.
  • Kungani kubalulekile ukugcina iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle?

  • Yiziphi ezinye zezindlela ongasiza ngazo?

OFakazi basiza ekwakhiweni kweHholo LoMbuso.

5. Abazalwane bangazama ukufinyelela imisebenzi eyengeziwe ebandleni

IBhayibheli likhuthaza amadoda angamaKristu ukuba enze konke angakwenza ukuze asekele ibandla. Ukuze ubone isibonelo salokho, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Bazalwane​—Zamani Ukufinyelela Umsebenzi Omuhle (5:19)

  • Kule vidiyo, yini uRyan ayenza ukuze alisekele ngokugcwele ibandla?

IBhayibheli liyachaza ukuthi kulindeleke ukuba babe abantu abanjani abazalwane abayizinceku ezikhonzayo nabadala. Fundani eyoku-1 Thimothewu 3:1-13, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini elindelekile kubazalwane abafisa ukuba izinceku ezikhonzayo noma abadala?

  • Yini elindeleke emindenini yabo?​—Bheka amavesi 4 no-11.

  • Lapho abazalwane bezama ukwenza okulindeleke kubo, lizuza kanjani ibandla?

Umzalwane osemusha uqhuba umzalwane osekhulile ngesihlalo esinamasondo njengoba besensimini.

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “OFakazi BakaJehova bayithathaphi imali yalezi zinto zabo?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

UJehova ujabula kakhulu ngemizamo yethu yokusekela ibandla esikulo ngesikhathi sethu, amandla nangezinto esinazo.

Ufundeni?

  • Singasisebenzisa kanjani isikhathi namandla ethu ukuze sisekele ibandla?

  • Singazisebenzisa kanjani izinto esinazo ukuze sisekele ibandla?

  • Ungathanda ukulisekela kanjani ibandla?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani uNkulunkulu engasakulindele ukuba izikhonzi zakhe zinikele okweshumi.

“Lithini IBhayibheli Ngokunikela Okweshumi?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

IBhayibheli labela amadoda abhapathiziwe izabelo ezithile. Kodwa kuthiwani uma owesifazane obhapathiziwe kudingeka enze lezo zabelo?

“Ukuqonda Indlela Ubunhloko Obusebenza Ngayo Ebandleni” (INqabayokulinda, Febhuwari 2021)

Bukela oFakazi abanesibindi abazidela kakhulu ukuze bahambisele abantu abakholwa nabo izincwadi.

Ukusakaza Izincwadi ZeBhayibheli ECongo (4:25)

Funda ukuthi umsebenzi wethu usekelwa kanjani ngezimali ngendlela ehluke kakhulu kweyezinye izinkolo.

“Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngezimali?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela